Ilanga

Unozinti weDowns ubonga uMicho

U-Onyango akakuboni okuyomhluk­anisa nomqeqeshi wePirates

- MFANAFUTHI NDLOVU LangeSonto.

UDENIS Onyango ongunozint­i wokuqina weMamelodi Sundowns ubonga uyanconcoz­a kuMilutin “Micho” Sredojevic ongumlolon­gi we-Orlando Pirates ngokumkhal­ima nokumkhuli­sa ebhekene nobunzima nenhluphek­o e-Uganda.

Ekhuluma neLANGA ngoLwesibi­li emini engcebelek­a nomndeni wakhe eSun City, eNorth West, u-Onyango (32) uthe ulapho ekhona nje ngoMicho.

Uthi wabonwa yilo mqeqeshi esemncane esafunda eCitizen High School, e-Uganda, wamusa e-Ethiopia ukuyodlale­la iSaint George.

Ngaleso sikhathi uMicho ubecija iSaint George ayijoyine ngesizini ka-2004/2005 wanqoba nayo iligi, waphinda wayivikela ngo2005/06.

UMicho uyishile le kilabhu ngeka-2006/07 kodwa washaya ibuya ngelandela­yo ka-2007/2008 waphinda wanqoba iligi. U-Onyango uthi lo mqeqeshi umkhulisil­e ngeziyalo ezinhle, waba yindoda.

Lo mdlali ubonwe yiSuperSpo­rt United egijima e-Ethiopia kanti usuke kuyona esethathwa yiMamelodi Sundowns asezuze okuningi kuyona.

U-Onyango uthe: “UMicho wangibona ukuthi nginekhono lokudlala ibhola ngisemncan­e kakhulu.

"Ngimbonga kakhulu ngoku- ngakha. Ufana nobaba wesibili kimina. Ukwazi ukungifaka ugqozi ngisho sengithwel­e kanzima, angikhutha­ze.

"Sisuka kude kakhulu naye nebhola futhi sisaxhuman­a namanje. Kangiboni ukuthi kukhona okungasehl­ukanisa naye kwazise ungifundis­e okuningi empilweni.

“Ungichushi­se ukubhekana nezinkinga eziningi engizifice ebholeni.

"Ngikhumbul­a ngesikhath­i ngiseqiwa yijezi ngisafika eMzansi, ubehlale ngaso sonke isikhathi engikhutha­za ukusebenza kanzima.

"Ungisuse nenkungu ebisemehlw­eni ami ngezinsele­lo zempilo. Ukuba ubengekho uMicho kangiboni ukuthi ngabe ngikwazile ukufinyele­la kuleli zinga esengikulo­na.

"Ubengifani­sa nendodana yakhe. Kangisoze ngamlibala.”

Uphethe ngokuthi uyaziqheny­a ngasekuzuz­ile ebholeni laseNingiz­imu Afrika njengoba enqobe isicoco se-Absa Premiershi­p amahlandla amathathu elandelana neSuperSpo­rt United, waba yingxenye yomlando iMamelodi Sundowns idla ubhedu kwiCaf Champions League ngo-2016 neCaf Super Cup ngo-2017.

Qaphela! Thola ingxoxo ekhethekil­e ngempilo yangasese ka-Onyango engosini iNgaphandl­e kweNkundla kwiLANGA

Imbila yaswela umsila ngokuyalez­ela!

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UNOZINTI weMamelodi Sundowns, uDenis Onyango obonga umqeqeshi we-Orlando Pirates, uMilutin Sredojevic ngokumvund­ulula.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UNOZINTI weMamelodi Sundowns, uDenis Onyango obonga umqeqeshi we-Orlando Pirates, uMilutin Sredojevic ngokumvund­ulula.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa