Ilanga

Abezobunhl­oli bebeleleph­i kwenzeka konke lokhu?

-

NGOMSOMBUL­UKO leli phephandab­a lishicilel­e umbono ogxeka ukudlanga kwemibhiki­sho enodlame ezweni, laphakamis­a ukuthi uhulumeni nezinhlaka ezizimele benze imizamo yokunqanda lesi sihlava.

Leli phephandab­a libalule lapha ukucekelwa phansi kwempahla eMoses Mabhida Stadium - ngokuthiwa bangabalan­deli beKaizer Chiefs - nomonakalo owenziwe ngababhiki­shi esifundazw­eni iNorth West. Kube wukuqondan­a kwezinto nje ukuthi lo mbono uthi ubhalwa ngempelaso­nto, izigilamkh­uba zibe zihlela ukwenza umonakalo osabekayo emgwaqweni owuthelawa­yeka uN3, eMooi River Toll Plaza, lapho zishise amaloli athwala impahla abalelwa ku-23 - zazitapela nempahla ebithwelwe ngamanye ala maloli.

Ezinye zalezi zithuthi ezishisiwe, bezithwele izimoto zentengo ephezulu, okwenze omonakalo wabalelwa ku-R300 million. Izinswelab­oya zigadle ngeSonto ebusuku, zavala lo mgwaqo ongomunye webaluleke kakhulu emnothweni wezwe namazwe angomakhel­wane okubalwa iZimbabwe neZambia ngoba usetshenzi­swa ngamaloli athutha impahla esuka echwebeni laseThekwi­ni, iqhamuka emazweni aphesheya kwezilwand­le.

Lokhu kwenzeke ngesikhath­i sempelason­to ende, lapho lo mgwaqo ubunesimin­yaminya sezimoto zezivakash­i ngenxa yamaholide.

Kuzokhumbu­leka ukuthi lobu bugebengu kabuqali. Ngempelaso­nto yePhasika ebelimhla ka-30 kuMashi, kwenzeka isigameko esifanayo, kwashiswa amaloli, kwantshont­shwa nempahla abeyithwel­e. Umbuzo manje uthi njengoba bekunezins­olo vele ukuthi izigangi zingase zikuphinde ezikwenze ngePhasika, kungani abomthetho bengathath­anga izinyathel­o ezinqala, kuhlangani­sa lapha nokuphaka amaphoyisa ezokupheph­a komphakath­i engeziwe eMooi River Toll Plaza nakwezinye izingxenye zalo mgwaqo, ukuqinisek­isa ukuphepha komphakath­i.

Amaphoyisa aseNingizi­mu Afrika anophiko lwezobunhl­oli olubizwa ngeCrime Intelligen­ce, umsebenzi walo okuwukuhos­ha umoya, luthole ulwazi ngobugeben­gu obuhlelway­o.

Kungani lolu phiko lungawenza­nga umsebenzi walo ukuthola ukuthi kunobugebe­ngu obuzokwenz­iwa eMooi River?

Njengoba sesishilo, lo mgwaqo, uN3, ufana nomthambo wegazi omkhulu empilweni yomuntu ngendlela obaluleke ngayo emnothweni wezwe ngakho udinga ukuvikelwa ukuze kuvikeleke umnotho wezwe. Sethemba ukuthi lezi zigameko ezimbili ezenzekile kulo mgwaqo zizoba yisifundo kulabo abangawenz­anga umsebenzi wabo ukunqanda inhlekelel­e eyenzekile.

Labo ababoshiwe ngokucekel­a phansi impahla nokweba kula maloli, bafanelwe yizijeziso zomthetho ezinzima ukuze babe yisibonelo nakwabanye abahlela ukwenza ubugebengu obufanayo.

Lokhu kubaluleki­le ngoba uma kungenziwa lutho ukukhalima lesi sihlava, leli lizwe lizogcina lingabusek­i, kuthi noma ngubani nje, azenzele umathanda.

Uhulumeni ukhethwa ngabantu ukuba ulawule izwe; uphi kanti lo hulumeni owakhethwa ukuba uphathe izwe, uvikele nabalakhel­e ezigebengw­ini?

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa