VUKA UZITHINTITHE
UMA ubona indlu ensundu nabantu bonke nje behla benyuka - kungaba baya ezikoleni noma emsebenzini - uma usibona sijuluka, iyodwa into esiyilwelayo, ukuhlala kahle ukuze sibe nokuthula.
Yingakho ngivame ukuthi ungabojabula uma kukhona into oyitholayo kanti indlela oyithole ngayo izokwenza ungabi nakho ukuthula ngoba kubuhlungu ukudla kanti ngemuva kwakho unembeza uyakudla. Kubuhlungu ukuhlafuna ujeqeza.
Kunezinto engizokhuluma ngazo kule ngosi yanamhlanje eziyingozi, okufuneka sizigade, ezenza umuntu angabi nakho ukuthula. Lezi zinto kungaba ngesazenza noma esazisho kanti sicasukile. Yingakho kwenye yezingosi ngake ngathi ungayithumeli iSMS kanti uthukuthele, ungayibhali incwadi kanti ucasukile, ungawuvuli umlomo kanti unolaka ngaleso sikhathi.
Uzigade izitho zomzimba onazo ngoba ezinye zingakufaka esihogweni nasenkingeni, ikakhulukazi lezi ezingenamathambo njengamehlo nje. Uyibheke into oyibukayo ngoba ingakukhipha kwakho, uthatheke.
Ulubheke ulimi, luncane nje lungakwenza ukhulume kabi ngabantu abakusizile ngoba nalo kalunamathambo, luyayaluza nje. Bheka into oyikhulumayo.
Kangifuni ukukhuluma kakhulu ngesitho sangasese, #UmzansiDotCom ngoba kunabantu abasemathuneni ngenxa yaso nje. Ukubuyela nje esihlokweni, sinezinto esizenze sicasukile esezisishiye singenakho ukuthula, kunabantu owabakhuluma kabi mhla ucasukile.
Ngiyesaba ukukhuluma ngabantu esibabiza ngezinhlanya kanti kabazalwanga benjalo. Kunomuntu owayecasukile wabathakatha, kodwa mhlawumbe namhlanje yena uqhubeka nempilo kamnandi, usekhohliwe wukuthi wahlanyisa umuntu.
Kangikhulumi ngezingane ezincane esizingcwabe zinezinyanga ziphila ezinye zinezinsukwana, ezingabulawanga wukuthi sekufike isikhathi sazo sokufa, kodwa kunomuntu emndenini owayecasukile wathi uzoyibulala ingane kasibanibani.
Masikuyeke okwabantu abasemajele bedonsa iminyaka behlukane nemindeni yabo ngenxa yokuthi baboshiswe nguwena hhayi ngoba bonile, wukuthi wawucasukile wathi ufuna ukubakhombisa. Engabe kuthini nje kuwena uma usubona umuntu esenkingeni kanti wamqambela amanga?
Kuthini nje kuwena uma usuxoshise umuntu emsebenzini? Ngiyafisa bonke abantu ezweni lakithi bangafi bengakazilungisi izinto ezingamanga nabazikhuluma becasukile ngabantu ngoba ngiyesaba uma bengafa bengalungisanga, bazokwandisa isibalo sezipoki nemimoya emibi elokhu ibuya emhlabeni.
Kubuhlungu ukufa kanti kukhona into ongayilungisanga. Kumnandi uma ufa uhambe unomphela hhayi uthi ususendleleni uthi “Nkosi ngikhumbula into engingayilungisile engayona ngomlomo wami”. Ngiyacela namanje, ungalinge uthathe isinqumo kanti ucasukile. Mangakanani nje amasonto aqalwa ngabantu abacasukile?
Emasontweni amaningi akhona, mancane aqalwa nguNkulunkulu, amaningi ayimiphumela yokucasuka. Umfundisi uthatha iBhayibheli ecasukile nje, ucasulwe nguyise wokamoya. Kangifuni ukukhuluma kakhulu ngabantu abathandana kanti omunye ufuna ukuhlabekisa othile. Kukhona abangasenayo imisebenzi, baxoshiswa ngumuntu owayecasukile. Kunabantu abakhohlakele, abakwazi ukukhuluma ngomuntu beqamba amanga.
Kubi, kakwamukeleki ukuba uma kunomuntu onephutha ulokhu usixoxela ngalo, kodwa-ke usuke usuthweswe iziqu uma ukwazi ukukhuluma ngomuntu into engekho, uyakhe nje into embi.
Kubuhlungu ukufisa ukubuyela kumuntu owakhuluma kabi ngaye ngoba uzwa unembeza ukudla ukuqeda.
Uzobabhekelwa ngubani obhululu bakho owawuxoxa kabi kubo ngalowo muntu? Masikhule singabantu, baqapheleni abantu abakhuluma kabi ngabanye.
Ungaxhumana noMfu Zondo enombolweni ethi: 078 419 1024; ungamshiyela nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034.