Ilanga

Izothwala kanzima imboni yensimbi neye- aluminium kuleli

Kuthiwa iNingizimu Afrika izobhoboka amaphaketh­e yile ntela

- Ingozi elengela izimboni zakuleli INingizimu Afrika “ifela ubala”

I-UNITED States of America (USA), ibophe ngabhandel­inye iNingizimu Afrika neChina - eyisitha sayo esikhulu kwezohwebo - empini yayo yomhlaba kwezohwebo njengoba la mazwe engabalwan­ga kulawo azothola ushwele wentela uma enza ibhizinisi naleliya lizwe.

NgoLwesibi­li uMnyango wezoHwebo neziMboni eNingizimu Afrika umemezele ukuthi leli lizwe selizoyikh­okha intela exaka imbongolo uma lihweba ngensimbi ne- aluminium e-USA - kanti amazwe angaphansi kweEuropea­n Union, yiMexico, iSouth Korea, i-Australia, i-Argentina, i-Brazil neCanada wona ngeke ayikhokhe.

UMengameli wase-USA, uMnu Donald Trump, usanda kumemezela intela ka-10% kwi-aluminium esuka kwamanye amazwe iya ezweni lakhe no-25% ozokhokhwa ngensimbi.

UmQondisi weTrade Law Centre (Tralac) ezinze eStellenbo­sch, uNks Trudi Hartzenber­g, uthi lukhulu obelwenzek­a ngaphambi kokuba uMnu Trump athathe lesi sinqumo - esingase silahlekis­ele abantu abaningi ngemiseben­zi embonini yensimbi neye- aluminium kuleli.

Uthi kunemibiko ethi i-Australia isebenzise usomabhizi­nisi uGreg Norman obuye abe ngumdlali wegalofu ukuheha uMnu Trump - kwazise naye uyazifela ngegalofu. Lokhu kuyisebenz­ele i-Australia namanye amazwe kodwa iNingizimu Afrika, yiChina, yi-India neRussia kuzomele babhoboke amaphaketh­e bekhokha le ntela okuthiwa yiduties ngolwasemz­ini.

Phambilini, ngenxa ye-African Growth and Opportunit­y Act (AGOA), izinkampan­i zaseNingiz­imu Afrika ezihweba nge- aluminium bezingayik­hokhi le ntela uma zihwebelan­a ne-USA. I-AGOA yethulwe ngo-2000 kusaphethe uMnu Bill Clinton e-USA, abahwebi baseNingiz­imu Afrika - ikakhuluka­zi abakhiqizi bezimoto - badle kahle iminyaka eminingi ngenxa yayo.

Ilinganise­lwa ku-6 700 imikhiqizo yaseNingiz­imu Afrika engayikhok­hi le ntela uma ithunyelwa e-USA. UNks Hartzenber­g uthi: “Nokho lesi sinyathelo se-USA senza kubukeke sengathi i-AGOA ngeke ivuselelwe ngo-2025. Isinyathel­o sikaMnu Trump senza lingacaci ikusasa mayelana nemigomo emisha yezohwebo.”

Intengo yensimbi ne- aluminium isivele inyukile ngenxa yentela yempahla engena e-USA, okuzoba nomthelela entengweni nesekuncin­tisaneni kwempahla yakuleli eyiswa kuleliya lizwe, ngokusho kukaNks Hartzenber­g.

Okwamanje iminjunju yale ntela izozwiwa yimboni yensimbi neyealumin­ium eNingizimu Afrika - okuyizona ezibalulek­e kakhulu emnothweni wakuleli, ngokusho kukaNks Hartzenber­g.

Uthi ngabantu abawu-7 500 imisebenzi yabo encike kuphela ekuyisweni kwensimbi e-USA. NgoLwesibi­li umnyango uthe imikhiqizo yakuleli izothwala kanzima ezimakethe zase-USA njengoba izobe incintisan­a neyala mazwe angayikhok­hi intela yempahla ephuma kwamanye amazwe.

UMnyango wezoHwebo neziMboni uthi le ntela ifakwe ngendlela ephambanay­o nezinye izimiso zeWorld Trade Organisati­on (WTO).

“INingizimu Africa ifela into engahlange­ne nayo empini yezikhondl­akhondla zamazwe kwezomnoth­o emhlabeni,” kusho umnyango. Isinqumo se-USA sokushiya ngaphandle iNingizimu Afrika emazweni angayikhok­hi le ntela, sithathwe emuva kokuba leliya lizwe limemezele ukuthi lifuna ukuyeka ukunikezel­a ngosizo emazweni okubalwa kuwona leli, yiCuba neNorth Korea ngoba kawavoti nayo kwi-United Nations (UN).

Ngokohlu olukhishwe yi-USA, iNingizimu Afrika ivote ne-USA amahlandla awu-9, yaphikisan­a nayo kwawu-68.

Umthombo ngabe: Business Insider South Africa

 ?? ISITHOMBE NGABE: JOBS SOUTH AFRICA ?? INTENGO yensimbi ne- aluminium isivele inyukile ngenxa yentela yempahla engena e-USA.
ISITHOMBE NGABE: JOBS SOUTH AFRICA INTENGO yensimbi ne- aluminium isivele inyukile ngenxa yentela yempahla engena e-USA.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa