Ziyaqonga izinkinga zasePoly
Amafayela eziguli amanye atakwe endaweni okudlelwa kuyona
USUFANA nabantu abangenawo umtholampilo umphakathi waKwaMashu osebenzisa iKwaMashu Poly Clinic (endala) kwa-P, njengoba usizo beluthola kanzima.
Imithombo yeLANGA engaphakathi kulo mtholampilo, ithi ezinkingeni ezikhona kuwona, kubalwa isibalo esincane sonobhala njengoba bebabili, kanti bayehluleka wukumelana nesibalo seziguli kwazise ziba ziningi kakhulu.
Lokhu bathi kwenza amafayela anemininingwane yeziguli anga- phathwa ngendlela efanele. ILANGA lizibonele eminye imiqingo enemininingwane yeziguli ihleli budedengu egunjini lokwenzela ukudla - okungenye yezinto ezenza ezinye iziguli zigcine zingasizakalanga ngenxa yokungatholakali kwamakhadi azo.
“Kubuhlungu ukubona umuntu omdala exinwe wukugula kepha usizo engalutholi. Kade sasiyikhuluma le ndaba neziphathimandla kepha zathi zizolanda laba abasafundela umsebenzi ( interns). Babalandile kodwa kwaba yisikhashana nje bekhona ngoba ubengekho obagadile kwazise umphathi wabo ubesahlabe ikhefu," kusho umthombo.
Owesifazane oyisakhamuzi sakwa-K kuleli lokishi ongathandanga ukuba igama lakhe lidalulwe, uthe bahlala isikhathi eside belinde usizo kuze kucishe kuphele usuku bengalutholi.
Omunye umthombo wakuleli lokishi owusebenzisayo lo mtholampilo, uthe wona kawukaze uhlangabezane nenkinga kuwona, kodwa ubone omunye wesifazane kuthiwa makangene ngaphakathi azicingele ifayela elinemininingwane yakhe.
Ngaphandle kwalezi zinkinga ezibikwayo, kuvela nezindaba ezishaqisayo njengoba kuthiwa sekudunwe izimoto ezingaphezu kweziwu-5 zakuwona lo mtholampilo. Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZuluNatal, uNkz Ncumisa Mafunda, uthe: “Sinxusa abantu ukuba babambisane nomnyango ukulwa nalesi sihlava sokudunwa kwezinsizakusebenza ngoba lokho kubuyisela uhulumeni emuva.
"Odabeni lokushoda konobhala, besingakatholi lutho oluqhamuka e-Poly Clinic, kusho uNkz uMafunda. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe likhona icala elivuliwe mayelana nokudunwa kwemoto kahulumeni muva nje KwaMashu, kodwa bekungakaboshwa muntu, amaphoyisa asaphenya.
Unxuse umphakathi ukuba usebenzisane namaphoyisa uma kukhona ulwazi onalo ngalezi zigameko.