KUQHUDELANA IZIMEYA KWESOKUHOLA IMUSA DLADLA REGION
KUQHUDELANA izimeya kwesokuhola i-African National Congress (ANC) eMusa Dladla Region njengoba kunengqungquthela yokukhetha ubuholi ezoqala kusasa ngoLwesihlanu, eBhekuzulu Hall, e-University of Zululand, KwaDlangezwa, eMpangeni.
Le ngqungquthela yalesi sifunda, esithathwa njengesinye esinamagatsha amaningi (awu-105) KwaZulu-Natal ngemuva kweTheku, ibhekwe ngabomvu.
Kuzokhumbuleka ukuthi usihlalo walesi siyingi se-ANC, uNkk Nonhle Mkhulisi, ungene ngemuva kokudlula emhlabeni kukaMnu Thulani Mashaba, oshone engozini yemoto enyantisayo ngo2015.
UNkk Mkhulisi, oyiMeya kaMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo, ungomunye wabaphakanyiswe esikhundleni sikasihlalo kanti lesi sikhundla usibanga neMeya yaseMhlathuze, uMnu Mduduzi Mhlongo.
UNkk Mkhulisi uveze ukuthi kula magatsha awu-105, awu-97 athathwe njengasemthethweni kodwa awu-84 aphasiswe ukuba yingxenye yengqungquthela. Uthi balindele ingqungquthela enokuthula engeke ibe nazo izigigaba zodlame njengoba nezingqungquthela zamagatsha nazo zibe nokuthula.
“Ngiyathemba ukuthi amalungu ethu akulindele ukuba nengqungquthela ezoba yimpumelelo, ezophothulwa isabumbene futhi kukhulunywa ngazwilinye,” kusho uNkk Mkhulisi.
Uthe ulindele ukwenza noma yikuphi amagatsha akuphakamisayo ngaye. “Njengelungu elihloniphayo le-ANC, ngizowahlonipha amagatsha uma efuna ngiqhubeke nokuwahola kanti uma efisa kube ngomunye, ngizokuhlonipha lokho,” kusho uNkk Mkhulisi.
Unobhala walesi siyingi, uMnu Tholinhlanhla Gwala, naye uhambe emazwini kaNkk Mkhulisi ngezinhlelo zengqungquthela.
UMnu Gwala kuvela ukuthi uphakanyiswe ukuba abuyele esikhundleni sakhe sokuba ngunobhala. Naye uveze ukuthi uma amagatsha esafuna aqhubeke nokuhola, uzokuhlonipha lokho.
Uthe ngaphandle kokukhetha ubuholi kule ngqungquthela, bazophinde babuyekeze izinqumo eziphume engqungqutheleni yaleli qembu kazwelonke ebiseNasrec eGoli ngoDisemba nyakenye.
Uthi bazophinde bathathe nesinqumo sokuthi bazokweseka muphi umholi engqungqutheleni yesifundazwe. Kuzokumbuleka ukuthi iMusa Dladla ibihambisana nobuholi bukaDkt Nkosazana Dlamini-Zuma ngesikhathi kunomqhudelwano wesikhundla sokuhola i-ANC phakathi kwakhe noMnu Cyril Ramaphosa, osekuwumlando ukuthi usithathile.
Lesi siyingi sibalwa nalezo ezizwakalise ukungenami ngokwehliswa kukaMnu Jacob Zuma esikhundleni sokuba ngumengameli wezwe.