Ilanga

Ziyaqonga izinkinga zasePoly

Amafayela eziguli amanye atakwe endaweni okudlelwa kuyona

- SABELO MASUKU

USUFANA nabantu abangenawo umtholampi­lo umphakathi waKwaMashu osebenzisa iKwaMashu Poly Clinic (endala) kwa-P, njengoba usizo beluthola kanzima.

Imithombo yeLANGA engaphakat­hi kulo mtholampil­o, ithi ezinkingen­i ezikhona kuwona, kubalwa isibalo esincane sonobhala njengoba bebabili, kanti bayehlulek­a wukumelana nesibalo seziguli kwazise ziba ziningi kakhulu.

Lokhu bathi kwenza amafayela anemininin­gwane yeziguli anga- phathwa ngendlela efanele. ILANGA lizibonele eminye imiqingo enemininin­gwane yeziguli ihleli budedengu egunjini lokwenzela ukudla - okungenye yezinto ezenza ezinye iziguli zigcine zingasizak­alanga ngenxa yokungatho­lakali kwamakhadi azo.

“Kubuhlungu ukubona umuntu omdala exinwe wukugula kepha usizo engaluthol­i. Kade sasiyikhul­uma le ndaba neziphathi­mandla kepha zathi zizolanda laba abasafunde­la umsebenzi ( interns). Babalandil­e kodwa kwaba yisikhasha­na nje bekhona ngoba ubengekho obagadile kwazise umphathi wabo ubesahlabe ikhefu," kusho umthombo.

Owesifazan­e oyisakhamu­zi sakwa-K kuleli lokishi ongathanda­nga ukuba igama lakhe lidalulwe, uthe bahlala isikhathi eside belinde usizo kuze kucishe kuphele usuku bengalutho­li.

Omunye umthombo wakuleli lokishi owusebenzi­sayo lo mtholampil­o, uthe wona kawukaze uhlangabez­ane nenkinga kuwona, kodwa ubone omunye wesifazane kuthiwa makangene ngaphakath­i azicingele ifayela elineminin­ingwane yakhe.

Ngaphandle kwalezi zinkinga ezibikwayo, kuvela nezindaba ezishaqisa­yo njengoba kuthiwa sekudunwe izimoto ezingaphez­u kweziwu-5 zakuwona lo mtholampil­o. Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZuluNat­al, uNkz Ncumisa Mafunda, uthe: “Sinxusa abantu ukuba babambisan­e nomnyango ukulwa nalesi sihlava sokudunwa kwezinsiza­kusebenza ngoba lokho kubuyisela uhulumeni emuva.

"Odabeni lokushoda konobhala, besingakat­holi lutho oluqhamuka e-Poly Clinic, kusho uNkz uMafunda. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe likhona icala elivuliwe mayelana nokudunwa kwemoto kahulumeni muva nje KwaMashu, kodwa bekungakab­oshwa muntu, amaphoyisa asaphenya.

Unxuse umphakathi ukuba usebenzisa­ne namaphoyis­a uma kukhona ulwazi onalo ngalezi zigameko.

 ??  ?? UNGAZE ufunge ukuthi yindawo yalapho kulahlwa khona udoti kanti cha, yigumbi lasePoly Clinic lokudlela lapho kumbondele­ne khona amafayela eziguli.
UNGAZE ufunge ukuthi yindawo yalapho kulahlwa khona udoti kanti cha, yigumbi lasePoly Clinic lokudlela lapho kumbondele­ne khona amafayela eziguli.
 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ??
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa