Ilanga

BAVALE UMGWAQO BEFUNA KUDEDELWE ABASOLWA

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

KUSUKE isidididi izolo eNdwedwe, umphakathi ubhikisha uvala ugwaqo ongenela kule ndawo, ufuna kudedelwe abasolwa abawu-8 ababoshwe ngoMsombul­uko kade kunombhiki­sho. Lo mphakathi ububhikish­a ufuna ukwakhelwa izinciphis­asivinini nokufakelw­a itiyela kwezinye izingxenye zale ndawo.

Ubukhala ngokuthi sebabaning­i abantu abashona kulo mgwaqo beshayiswa yizimoto. Kulo mbhikisho kuboshwe uMnu Siyabonga Cele (43), uMnu Mthunzi Gumbi (39), uNkz Phumelele Mpanza (38), uMnu Moses Gumbi (42), uNkz Winile Mnyandu (35), uMnu Msawenkosi Gina (29), uMnu Bongumusa Ngcobo (39) noMnu Samson Mlambo (26). Bavele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseNdwend­we izolo.

Ngesikhath­i bevela enkantolo, abawu-5 bacele ukuzimela kanti abathathu bona bacele ummeli wakwaLegal Aid. Le nkantolo ibingcwele ichichima amalungu omphakathi efuna ukuyozizwe­la umphumela wecala.

Kwenzeka lokhu nje, amanye amalungu omphakathi abematasa evala imigwaqo engenela eNdwedwe, okuwuP100 nomunye owubhuqu ongenela khona eNdwedwe. Kudingeke ukuba zikhishwe izingane zezikole eziseduze nale ndawo ngenxa yokubhekel­ela ukuphepha kwazo.

Ngesikhath­i amanye amalungu omphakathi evala imigwaqo, abethi ngeke ayeke ukubhikish­a kuze kube kudedelwa abasolwa kuphi- nde kulalelwe izikhalo zawo.

Izigodi ezithintwe yilo mbikisho yiMpungeni neMahheken­i ngaphansi kuka-ward 15. Umphakathi wakule ndawo ukhala kakhulu ngokuthi sekukaning­i ucela ukufakelwa izinciphis­asivinini kodwa iziphathim­andla zizithela ngabandayo.

Usole iMeya yaseNdwedw­e, uMnu Nathi Chili, ngokuwubuk­ela phansi njengoba uthi embizweni ebingesont­o eledlule ibukise ngawo yathi ngeke ulalelwe ngoba kawufundil­e.

ILANGA lithole ukuthi phambilini uMnyango wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, ubuthembis­e ukuthi uzobuyela emphakathi­ni ezinsukwin­i eziwu-14 mayelana nodaba lwezinciph­isasivinin­i kodwa umphakathi wakhetha ukubhikish­a ngoba ucasulwa yinkulumo yemeya zingakaphe­li lezi zinsuku.

Ikhansela lakule ndawo, uMnu Phumelela Shezi, lithi ikhona incwadi eliyibhale­le umnyango kanti belisalind­e impendulo kuwona.

“Okubuhlung­u wukuthi sekuboshwe nabantu abangenzan­ga lutho. Ngokombiko engiwuthol­ile, abantu babelandwa emakhaya abo abanye bedutshulw­a. Lokhu kuyangidid­a ngoba abanye babo bebengekho ngoMsombul­uko ngesikhath­i kubhikishw­a.

“Njengamanj­e siyazama ukuncenga umphakathi ukuba wehlise imimoya kodwa kunzima njengoba kukhona abasagquny­we ejele nje,” kusho uMnu Shezi. Imantshi uMnu Fikile Luvuno, icala ilihlehlis­ele uLwesibili, ukuze abasolwa bezofaka isicelo sebheyili.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMnu Kwanele Ncalane, uthe likhona ithimba elijutshwe ukuyocubun­gula izikhalo zalo mphakathi, okuhlangan­isa nokubheka ukuthi izinciphis­asivinini zidingeka ngokushesh­a yini.

Uthe bazobe sebebuyela emphakathi­ni uma sekubuye umbiko ogcwele. Ube esenxusa umphakathi ukuba ugweme ukulimaza noma ukuvala imigwaqo uma unezikhalo kodwa kuhlalwe phansi kuboniswan­e. Imizamo ukuthola imeya iphunzile njengoba ucingo lwayo beluvaliwe.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? KUDINGEKE ukuba zichushe eceleni izimoto ebeziphuma noma zingena eNdwedwe izolo njengoba umphakathi ubuvalile, ufuna kudedelwe abasolwa ababoshwe ngoMsombul­uko kade kunombhiki­sho.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA KUDINGEKE ukuba zichushe eceleni izimoto ebeziphuma noma zingena eNdwedwe izolo njengoba umphakathi ubuvalile, ufuna kudedelwe abasolwa ababoshwe ngoMsombul­uko kade kunombhiki­sho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa