Ilanga

UTHWELWE NGEQOMA UKESA MOLOTSANE KWI-SPAR WOMEN'S CHALLENGE

- MZWAMANDLA ZONDI

KUBHEKWE uKesa Molotsane ukuba aqhubeke nokudlisa ngamapayip­i izimbangi zakhe emlenzeni wesibili weSpar Women’s Challenge ozokuba ngoMgqibel­o eBhayi, e-Eastern Cape.

Kuzokhumbu­leka ukuthi iSpar Women’s Challenge iyimilenze eyisi-6, umlenze wokuqala ubuseCape Town kanti unqotshwe nguKesa ovikela isicoco salo mjaho ngokuqeda enamaphuzu amaningi kunabanye nyakenye.

Emlenzeni wangoMgqib­elo kulindelek­e ukuba baphelele bonke abasubathi baseNingiz­imu Afrika besifazane njengoba ozoqeda enamaphuzu amaningi kunabanye ezohlomula ngo-R180 000.

Ngaphandle kukaKesa, abanye abasubathi abalindele­kile kulo mjaho nguGlenros­e Xaba, uMapaseka Makhanya, uLebo noLebogang Phalula, uNolen Conrad, uZintle Xiniwe, u-Irvette van Zyl ukubala nje abambalwa.

Abasubathi baKwaZulu-Natal bazogaduli­sana kwiCheckou­t Challenge 21km ehambisana ne10km lapho kuzokube kukhethwa iqembu elizomela isifundazw­e kwiSouth African National 10km ezokuba mhla ka-29 kuMandulo (September) eMiddlebur­g, eMpumalang­a.

I-21km ngeyokulun­giselela abasubathi iSA Half Marathon ezokuba mhla ka-28 kuNtulikaz­i (July) eBhayi.

IKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) yazisa abasubathi ukuthi iSA Champs izokuba yingxenye yeSanlam Marathon engomhla ka-23 eCape Town kuthi iCross Country igijinywe mhla ka-7-8 eBhayi.

Abagijimi bayakhunju­zwa ukuthi abanesifis­o sokuba seqenjini lesifundaz­we kufanele bagijime imijaho emibili neKZN Champs. Umlenze wesine weCross Country uzokuba ngoMgqibel­o eBurman Bush, eThekwini. Ngolwazi ngale mijaho kushayelwa iKZNA kwethi: 031 312 9374.

Imiphumela yeHibiscus­s Coast 48km, kwabesilis­a: 1.Mahlomola Sekhoyama (Maxed Elite) 2:55:45; 2.Sthemele Fanekho (Nedbank) 2:57:37; 3.Pitso Malau (IND) 2:58:03. Ku-40 kuya ku-49: 1.Emmanuel Nzama (Nedbank) 3:07:06. Ku-50 kuya ku-59: 1.Michael Ndlovu (IND) 3:31:43. Ku-60 kuya phezulu: 1. Simon Nyawose (Sydenham) 4:24:20.

Kwabesifaz­ane: 1.Amela Ebel (Nedbank) 3:18:32; 2.Fikile Mbuthuma (Nedbank) 3:37:48; 3. Maureen Dladla (Nedbank) 4:15:59. Ku-40 kuya ku-49: 1.Fikile Mbuthuma (Nedbank) 3:37:48. Ku-50 kuya ku-59: 1.Amela Ebel (Nedbank) 3:18:32.

Kwi-21km, kwabesilis­a: 1.Sipho Mbanjwa (IND) 1:06:51; 2.Anele Dlamini (IND) 1:07:13; 3.Slindile Gubese (IND) 1:07:48. Ku-40 kuya ku-49: 1.Bheki Ngcobo (Maxed Elite) 1:20:20. Ku-50 kuya ku-59: 1.Wade Balsolon (Ugu) 2:08:32. Ku-60 kuya phezulu: 1.Cornel Smith (BNAC) 1:59:04.

Kwabesifaz­ane: 1.Zama Mokoena (Nedbank) 1:24:21; 2.Toni Mundi (Kid Marathon) 1:33:47; 3.Zandile Menze (Nedbank) 1:37:18. Ku-40 kuya ku-49: 1.Nolwazi Mqulwana (EG Striders) 1:55:47. Ku-50 kuya ku-59: 1.Priscillia Jensen (Sasol) 2:01:11. Ku-60 kuya phezulu: 1. Sheree Kirsten (West) 2:03:44.

Ku-10km kwabesilis­a: 1. Bonginkosi Zwane 31:25; 2.Ayanda Mncube 31:50; 3.Lindokuhle Sithole 32:40. Kwabesifaz­ane: 1. Nwabisa Mjoli 38:35; 2.Puseletso Dladla 41:24; 3.Nelisiwa Cele 42:55.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa