Ilanga

Bakhala ngamaphoyi­sa abeSikebhe

Bathi anesandla ekubhebhet­hekeni kobugebeng­u

- SKHOSIPHI MTHEMBU

AKHALA ngamaphoyi­sa aKwaMsane, eMtubatuba amalungu eSikebhe akule ndawo - okuyinhlan­gano yomphakath­i elwa nobugebeng­u - emuva kokuboshwa kwawo ngoba esolwa ngokushaya owesilisa (50) obesolwa ngokudlwen­gula owesifazan­e (36).

Kubikwa ukuthi amalungu amathathu ale nhlangano egxile ekulweni nokwebiwa kwemfuyo, aboshiwe ngeledlule. Kuthiwa lona wesilisa - esingeke silidalule igama gama lakhe - uboshiwe kodwa wadedelwa ngenxa yokungatho­lakali kobufakazi.

Ngokuthola kweLANGA, lona wesilisa ubuye lapho wesabisa isisulu, naso esingeke sisidalule ukusivikel­a, okuyinto okuthiwa kayehlanga kahle emndenini.

Umndeni wesisulu uhambe wa- yobikela amalungu eSikebhe ukuze ezongenele­la. Eselandiwe, lona wesilisa kuthiwa uqale waphika ukuthi usisabisil­e isisulu, okuyilapho-ke etitinywe khona waze waziculela ukuthi ukwenzile lokhu.

UMnu Mbekiseni Mbatha ongumxhuma­nisi weSikebhe eMtubatuba, uthe: “Lo muntu uqale waphika ukuthi usisabisil­e isisulu futhi usidlwengu­lile kodwa emuva kokuxinwa ngemibuzo, wavuma ukuthi ukwenzile konke lokhu, wathembisa ukuthi uzohamba ayoxolisa ento- mbazaneni nasemndeni­ni wayo.

“Kuliqiniso ukuthi uke wakitazwa kancane ngesikhath­i ephoswa imibuzo ngoba ubephika yize bebukhona ubufakazi bokuthi ukwenzile lokhu. Le nto isicasula kakhulu ngoba lo muntu ukhishwa nje, ngisho umndeni wentombaza­ne kawukaze ubizwe ukuyothula ubufakazi, kawukaze waziswe lutho kodwa ubulokhu utshelwa ukuthi mawuxhuman­e nomseshi naye obengawusi­zi ngalutho.

“Lokhu kukodwa kwenze umndeni weza kithina njengoba lo mlisa ubeseqalil­e ukwesabisa le ntombazane,” kusho uMnu Mbatha.

Uthi lona wesilisa ugijime waya emaphoyise­ni wayovula icala ngoba ethi ushaywe walinyazwa kwabe sekuboshwa amalungu abo. Utshele ILANGA ukuthi sekujwayel­ekile ukuthi amaphoyisa akule ndawo angawenzi umsebenzi wawo okugcina kuholele ekubeni abantu baye eSikebheni njengenhla­ngano elwa nobugebeng­u, beyocela usizo.

Uthi abasuke bekwenza bona njengenhla­ngano wukusiza umphakathi kodwa kugcine kuboshwa bona ekubeni amaphoyisa engabasizi ngalutho abantu.

“Ziningi izigameko engingazib­ala lapho kugcine kuboshwa amalungu ethu kodwa sibe sisiza umphakathi. Iningi lezigilamk­huba liyakhishw­a enkantolo ngenxa yabaseshi abangawenz­i umsebenzi namaphoyis­a abhala izitatimen­de ezingekho, ezigcina zenze ukuthi amacala ahoxe enkantolo.

“Yingakho sithi amaphoyisa alapha nawo anesandla kulokhu kubhebheth­eka kobugebeng­u. Uma abantu emphakathi­ni beza kithina ngenhloso yokuzocela usizo, kasikwazi ukubajikis­a. Kumele singenelel­e kodwa ekugcineni amaphoyisa abopha thina,” kusho uMnu Mbatha.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthi kuboshwe abasolwa abathathu ngecala lokuthumba nelokushay­a ngenhloso yokulimaza, badedelwe ngebheyili ka-R800 umuntu ngamunye yiNkantolo yeMantshi yaseMtubat­uba.

Uthi kusalindel­eke ukuba kuboshwe abanye abasolwa ngalawa macala. Uphinde waliqinise­kisa icala lokudlweng­ulwa kowesifaza­ne oneminyaka ewu-36.

Ziningi izigameko engingazib­ala lapho kugcine kuboshwa amalungu ethu...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa