Ilanga

Wenza isethembis­o umqeqeshi weBucs

Uthi abalandeli nakanjani bazojabula ngesizini ezayo

- SENZO SOKHELA

UTHEMBISA lukhulu uMilutin “Micho” Sredojevic ongumqeqes­hi we-Orlando Pirates emuva kokuba ezakhe zihluleke zancama ukukhava iMamelodi Sundowns esiyizingq­wele ezintsha ze-Absa Premiershi­p.

IBucs izosonga le sizini neFree State Stars kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o mhla zili-12 kwephezulu e-Orlando Stadium, eSoweto. IBucs izosonga le sizini ilambatha njengoba ingazange inqobe nkomishi. Nokho iziduduza ngokuthi iyabuyela emidlalwen­i yeCaf Champions League njengoba izoqeda isizini ilele isibili kwi- log.

USredojevi­c wenza isethembis­o kubalandel­i bale kilabhu.

“Indlela esibuye ngayo ngomzulisw­ano wesibili kufanele ibethuse abantu ngoba yiyona ndlela esizoqa- la ngayo isizini ezayo.

Ngifuna ukuthembis­a abalandeli bethu ukuthi noma kanjani ngesizini ezayo ikhona inkomishi esizoyinqo­ba, ukuthi iyiphi angikakazi.

“Sibe nesizini enhle kakhulu. Sizamile ukubuyisa isithunzi sekilabhu.

"Ngesizini ezayo abantu bazobhema bakholwe,” kusho uSredojevi­c ojoyine le kilabhu ngokuqala kwesizini isiyinhlek­isa njengoba ibiwukudla kwesibhaxu.

Ngokuyodla­la kwiCaf Champions League, uthe: “Ngokwami ngingumAfr­ika, impilo yami cishe yonke yokuqeqesh­a bengilapha e-Afrika. Ngijabule ngendlela engachazek­i ukuthi siyodlala kule midlalo yeCaf.

"Kodwa-ke kufanele siqinise isikwati sethu njengoba sesiya kule midlalo ngoba sizodinga izinsizwa, akudlalwa laphayana kunzima.”

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UMILUTIN "Micho" Sredojevic uthi zizophela izinsuku zosizi kubathandi be-Orlando Pirates ngesizini ezayo.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UMILUTIN "Micho" Sredojevic uthi zizophela izinsuku zosizi kubathandi be-Orlando Pirates ngesizini ezayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa