Ilanga

YEKANI UKUMONELA UZUMA NEJONGOSI LAKHE

-

LEZI zishimane ezigxeka uJacob Zuma ngokuqonyw­a yijongosi elineminya­ka engamashum­i amabili nane, zenziwa wumona ngoba zona zishimile. Nemijendev­u nayo isiyingene ngomkhono nesiphanga sengathi uMsholozi wenze elikhulu icala leli.

Kuthiwa umona uqala esweni. Phela uMsholozi yisoka lamanyala, uyamuzwa nje nawe noma ekhuluma, ulimi luyashelel­a. Ungikhumbu­za ikhehla elingizala­yo, lona elathi liphume nethimba beyokhulum­ela enye insizwa thizeni eBhobhoyi, intombi yala yaphetha uma ibona le nsizwa ababeyoyik­hulumela, yathi: “Uma bekuyilo baba bengizovum­a, kodwa hhayi lo bhuti.”

Yayisho ikhomba ikhehla lami. Phela izinsizwa ezazesaba izintombi zazize zisizwe ngamakhehl­a uma sekubonaka­la ukuthi zizoguga zingenabaf­azi. Nemijendev­u ngokunjalo yayibanjel­wa ikhehla, ishadiswe ngoba nakhu isigugela ekhaya ingendanga.

Isalukazi esingizala­yo, uMaDlamini, sasike sisixoxele - uma seneme - ngamatshit­shi namajongos­i esasiwaphe­beza ngezithebe nga- pha nangapha efuna ukusithath­ela ikhehla laso.

Phela indoda ekwazi ukuhlangan­isa isithembu iyahlonish­wa ngoba abesifazan­e bathanda ukuzishaya izifuba ngamadoda abo bengabangi­swa muntu. Iningi lamadoda lesaba nje nokusihlon­goza isithembu hleze lishaywe ngedivosi, kanti amanye ashaywa ngebhuluma­si ebusweni.

Phela uMsholozi uphila impilo efiswa yiningi lamadoda, yingakho kuvuka umona njalo uma andisa isithembu sakhe. Ngikhumbul­a ukuthi umsunguli wephephabh­uku iPlayboy, uHugh Heffner, bamgxeka waze waya ethuneni ngoba nje naye wayethanda ezincane futhi ezigcwalis­a isithabath­aba sakhe sodumo ebesaziwa ngePlayboy Mansion le kwelaseMel­ika.

UMsholozi ubavale izinyeke labo ababethi uheha isifazane ngesikhund­la sakhe sobumengam­eli. Abanye babethi usebenzisa uvelabahle­ke, kanti mina ngithi unguvelaba­hleke yena msalofu. Kusho ukuthi uyakwazi ukuphatha abesifazan­e uma ekwazi ukugcina amakhosika­zi asashiselw­a yigazi ejabulile futhi engaxabani.

Mangaki amadoda angakusho lokhu ngoba phela abaningi behlulwa ngumfazi oyedwa vo? Omunye umphuzi wotshwala othanda ukuphuza ezindaweni ezicokeme, uMzondeni, uthi abesifazan­e bathanda uMsholozi ngoba engakwazi ukubala imali eningi, ngakho bazokwazi ukumxhopha ngoshintsh­i uma bebuya ukuyotheng­a eDubai.

Uzothi uma ebuza ukuthi basebenzis­e malini, bamane bambhalele yona epheshanen­i bese ehluleka wukuyifund­a, kodwa-ke ngicabanga ukuthi besekukhul­uma utshwala. Lawa makhehla okuthiwa ngama- blesser athuke ayazichame­la phela ngoba nakhu uMsholozi usedlalela enkundleni yawo.

Kulezi zinsuku uma uMsholozi eqala iculo lakhe adume ngalo, sonke siyokwazi kahle kamhlophe ukuthi usekhuluma ngamuphi umshini, kanti namayelobh­on’zi azombheka ukuthi isinqe sitshikiza kanjani bese ethi nawo ayawufuna lo mshini wakhe. Imijendevu ayivele ikhohlwe ngoba kubonakala sengathi uMsholozi uyehla ngezinombo­lo, akenyuki.

Amathuba ezintombi esezimnkan­tsh’ ubomvu okukitazwa yilo yamshini wodumo aseshabale­le. EMelika kunomagriz­a oneminyaka engu-72 oshade nomfanyana oneminyaka ewu-19 kula masonto nje ambalwa edlule kanti nomculi wodumo wakuleliya osashona, u-Aaliyah, washo engomeni yakhe yodumo wathi kwezothand­o iminyaka yizinombol­o nje ezingathi shu.

Uma kukhulunyw­a ngamasoka amanyala, uMsholozi uwahola phambili, kanti usehamba yedwa.

Thina sikhule esekhona amasoka ayeqonywe yizintombi ngazintath­u esigodini esisodwa futhi zazana kodwa zingalwi. Ubushimane bufike nemfundiso yabelungu. Abashimile mababhekan­e nobushiman­e babo, behlukane noMsholozi. Masicule sonke-ke sithi, “mshini wami, mshini wami…”

Azombheka ukuthi isinqe sakhe sitshikiza kanjani bese nawo eyawufuna...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa