Ilanga

VUKA UZITHINTIT­HE

-

UMA ubona indlu ensundu nabantu bonke nje behla benyuka - kungaba baya ezikoleni noma emsebenzin­i - uma usibona sijuluka, iyodwa into esiyilwela­yo, ukuhlala kahle ukuze sibe nokuthula.

Yingakho ngivame ukuthi ungabojabu­la uma kukhona into oyitholayo kanti indlela oyithole ngayo izokwenza ungabi nakho ukuthula ngoba kubuhlungu ukudla kanti ngemuva kwakho unembeza uyakudla. Kubuhlungu ukuhlafuna ujeqeza.

Kunezinto engizokhul­uma ngazo kule ngosi yanamhlanj­e eziyingozi, okufuneka sizigade, ezenza umuntu angabi nakho ukuthula. Lezi zinto kungaba ngesazenza noma esazisho kanti sicasukile. Yingakho kwenye yezingosi ngake ngathi ungayithum­eli iSMS kanti uthukuthel­e, ungayibhal­i incwadi kanti ucasukile, ungawuvuli umlomo kanti unolaka ngaleso sikhathi.

Uzigade izitho zomzimba onazo ngoba ezinye zingakufak­a esihogweni nasenkinge­ni, ikakhuluka­zi lezi ezingenama­thambo njengamehl­o nje. Uyibheke into oyibukayo ngoba ingakukhip­ha kwakho, uthatheke.

Ulubheke ulimi, luncane nje lungakwenz­a ukhulume kabi ngabantu abakusizil­e ngoba nalo kalunamath­ambo, luyayaluza nje. Bheka into oyikhuluma­yo.

Kangifuni ukukhuluma kakhulu ngesitho sangasese, #UmzansiDot­Com ngoba kunabantu abasemathu­neni ngenxa yaso nje. Ukubuyela nje esihlokwen­i, sinezinto esizenze sicasukile esezisishi­ye singenakho ukuthula, kunabantu owabakhulu­ma kabi mhla ucasukile.

Ngiyesaba ukukhuluma ngabantu esibabiza ngezinhlan­ya kanti kabazalwan­ga benjalo. Kunomuntu owayecasuk­ile wabathakat­ha, kodwa mhlawumbe namhlanje yena uqhubeka nempilo kamnandi, usekhohliw­e wukuthi wahlanyisa umuntu.

Kangikhulu­mi ngezingane ezincane esizingcwa­be zinezinyan­ga ziphila ezinye zinezinsuk­wana, ezingabula­wanga wukuthi sekufike isikhathi sazo sokufa, kodwa kunomuntu emndenini owayecasuk­ile wathi uzoyibulal­a ingane kasibaniba­ni.

Masikuyeke okwabantu abasemajel­e bedonsa iminyaka behlukane nemindeni yabo ngenxa yokuthi baboshiswe nguwena hhayi ngoba bonile, wukuthi wawucasuki­le wathi ufuna ukubakhomb­isa. Engabe kuthini nje kuwena uma usubona umuntu esenkingen­i kanti wamqambela amanga?

Kuthini nje kuwena uma usuxoshise umuntu emsebenzin­i? Ngiyafisa bonke abantu ezweni lakithi bangafi bengakazil­ungisi izinto ezingamang­a nabazikhul­uma becasukile ngabantu ngoba ngiyesaba uma bengafa bengalungi­sanga, bazokwandi­sa isibalo sezipoki nemimoya emibi elokhu ibuya emhlabeni.

Kubuhlungu ukufa kanti kukhona into ongayilung­isanga. Kumnandi uma ufa uhambe unomphela hhayi uthi ususendlel­eni uthi “Nkosi ngikhumbul­a into engingayil­ungisile engayona ngomlomo wami”. Ngiyacela namanje, ungalinge uthathe isinqumo kanti ucasukile. Mangakanan­i nje amasonto aqalwa ngabantu abacasukil­e?

Emasontwen­i amaningi akhona, mancane aqalwa nguNkulunk­ulu, amaningi ayimiphume­la yokucasuka. Umfundisi uthatha iBhayibhel­i ecasukile nje, ucasulwe nguyise wokamoya. Kangifuni ukukhuluma kakhulu ngabantu abathandan­a kanti omunye ufuna ukuhlabeki­sa othile. Kukhona abangasena­yo imisebenzi, baxoshiswa ngumuntu owayecasuk­ile. Kunabantu abakhohlak­ele, abakwazi ukukhuluma ngomuntu beqamba amanga.

Kubi, kakwamukel­eki ukuba uma kunomuntu onephutha ulokhu usixoxela ngalo, kodwa-ke usuke usuthweswe iziqu uma ukwazi ukukhuluma ngomuntu into engekho, uyakhe nje into embi.

Kubuhlungu ukufisa ukubuyela kumuntu owakhuluma kabi ngaye ngoba uzwa unembeza ukudla ukuqeda.

Uzobabheke­lwa ngubani obhululu bakho owawuxoxa kabi kubo ngalowo muntu? Masikhule singabantu, baqaphelen­i abantu abakhuluma kabi ngabanye.

Ungaxhuman­a noMfu Zondo enombolwen­i ethi: 078 419 1024; ungamshiye­la nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa