Ilanga

Ubiza uR1,15 billion umdlali weChelsea

Kunxuswa iPSG ukuba imthenge ukuqinisa isisu

- INTATHELI YELANGA

ICHELSEA egijima kwi-English Premiershi­p ifuna u-R1,15 billion kunoma iyiphi ikilabhu efuna ukuthenga uN’Golo Kante waseFrance ogijima kule kilabhu.

UKylian Mbappe waseFrance odlala kwiParis Saint-Germain (PSG) yakhona eFrance, usenxuse le kilabhu ukuthenga uKante.

Uthi ukutheleka kwakhe eFrance kungayixaz­ulula inkinga yasesiswin­i kule kilabhu. Uthi ukuxega kwesisu kule kilabhu yikhona okwenza ingenzi kahle kwi-Uefa Champions League.

UKante udlala ingcwenga yebhola kwiChelsea ayijoyine esuka kwiLeicest­er City. Ubambe elikhulu iqhaza iCity inqoba i-English Premiershi­p kumasizini amabili adlule, kanti ngesizini elandelayo uqukule inkomishi efanayo neChelsea. UMbappe uthi ukulandwa kukaKante kungayithu­thukisa kakhulu iligi yaseFrance.

“Ungumkhaya wethu lapha eFrance. Ukumlanda kungenza umehluko omkhulu kwiligi yethu. Bonke abantu balapha eFrance bayamthand­a futhi uyiqhawe labo. Abaphathi bekilabhu kumele baqunge isibindi bamthenge. Kayehli kahle le nto yokubona abadlali baseFrance bedumisa iligi yase-England njengoba kwenzekile kuThiery Henry obedlala kwi-Arsenal nabanye.

“Kumele sizigcine ekhaya izilomo zethu ukuze neligi yethu izohlonish­wa. Ukufika kukaKante lapha ekilabhini kungasinqo­bisa iChampions League,” kusho lo mdlali odlala noKante eqenjini lesizwe laseFrance.

IChelsea izobhekana neLiverpoo­l ngeSonto ngo-17h30 kowe-English Premiershi­p.

Isiyonke imidlalo ye-English Premiershi­p kule mpelasonto ihlelwe kanje: KUSASA NGOLWESIHL­ANU Brighton & Hove Albion vs Manchester United 21h00 (SS3). NGOMGQIBEL­O Stoke City vs Crystal Palace 13h30 (SS3).

AFC Bournemout­h vs Swansea City 16h00 (SS6).

Watford vs Newcastle United 16h00 (SS11).

Leicester City vs West Ham United 16h00 (SS8).

West Bromwich Albion vs Tottenham Hotspur 16h00 (SS3). Everton vs Southampto­n 18h30 (SS3). NGESONTO Manchester City vs Huddersfie­ld Town 14h30 (SS3). Arsenal vs Burnley 17h30. Chelsea vs Liverpool 17h30 (SS3). NGOLWESIBI­LI Swansea City vs Southampto­n 20h45 (SS3).

EyeSpanish La Liga ihlelwe kanje: KUSASA NGOLWESIHL­ANU Sevilla vs Real Sociedad 21h00 (SS7). NGOMGQIBEL­O Girona vs Eibar 13h00 (SS7). Athletic Club vs Real Betis 16h15 (SS7).

Celta de Vigo vs Deportivo La Coruna 18h30 (SS7). Villarreal vs Valencia 20h45 (SS7). NGESONTO Malaga vs Deportivo Alaves 12h00 (SS7).

Atletico Madrid vs Espanyol 16h15 (SS7). Las Palmas vs Getafe 18h30 (SS7). Barcelona vs Real Madrid 20h45 (SS7). NGOMSOMBUL­UKO Leganes vs Levante 21h00 (SS7).

 ?? ISITHOMBE NGABE: EUROSPORT ?? UN'Golo Kante waseFrance ogijima kwiChelsea yase-England.
ISITHOMBE NGABE: EUROSPORT UN'Golo Kante waseFrance ogijima kwiChelsea yase-England.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa