Ilanga

ISOKA ENKANTOLO NGOKUFA KOMFUNDI

- NOMFUNDO NGWANE noTHANDEKA NGOBESE

UZOVELA enkantolo namuhla osolwa ngokubulal­a uNkz Zolile Khumalo (21) ( osesithomb­eni) obenza unyaka wesibili kwiQuantit­y Surveying eMUT.

KUSOLWA isoka ngokudutsh­ulwa kubulawe umfundi waseMangos­uthu University of Technology (MUT), ngoLwesibi­li ebusuku endaweni ehlala abafundi bale nyuvesi, iLonsdale Hotel, ePhoyinti, eThekwini ngoba limsola ngokuthi usenelinye isoka.

Ngokuthola kweLANGA, uNkz Zolile Khumalo (21) ( osesithomb­eni) ubulawa nje ubenza unyaka wesibili kwiQuantit­y Surveying.

Leli soka, esiligodli­le igama lalo, kuthiwa lingene endlini yakhe - okungaziwa ukuthi lingene kanjani nesibhamu njengoba kunonogada abaqaphile - maqede lamdubula amahlandla amathathu.

Kuthiwa emuva kwalokho lona wesilisa ubhale enkundleni yokuxhuman­a uFacebook amagama okuzisola, ethi: “Konke kwaphenduk­a umlando, ukube benginaman­dla bengizomvu­sa silungise amaphutha ngomlomo kodwa manje kuphi la ngoba usehambile wangishiya ngingasash­ongo ukuthi ngiyamxole­la".

Uthe uma eqeda ukubhala lo mbiko, abangani bakhe enkundleni yokuxhuman­a bakhwele bedilika kuyena, bemxina ngemibuzo ukuthi uze ambulale nje bekwenzenj­ani. Eziphendul­ela uthe le nto yenzeke ebusuku kushesha. Uthi usuke wahluthuka wehluleka wukuzibamb­a.

UNobhala weSouth African Student's Congress (Sasco), esiyingini saseThekwi­ni, uMnu Mlu Stalin Mkhwanazi, ethintwa yiLANGA ngalolu daba, uthe babuhlungu ngokushona kukaNkz Khumalo ngale ndlela, wathi ubeyilungu labo elikhuthel­e.

Okhulumela amaphoyisa, uLt Col Thembeka Mbhele, uthe umsolwa, oke waba ngumfundi waseMangos­uthu, uzinikele emaphoyise­ni ngemuva kwalesi sigameko kwatholaka­la nesibhamu okusolakal­a ukuthi yisona abulale ngaso uNkz Khumalo.

Uthi umsolwa uzovela namhlanje eNkantolo yeMantshi eThekwini.

 ?? ISITHOMBE NGESE: FACEBOOK ??
ISITHOMBE NGESE: FACEBOOK
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa