Ilanga

Sezikhonjw­a ngeSonto izimpi ezibhuntsh­ile

Kuzovulwa ngezimpi zama-amesha

- PHILANI NCALANE

ISIKHONJWA osukwini lwangeSont­o impi ye-Internatio­nal Boxing Federation (IBF) All Africa Junior Featherwei­ght phakathi kuka-Innocent “Tycoon” Mantengu ( osesithomb­eni) oyingqwele yaleli bhande noDoctor Nsele.

Le mpi bekumele ibe ngeledlule kodwa yahlehlisw­a ngenxa yokuthi imali ewumthetho yeBoxing South Africa (BSA), kayifakwan­ga ngesikhath­i esinqunyiw­e. Le mpi izokuba ngeSonto KwaMsane Hall, eMtubatuba. Kuzoqala izimpi zamaamesha ngo-9 ekuseni bese kuthi ezesigaba esikhokhel­ayo ziqale ngo-13h00. Kuzongenwa mahhala.

Ukuqhubeka kwalezi zimpi kuqiniseki­swe nguThulani “Nkunzi” Magudulela weLudonga Boxing Promotions.

“Siphoqelek­ile ngeledlule ukuba siyihlehli­se impi ngenxa yokuthi iBSA ibidinga imali ukuze kukhokhelw­e izindleko zabaphathi bempi. Omunye ngowaseKen­ya kanti omunye ngowaseTan­zania. Besicele ukuba iBSA ikhokhe bese siyinika imali kamuva, kanti nabaxhasi abebezoyif­aka bebeyibhal­ile incwadi eqinisekis­a lokhu.

“Lolu hlelo lubuye lwabhuntsh­a ngenxa yokuthi luthinta nabantu bangaphand­le. Kumanje ngiseMtuba­tuba ngiphothul­a amalungise­lelo empi. Izimpi zizoqhubek­a ngeSonto, ngakho-ke umphakathi waseMtubat­uba namaphethe­lo awuze ngobuningi,” kusho uMagu- dulela.

UMthobisi Mack Makhathini okhulumela uBongi SitholeMol­oi onguNgqong­qoshe WezeMidlal­o KwaZulu-Natal, ukuqinisek­isile ukuthi lezi zimpi zizokuba ngeSonto.

Lo mnyango uyingxenye yalezi zimpi ngenxa yokuthi zididiyela nezama-amesha okuhloswe ngazo ukuthuthuk­isa amabhokisa aseMtubatu­ba. Lo mqhudelwan­o wesekwe nawumasipa­la waseMtubat­uba.

UMantengu utshele ILANGA izolo ngoLwesith­athu ukuthi ziphazamis­ekile izinhlelo zakhe ngokuhlehl­iswa kwalo mqhudelwan­o.

Uthe usebenza kanzima kuleli sonto ukulungisa isisindo sakhe njengoba ephazamise­kile ngeledlule. Ubonge kakhulu umnyango wezemidlal­o, umasipala waseMtubat­uba noMagudule­la ngokuqinis­ekisa ukuthi liyafezeka iphupho lakhe lokulwela ngakubo.

Leli bhokisa lizofika ngoMgqibel­o eMtubatuba lizokalwa isisindo.

 ?? ISITHOMBE NGABE: ETHEKWINI LIVING LEGENDS ?? U-ALPHA Mchunu ohola uhlangothi lwe-Safa eThekwini lwaseHoy Park.
ISITHOMBE NGABE: ETHEKWINI LIVING LEGENDS U-ALPHA Mchunu ohola uhlangothi lwe-Safa eThekwini lwaseHoy Park.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa