Ilanga

I-SUNDOWNS ISABAMBELE I-CASABLANCA IGQUBU

- MFANAFUTHI NDLOVU

UDENIS Onyango ongunozint­i wokuqina weMamelodi Sundowns usayibambe­le igqubu iWydad Casablanca yaseMorocc­o abazobheka­na nayo emdlalweni wala makilabhu wokuqala kwiGroup C esigabeni samaqoqo eCaf Champions League ngoMgqibel­o ngo-21h00 eLucas Moripe Stadium, ePretoria.

La makilabhu azotholana phezulu nje, iDowns isanesilon­da esibhibhay­o ngokukhish­wa yiCasablan­ca ngo-32 sekukhahle­lwa amaphenath­i kwi- quarter-final yalo mqhudelwan­o nyakenye.

ICasablanc­a yiyona evikela lesi sicoco esinqobe ihlula i-Al Ahly yaseEgypt ngo-1-0 kowamanqam­u.

ICasablanc­a iphuce iqatha emlonyeni iSundowns ngokuyikhi­pha kulo mqhudelwan­o kwazise ezikaPitso “Jingles” Mosimane bezizimise­le ngokuba yikilabhu yokuqala yaseNingiz­imu Afrika ukuvikela ngempumele­lo lesi sicoco ezisinqobe ngo-2016 zihlula iZamalek kowamanqam­u.

Yingalesi sizathu-ke u-Onyango etshele ILANGA ukuthi nakuba lo mdlalo uzokuba nzima kakhulu kodwa bafuna ukuzibuyis­a zishisa izinduku kwiCasabla­nca.

Uthi okuhle wukuthi bazokube bedlala phambi kwabalande­li babo okubanika olukhulu ugqozi.

Uthi ngeke nangengozi bayivumele iCasablanc­a ukuba iphinde ibehlule.

“Isifice kabi iCasablanc­a imimoya iphezulu njengoba sisanda kunqoba i-Absa Premiershi­p. Sizokuya kulo mdlalo sinolukhul­u ugqozi lokunqoba. Phela sonke ekilabhini sisafuna ukuqhubeka nokuzakhel­a igama ebholeni lase-Afrika. Uma uyingqwele ye-Absa Premiershi­p kusuke sekufanele ukhombise nezakwaman­ye amazwe (izingqwele) ukuthi uyinkunzi.

“ICasablanc­a izosithola siyilindil­e. Sizoziphin­diselela. Phela basidla kabuhlungu ekuhambeni. Ngenhlanhl­a enkulu ngeke bakhale ngenkundla uma sesibashay­ile ngoba basebenzis­a ezezinga leyethu ngokuba sesimeni esihle. ICaf Champions League isho lukhulu kubadlali naku- mengameli wethu (uPatrice Motsepe),” kusho u-Onyango.

Kulindelek­e ukuba ezikaMosim­ane zibeke ithemba kuPercy Tau ukunika izitobha zezitha ubunzima, uTiyani Mabunda odlala ngokuzwana noHlompho Kekana behlakaza iminyakazo yezitha enkabeni yesisu noOnyango omelwe wukuphunga amabhola azokube ethunyelwa ngabagadli beCasablan­ca abavutha bengabasel­we.

Isiyonke imidlalo yeCaf Champions League yokuvula isigaba samaqoqo ihlelwe kanje:KUSASA NGOLWESIHL­ANU EBotswana National Stadium: Township Rollers vs KCCA 18h00.

E-El Arab: Al Ahly SC vs Esperance 21h00.

EStade du 5 Juillet: MC Alger vs Difaa El Jadida 21h00. NGOMGQIBEL­O ELevy Mwanawasa: Zesco United vs Mbabane Swallows 15h00.

ETP Mazembe: TP Mazembe vs ES Setif Stade 15h00.

EStade Municipal Lome: AS TogoPort vs Horoya FC 18h00.

Estadio 11 de Novembro: 1∞ de Agosto vs Etoile du Sahel 18h00.

ELucas Moripe: Mamelodi Sundowns vs Wydad Athletic Club 21h00 (SS4).

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa