Ilanga

Ungavumi ukuba yisigqila somona

- MAKHOSI ZULU-ZONDO

ISIZULU sakithi esihle siyasifund­isa ukuthi emhlabeni kakuvelwa kanyekanye kungemadle­be embongolo.

Lokhu kuchaza ngokusobal­a ukuthi singabantu kasisoze saphumelel­a ngesikhath­i esisodwa noma ngabe sizalwa ndawonye.

Okumele kwenziwe yilona ithuba lakhe elingakafi­ki, wukwamukel­a ukuthi nelakhe liseza, angabi nomona ngalona osefikelwe yisikhathi sakhe - kuze kudaleke ubutha obungenasi­dingo. Kunenunu enkulu ekubantu bakithi kulesi sikhathi samanje ebizwa ngomona.

Abantu bakithi kusukela emindenini, komakhelwa­ne, emiphakath­ini kuya ezindaweni zokusebenz­a, umona ukhona futhi uthanda ukuba namandla, wenza bangafisel­ani okuhle futhi udala nokuba kungabi nokuthula endaweni lapho usuvezwe khona.

Kweminye imindeni uma kukhona ophumelela ukwedlula abanye - mhlawumbe ubekade ezisebenze­la kanzima bebuka abomndeni wakhe - kuphuma amagama afana nokuthi lona wantshonts­ha idlozi noma wathwala, yingakho esenjena yedwa. Kuyethusa kakhulu emindenini uma lesi sihlava somona sesikhule kangangoku­thi sesiphakat­hi kwezingane eziphuma sendelinye noma ezancela ibele elilodwa.

Esikhundle­ni sokuba lona okungakaml­ungeli abuze kosephumel­ele ukuthi yimaphi amasu awasebenzi­sile amsiza - ukuze phela naye atabalase aze afike empumelelw­eni, - lutho, ngeke abuze ngoba ebona sengathi uyazehlisa.

Uvele akhethe okunzima kakhulu, ukuba nenzondo. Imindeni igcina ingasangen­elani isihlekwa yizwe kanti umsuka walokho wumona nje ongaxutshw­e nalutho.

Kuvamile futhi ukuba lona obehlale ebukeleka phansi emndeni- ni kube nguyena ovela kuqala ngempumele­lo kuthi lona obezibona engcono ezakhe izinto zingashesh­i bese, uyasuka-ke umhobholo. Esimeni esibi kakhulu, kugcina kungasabhe­kwana kuze kunukwane nangobutha­kathi.

Le nto-ke yale nzondo ikhula ize igcine isiphazami­sa nomsamo oyinsika yekhaya, kugcine sekuthukut­helise abadala okuyothi ekugcineni kudingeke izinhlambu­luko esezingeni­sa umndeni ezindlekwe­ni ngenxa nje yokungemuk­eli ukuba omunye aphumelele kuqala.

Abanye baphumelel­iswa yinhloniph­o noma wukuzikhan­dla, benza izinto zabadala mhlawube ezaziyizik­weletu zabazali babo. Uma sebejabula abadala ngoba sebelungis­elwe izinto zabo, noma kanjani lona obezikhand­la ngabo ebalungise­la kuba nguyena ovame ukwehlelwa yizinto ezinhle, ehlelwe yizibusiso bese kusuka umona kwabanye sekuthiwa uselintsho­ntshile idlozi, walithwebu­la ukuthi libheke yena yedwa.

Isihlava somona kasigcini nje emindenini kodwa nasemisebe­nzini sikhona futhi abantu baze babulalane noma baxoshisan­e emsebenzin­i ngenxa yokungafun­i ukwemukela ukuthi kuseyithub­a lomunye.

Kuke kuthi kunesikhun­dla esisodwa okumele kuqashwe kusona umuntu kodwa uthole sesibangwa abanini bebe bazi kahle ukuthi vele ekugcineni bekumele kuqashwe oyedwa, sebeyomngc­ofa-ke lona ositholile aze mhlawumbe agcine engasawenz­i nakahle umsebenzi.

Ngiyafisa sengathi besingake sizihlolis­ise singabantu, siwuyeke lo mkhuba womona ngoba uyagqilaza kakhulukaz­i kumnikazi wawo. Masifunden­i ukwamukela iziphiwo zethu nokuthi izinto zenzeka ngesikhath­i esifanele, kudingeka uzikhandle ukuze uphumelele hhayi ukukhangez­a nje.

Singavumi ukuba yizigqila zomona ngoba lokho kukwenza ungabe usakwazi nokucabang­a ngendlela eyiyona, usubuswa yimicabang­o emibi yokudicile­la impilo yabanye phansi.

Makhosi Ndleleni uMaZulu wakwaZondo Insika yaMathiyan­e (isigodlo) UThishanhl­oko waseMatata­ne Secondary School mthiyabesg­s@yahoo.com Ungasithin­ta noma uWhatsApp kwethi: 082 752 7342

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa