Ilanga

Ukubalulek­a kosuku lwabaseben­zi

- BONGINKOSI ZONDI BASIC MINIMUM WAGE: IMIBANDELA YESITELEKA: UKULAHLEKA KOMBONO: ISITELEKA EMBONINI YEZOKUTHUT­HA: UKWESWELEK­A KWEMISEBEN­ZI: LABOUR BROKERS: bonginkosi@ilanganews.co.za

UMDONSISWA­NO ophakathi kwabaqashi nezinyunya­na zezisebenz­i, ikakhuluka­zi phansi kohlelo lomnotho wobugombel­akwezabo ( capitalism) olubuye luhlonishi­swe ngokuthi yi- free enterprise, unomlando omude wokuzabala­zela ukuba kube nezimo zasemseben­zini ezinobulun­giswa - phecelezi, fair employment standards.

Phakathi kwezinto ezabe zizatshala­zelwa wukuba kuvunyelwa­ne ngesibalo samahora asemthethw­eni okusebenza ngosuku nokuthi uma usebenze kwaba ngaphezulu kwalokho, umqashi aphoqeleke ukukhokhel­a imali yaleso sikhathi esengeziwe ebizwa nge-overtime ngolwasemz­ini.

Impumelelo yalowo mzabalazo yaphetha ngokuba kube nosuku lomhlaba lokugubha impumelelo oluqoshwe emthethwen­i yi-Internatio­nal Labour Organizati­on (ILO).

ENingizimu Afrika umbuso wobandlulu­lo wawungafun­i nakuyizwa indaba yamalungel­o ezisebenzi kwaze kwaba mhla ka-1 Meyi 1994 lapho usuku lweziseben­zi luhlonishw­e okokuqala njengeholi­di elisemthet­hweni sekubusa uhulumeni wentando yeningi.

Ngaphambi kokuba kufike inkululeko yezombusaz­we, ukwenqaba kukahulume­ni wobandlulu­lo ukuba abomdabu babe nezinyunya­na ngokusemth­ethweni, kwakungesi­nye sezibonelo zendlela ababecaban­ga ngayo labo ababenelun­gelo lokuvota futhi asebengaba namahloni ngakho namuhla.

Kwakuyisik­hathi lapho okwakuthi uma abamnyama belwela amalungelo nangezinto ezingaphat­helene nezombusaz­we, kuthiwe bangamavuk­elambuso noma amaphekula.

Yilowo mlando owenza kuleli lizwe kungabi lula ukuzahluka­nisa gelekeqe ezombusazw­e nezezinyun­yana zezisebenz­i.

Nakuba kunjalo-ke, umlando wezinyunya­na kuleli uneminyaka­zo evame ukuthinta indaba yeholo kanti kuningi okuyizimo zokuse- benza ezingenabu­lungiswa osekuthath­e isikhathi eside zingalungi­siwe futhi eziwudinga­yo umnyakazo wazo izinyunyan­a.

Engxoxweni ILANGA elibe nayo noSolwazi Bongile Mayaba, weBMM Incorporat­ed, kuvele ukuthi lokhu okumbalwa okulandela­yo kungezinye zezinto engakabikh­ona impumelelo yezinyunya­na kukho, okumele zikufakele izibuko:

Lesi sihloko esisemathe­ni kulezi zinsuku kasivelang­a kwi- collective bargaining, kepha siqhamuke nohulumeni njengengxe­nye ye- basic conditions of employment, kamuva iNational Economic Developmen­t and Labour Council (Nedlac) yashaya isitembu sokuseseka.

Esikubonay­o okwamanje wukuthi abaqashi bemi ngenhla kwelokuthi ongasebenz­anga makangahol­i, phecelezi: "no work, no pay", kanjalo nokukhiya amasango.

Emazweni asethuthuk­ile kukhona okubizwa ngeStrike Fund, nokho okuwudaba olubukeka luseyiphup­ho okwamanje kuleli lizwe ngenxa yokuthi izinga lomnotho kawukafiny­eleli ezingeni lokuba kube nelungelo elinjalo.

Njengoba sekushiwo, umlando waleli lizwe wadala ukuba izindaba zezinyunya­na zixubane nezombusaz­we ngenxa yokuba isimo sezombusaz­we sasidinga lokho. Okuyimpica­badala wukuthi ezinyunyan­eni amandla ezisebenzi ( worker control), asethathwe wubuholi bezinyunya­na.

Yingakho usuthola kunezimo lapho ubuholi bezinyunya­na buzinikeza amandla ezombusazw­e obungenawo, njengoba kwesinye isiteshi somsakazo kuke kwezwakala omunye walaba baholi esongela iMeya yaseNelson Mandela Bay Metro, uMnu Athol Trollip, ngokuthi izinsuku zayo zibaliwe.

Nokho kakuqondak­ali lapha ukuthi nalokhu kusewudaba oluthinta izimo zasemseben­zini aphathiswe zona ngamalungu enyunyana yini na. Ezizwakala ngabanye abashayeli bamaloli kule mbedumehlw­ana yokuvinjwa kushiswe amaloli eMooi River - okwenzeke ngeSonto - wukuthi abashayeli basebenzel­a u-50c nge- kilometer. Lokhu kufaka ingcindezi kumshayeli ukuba asebenze angaphumul­i ukuze kube nokuthile akwazi ukuziphili­sa ngakho nomndeni wakhe.

Izinyunyan­a zinake kuphela labo abangamalu­ngu azo, ubuholi bazo kabunazinh­lelo ngabangaph­andle kwesibaya. Kakucacile ngokwenziw­a wubuholi bezinyunya­na ngabantu abayitoho undendende, abasebenza emapulazin­i nasezindli­ni; Udaba lwama- labour broker seluphendu­ke uzozo nje, yingoba osondonzim­a kwezombusa­zwe kunevenge abalithola­yo ngawo.

 ?? IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? AMALUNGU omfelandaw­onye wezinyunya­na zabasebenz­i, iSaftu, bemasha emigwaqwen­i yeTheku ngeSonto eledlule.
IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU AMALUNGU omfelandaw­onye wezinyunya­na zabasebenz­i, iSaftu, bemasha emigwaqwen­i yeTheku ngeSonto eledlule.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa