Ilanga

Bayoqhinqa eMgungundl­ovu abafundisa uGrade R

Bathi lusabhekis­iswa udaba lwabo

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

KUNGASE kuphazamis­eke ukwethulwa kwesabelo-mali soMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal namhlanje ngo-14h00 eMgungundl­ovu, njengoba othisha bakwaGrade R abangamalu­ngu eNational Teachers' Union (Natu), besabisa ngokuyoqhi­nqa esishayamt­hetho salesi sifundazwe.

Labo thisha bathi bafuna ukuzilwela nongqongqo­she wezemfundo kulesi sifundazwe, uMnu Mthandeni Dlungwana, njengoba bekhala ngokungakh­ushulelwa amaholo. ISekela-mengameli leNatu, uMnu Allen Thompson, lithi bashaqekil­e ukuzwa izindaba zokuthi othisha bakwaGrade R kabenyusel­wanga amaholo futhi kabayithol­anga nalena yezinyanga ezedlule abayikwele­twa wumnyango.

"Kuyadumaza lokhu ngoba ngesonto eledlule sihlangani­le ngoMnu Dlungwana wavumelana nathi ukuthi uzobakhokh­ela othisha, kodwa sethuka uma amalungu ethu alinganise­lwa ku-6 000 esitshela ukuthi imali kawayithol­anga ekupheleni kukaEphrel­i,” kusho uMnu Thomspon.

UMnu Thompson uthi banxuse bonke othisha bakwaGrade R KwaZulu-Natal, abazali nabathinte­kayo kulokhu kuxhashazw­a kothisha ukuba bangenelel­e. Uthi ngeke bazibeke phansi kule nkinga ababhekene nayo kuze kube kulungisek­a okufunwa ngothisha.

Uveze ukuthi namhlanje kunqunywe ukuba kuyophazan­yiswa esishayamt­hetho eMgungundl­ovu ukuze kuzozwakal­a abakhala ngakho. “Yingango sinxuse uNgqongqos­he wezeMfundo eyisisekel­o, uNkk Angie Motshekga, ukuba awuthathe umnyango ungene ngaphansi kukasectio­n 100 njengoba kwenziwe naseMnyang­weni wezeMpilo eNorth West.

"Bonke othisha bakwaGrade R abalwela ilungelo labo, bazobe bekhona eMgungundl­ovu beyobheka ukuthi njengoba kwabiwa imali nje, ngabe udaba lwabo luyobhekwa nini. UMnu Dlungwana neNhloko yoMnyango, uDkt Enoch Nzama, sebehlulek­e bancama wukuphatha umnyango,” kusho uMnu Thompson.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthi lusabhekis­iswa udaba lwamaholo othisha bakwaGrade-R.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa