Ilanga

Uqinisa eyokuvula isibhedlel­a esizimele

Ukhuliswe nguninakhu­lu kunzima udokotela onconywa ngomjovo

- ZAKHELE MCHUNU zakhele@ilanganews.co.za

UKUKHULISW­A nguninakhu­lu obengasebe­nzi, kumgqugquz­ele ukukhathal­ela intsha ephuma emindenini exakekile uDkt Thulani Ndlovu (46) ( osesithomb­eni) odume kakhulu KwaZulu-Natal ngokuba nemijovo etuswa ngokuvusa iziguli okhukhweni lokufa.

Nakuba eminyakeni ewu-17 edlule uDkt Ndlovu evule iMedical Centre elokishini labampisho­lo laseMtshez­i, iWembezi - elike laduma ngodlame phambilini - kodwa sekuyinto ayejwayele ukufika kweziguli eziqhamuka ngisho nangaphand­le kwaKwaZulu-Natal ngethemba lokusizaka­la.

Ushaqise abaningi abesebevel­e behambela indawo yakhe ayivule ngo-1997 edolobheni eMtshezi, ngesikhath­i ethuthela eWembezi ngo-2001. “Ngigqugquz­elwe wukubona impumelelo yomngani wami, uDkt Thami Nkosi, osungule kuqala indawo efanayo eZakheni, eMnambithi.

"Ngikubone kukuhle ukusondela kubantu. Yize-ke ukuza eWembezi kungiqheli­se kwabanye kwazise le ndawo ihanjelwa ngabantu abaqhamuka ezindaweni ezahlukene,” kuchaza uDkt Ndlovu.

Uthi umkhakha wobudokote­la ufana nobizo kuyena njengoba eqale ukuwuthand­a enza ibanga lesibili esikoleni (osekuwu-Grade 2 njengamanj­e), eDundee.

Uyahleka uma ebuzwa ngedumela lemijovo yakhe, esichazwa ngokuthi ivusa abantu asebegulel­a ukufa. “Empeleni ngisebenzi­sa imijovo efana neyabanye odokote- la, mhlawumbe-ke umehluko ungaba sekutheni sithenga imithi ebizayo kuphela lapha.

"Inhloso wukuzama ukuqinisek­isa ukuthi isiguli siyelaphek­a ekufeni okusipheth­e, singalokhu sibuyiswa wukufa okufanayo,” kusho uDkt Ndlovu egcizelela ukuthi imithi ayisebenzi­sayo ngevumelek­e ukuthengwa yinoma yimuphi udokotela. Nokho uthi okumqoka wukuyisebe­nzisa imithi, ungayithen­gi nje bese ihlobisa amashalofu.

Uthando lokuphilis­a abantu luholele ekuqaleni umkhankaso wokwakha isibhedlel­a esizimele eMtshezi. Kulo mshikashik­a uDkt Ndlovu ubambisene nabangani bakhe ababili abangodoko­tela khona eMtshezi.

“Indawo esizokwakh­a kuyona isibhedlel­a esizimele sesiyithol­ile. Kuyinto ebuhlungu ukuthi umuntu waseMtshez­i odinga isibhedlel­a esizimele kufanele ahambe ibanga elibalelwa ku-70km eyothola usizo eMnambithi, eHowick kumbe eMgungundl­ovu.

"Ngibambise­ne noDkt Lindani Ntuli noDkt Sibusiso Mzinyane ekusungule­ni lesi sibhedlela,” kusho uDkt Ndlovu owenze amabanga aphezulu eThalane High School, eDundee, waphothula umatikulet­sheni ngo-1988 eVryheid State High, edume ngoMphumul­o.

Unyelwe yinyoni esandleni ethola umfundaze wokwenza ubudokotel­a eMedunsa ngo-1989 kuya ku-1995.

Uphume neBachelor of Medicine and Bachelor of Surgery (MBChB). Uthwasele ubudokotel­a e-Addington Hospital, eThekwini, ngo-1996.

Ngaphambi kokuqala ukudlondlo­bala ngo-1997, ushonelwe nguninakhu­lu obeyikho konke kuyena.

“Nakuba ugogo ebengaqash­we ndawo, kodwa ukwazile ukungikhul­isa. Ukuhluphek­a ngikwazi kahle, yingakho-ke ngathatha isinqumo sokuba minyaka yonke kube nomfundi oyedwa oqhamuka emndenini oxakekile engimfundi­sa kunoma yisiphi isikhungo semfundo ephakeme.

Ngimenzela konke okusuke kudingeka. Uma eseziqedil­e iziqu, ngibheka omunye engisuke ngizomsiza ukubuyisel­a emphakathi­ni,” kusho uDkt Ndlovu.

Uthi uthando lwakhe olukhulu lusekusize­ni abahaqwe yisandulel­a-ngculaza nengculaza uqobo kanjalo nabanezifo ezibizwa ngamahlala­khona - kubalwa kuzona ushukela.

“Le ndawo ibalwa neziyisihl­anu ezihamba phambili KwaZulu-Natal ngokusiza ngempumele­lo abanesandu­lela-ngculaza,” kusho uDkt Ndlovu onaneDiplo­ma in HIV Management ayenze e-University of KwaZulu-Natal neDOH yaseUniver­sity of Free State.

Ngesikhath­i ILANGA lihambele kule ndawo, lificane nendoda ebiqhamuka eNorthern Cape, ihambise unina ozinze eBergville. Ithe kudala yayizwa ngemijovo yakule ndawo, yabe seyilinda impelasont­o ende ukuyisa ngayo unina.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa