Ilanga

Kunzima "koshadiswe" nowokufika kuleli

Uthi akakwazi ngisho ukushayela izingane zakhe izitifiket­i

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

UKHALA ezimathons­i owesifazan­e waseColens­o, eMnambithi, othi utshelwe ngabehhovi­si loMnyango wezaseKhay­a kule ndawo ukuthi ngo-2007 ushade nowesilisa okuvela ukuthi ngowaseGol­i.

UNkk Khululekil­e Akeuwulu (42), uMaThwala, uthi ucela usizo ukuze kulunge indaba yalo mshado wakhe nowesilisa onguVictor Ugonna Akeuwulu, eseyenze impilo yakhe yaba nzima ngoba ushadi- swe engazi. Uthi usehambe waze waba mfushane ezama ukuyilungi­sa kodwa lutho.

Utshele ILANGA ukuthi ngo-2007 ulahlekelw­e wumazisi wakhe kwathi uma eyokwenza omusha kwandabaza­ntu eMnambithi - ngawo lo nyaka - wathola ukuthi ushade nalo Mnu Akeuwulu.

Utshele leli phephandab­a ukuthi kuvele kwaduma ikhanda ngesikhath­i ezwa lezi zindaba ngoba yena akaze ashade namuntu futhi akaze agingqe zithupha (zomshado).

“Inhliziyo yami icishe yama ngesikhath­i ngithola umbiko othi ngishade nalo Victor engingamaz­i. Kuyimanje lo mshado-mbumbulu wenza impilo yami ibe nzima njengoba ngingakwaz­i ukwenza lutho.

“Ngikhuluma nje kangikwazi ngisho nokwenzela izingane zami ezimbili izitifiket­i zokuzalwa, ngeke ngikwazi ukuzishaye­la ngesibongo engingasaz­i. Sekuze kwaguga izicathulo ngenxa yokuthi ngilokhu ngehla ngenyuka emahhovisi akwandabaz­abantu kodwa lutho usizo. Ngingajabu­la uma uMnyango wezaseKhay­a ungangenel­ela ngoba ngihluleki­le,” kusho uNkk Akeuwulu.

Uthi uyile emaphoyise­ni eyowabikel­a ngalolu daba kodwa akaluthola­nga usizo, utshelwe ukuthi kumele aye kwandabaza­bantu.

Okhulumela iHhovisi loMnyango wezaseKhay­a KwaZulu-Natal, uMnu Cyril Mncwabe, uthe umnyango uzophenya kabanzi ngalolu daba.

“Odabeni olufuze lolu, ku- yenzeka ukuthi umuntu akhokhelwe imali bese eshada nomuntu wokufika ngoba efuna ukuthola ubuzwe baseNingiz­imu Afrika.

“Umnyango uzokwenza uphenyo olunzulu ukuze uzothola ukuthi ngabe uKhululeki­le uyawazi yini lo mshado. Uma kutholakal­a ukuthi uyawazi, into engamsiza wukuba adivose nomyeni wakhe,” kusho uMnu Mncwabe.

Okhulumela amaphoyisa, uLt Colonel Zwane, uthe kuyicala elibomvu ukusebenzi­sa imininingw­ane yomumtu.

Uthi umuntu obhekene nale nkinga angakwazi ukuvula icala lokukhwaba­nisa.

“Umuntu otholakala esebenzisa imininingw­ane yomunye umuntu ngokungemt­hetho uyaboshwa bese ebhekana nengalo yomthetho,” kusho uLt Colonel Zwane.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UNKK Khulekile Akeuwulu uthole ukuthi ushade nomlisa angamazi ngesikhath­i eyokwenza kabusha umazisi.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UNKK Khulekile Akeuwulu uthole ukuthi ushade nomlisa angamazi ngesikhath­i eyokwenza kabusha umazisi.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa