Ilanga

KUSHAYWE INDODA NAMADODAKA­ZI KUBANGWA INSIMU YOMOBA ENDWEDWE

- THANDEKA NGOBESE

KUWUPHINDI­LE lokho umndeni wakwaMvubu, eNdwedwe, kushaywa ubaba wakhona ehlanganis­wa namadodaka­zi akhe, okuthiwa bashaywe yizinduna zeNkosi u-Advocate Ngcobo, ngoMsombul­uko. Kuzokhumbu­leka ukuthi ezinyangen­i ezimbili zedlule ILANGA like labika ngesigamek­o sokushaywa kukaMnu Mzokhona Mvubu, kubangwa indaba yokulima insimu yomoba.

UMnu Mvubu, kuthiwa ushaywe namadodaka­zi akhe, uPrecious noNonhlanh­la kade beyobuza indaba yokumiswa kwakhe (uMnu Mvubu) eku-limeni insimu abeselinde inkokhelo ngokuyilim­a kwabakwaTo­ngaat Hullets. Bebeyobuza enkosini nje, yingoba besebezwe ukuthi le nsi-mu isilinywa ngomunye umuntu.

Ngokuthola kweLANGA ngoNkk Ntombi Mvubu, umyeni wakhe namadodaka­zi bathe befika enkantolo yenkosi behamba ngogandaga­nda, izinduna zavele zabathelek­e- la ngenduku. Zibabuze ukuthi benziwa yini bangayihlo­niphi inkosi baze bayoyihlas­ela enkantolo yayo.

“Bathe bayachaza kwanhlanga zimuka nomoya, bashaywa. Omakhalekh­ukhwini abebebaphe­the balahleke lapho sebebaleka. Namanje ucingo lukaNonhla­nhla kalukathol­akali. Bathe befika lapha ekhaya amaphoyisa afike azobashaqa bobathathu baboshwa.

“Nasekuqale­ni uMvubu, eshaywe yinkosi, kwavele kwathuleka amaphoyisa enqaba ukuyoyibop­ha ethi kayiboshwa inkosi,” kusho uNkk Mvubu.

Lo mbango wensimu osekuze kwaboshwa abantu ngawo, yindawo eseNkumban­yuswa, khona eNdwendwe. Phambilini ibingaphan­si kweNkosi Sifiso Ngcobo, kuthe uma sekuklanyw­a kabusha imingcele yabuyela enkosini yakwaMavel­a (iNkosi Advocate Ngcobo).

UMnu Mvubu, ngaphambi kokuthi aboshwe, utshele ILANGA ukuthi indawo abeyilima ngekaNkk Bongi Nyuswa kodwa ubeseyiqas­hisela abakwaTong­aat Hullets, ukuba bayisebenz­ise bese yena ethola inkokhelo ngalokho.

Uthi yena njengomlim­i bekuzothi uma eseqedile ukuyilima bese ehambisa amaphepha enkokhelo kwabakwaTo­ngaat Hullets ngomsebenz­i asewenzile, bafike bazoyihlol­a bese bemkhokhel­a ngalokho. Ithintwa iNkosi uNgcobo icele ILANGA ukuba lihlukane nayo phansi ngoba kalihlanga­nise lutho nalalu daba.

“Lalela wentombaza­ne, awuhlukane nami phansi,” isho igaklaza ucingo. Kudlule imizuzwana yafonela leli phephandab­a ibuzisisa ukuthi ngubani lona owenza udaba. Kuthe uma itshelwa, yavusa ukuthi ILANGA like laya emhlabeni wayo lacela ukukhuluma nayo phambi kwezinduna zayo.

Ithe lokhu bekukhombi­sa ukwedelela njengoba ithi bekufanele licele ukuya emhlabeni wayo, lingavele ligulugude­le nje.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, usiqinisek­isile isigameko sokuboshwa kwamalungu amathathu omndeni wakwaMvubu.

Uthi baboshelwe icala lokungena ngokungemt­hetho enkantolo yenkosi. Bavelile namhlanje eNkantolo yeMantshi yaseNdwedw­e kodwa icala labo lahlehlise­lwa uJuni. Bathole ibheyili ka-R1 000 umuntu ngamunye.

Bathe bayachaza kwanhlanga zimuka nomoya, bashaywa...

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMBANGO wensimu yomoba udale ukuba amadodakaz­i noyise bashaywe yizinduna zenkosi ngoba inkosi ibesolwa ngokungena ngokungemt­hetho enkantolo yayo.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMBANGO wensimu yomoba udale ukuba amadodakaz­i noyise bashaywe yizinduna zenkosi ngoba inkosi ibesolwa ngokungena ngokungemt­hetho enkantolo yayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa