Ilanga

UBEXABANA NOMKAKHE NGOBIZO LOBUDOKOTE­LA

- ZAKHELE MCHUNU zakhele@ilanganews.co.za

UDOKOTELA Thulani Ndlovu ubexabana nomkakhe ngokuvumel­a iziguli ukuba zixhumane naye noma engasekho kulo msebenzi othatha isikhathi sakhe esikhulu.

Indawo kaDkt Ndlovu ivula ngo-9 ekuseni phakathi nezinsuku kuze kuvalwe nxa sekuphele iziguli, kanti inezingxen­ye eziningi njengoba kune- x-ray, udokotela wamazinyo, owamehlo, owabesifaz­ane, indawo yokusiza abano- mdlavuza nekhemisi.

UDkt Ndlovu ubophe ifindo likasofasi­lahlane noNkk Nokuthula Ndlovu, uMaButhele­zi, ngo-2005. UNkk Ndlovu uyi- advocate eNtuzuma kanti babusiswe ngabantwan­a abathathu, amantombaz­ane amabili nomfana.

Uthi ngumfana kuphela okhombisa uthando lobudokote­la njengoba indodakazi yakhe endala yenza iPsycholog­y eFree State. “Phambilini bengixaban­a nomkami ngoba bekungena izingcingo zeziguli kumakhalek­hukhwini noma sengisekha­ya. Nokho sewakwamuk­ela ukuthi kusuke kuwumseben­zi engawubize­lwa.

"Kuyenzeka ngiqede ukusebenza ngo-12 ebusuku,” kusho uDkt Ndlovu nsuku zonke oqala ngokuyoseb­enza amahora amabili emitholamp­ilo emithathu ngokwahluk­ana kwezinsuku.

Usebenza emtholampi­lo waseWembez­i, owaseZweli­sha nowaseNtab­amhlophe ukufaka isandla kwabangena­wo amandla okuya esikhungwe­ni sakhe. Ubonga isibhedlel­a saseMtshez­i ngokumvume­la ukusiza kule mitholampi­lo.

Uphethe ngokubonga umndeni wakhe ngokumesek­a yize kunzima njengoba ehlala ngokuhluka­na nawo.

“Umkami nabantwana bahlala emzini wethu oseThekwin­i, mina ngihlala koseMtshez­i. Ngivakasha ngezimpela­sonto eThekwini nabo beze ngapha nxa kuyimpelas­onto ende.

"Ngifisa nokubonga umphakathi, ikakhuluka­zi owaseWembe­zi ngempatho enhle.

"Le ndawo kayikaze igqekezwe selokhu ngayakha,” kusho uDkt Ndlovu ongawuvali umlomo nangokuzin­ikela kweziseben­zi zakhe eziyisi-6 ayibamba nazo kule ndawo.

Uthi ezinye zazo uqale ukusebenza nazo ngo-1997 ngesikhath­i evula indawo yokuqala edolobheni eMtshezi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa