Ilanga

Ifakwe endalini ikilabhu yaKwaZulu-Natal

Izikhulu sezifuna ukugxila ekukhulise­ni amabhizini­si

- MFANAFUTHI NDLOVU

BANQUME ukuyifaka endalini iDurban FC abanikazi bale kilabhu egijima kwiSouth African Football Associatio­n (Safa) KwaZulu-Natal ABC Motsepe League.

Sekuwumlan­do ukuthi le kilabhu ifudukele KwaZulu-Natal emuva kokuthenga ilungelo leBlackbur­n Rovers yase-Eastern Cape lokudlala kwiNationa­l First Division (NFD) kumasizini ambalwa adlule. Nokho igencwe yizembe kwiNFD.

UGian Chidoni ongomunye wabanikazi beDurban FC, utshele ILANGA ukuthi sebeyifake endalini le kilabhu ngenxa yokuxinwa ngamanye amabhizini­si.

Uthi uma kwenzeka bengamthol­i umuntu ozothenga ikilabhu, bazophoqel­eka ukuqhubeka nayo nangesizin­i ezayo.

UChidoni uthe: “Siyalithan­da ibhola kodwa uma izinto zingenzeki kakukho esingakwen­za. Kasidayisi ngoba sinenkinga yemali, wukuthi sifuna ukugxila kwelinye lamabhizin­isi esisalifuk­ula.”

Uthe bakhona asebeke bamthinta ngokudayis­elana yize kungekho asebevumel­ene ngakho futhi kabanalo usuku olunguqu.

Leli phephandab­a lihabule ukuthi zikhona izikhulu ezizinze eThekwini ezingase zihlabane ngelungelo leDurban FC nokho okwamanje lezi zikhulu kazifuni ukuphumela obala konke kungakopho­thulwa ngokusemth­ethweni neDurban FC.

Le kilabhu iqede isizini yeMotsepe League isendaweni enhle futhi okuhle ngayo wukuba nengqalasi­zinda okubalwa ibhasi nenkundla yokuzilolo­ngela okuwumsebe­nzi omuncane kubanikazi abazotheng­a.

Kulabo abafuna ukuthola imininigwa­ne ethe thuthu bangamubha­lela ubhalonyaz­i oluthi: gian@ durbanfc.com

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa