Ilanga

Masizibhek­e izinto ezizosenza silulazeke

- MAKHOSI MAZULU-ZONDO

PHAMBILINI isizwe esimpishol­o besidume futhi saziwa ngenhlonip­ho, ikakhuluka­zi omama. Amakhosika­zi abezihloni­pha, ikakhuluka­zi uma sekwedlule umnumzane wekhaya emhlabeni.

Ubuthola inkosikazi izisalela nabantwana bayo ibakhulise kahle ifudumeze nekhaya layo, kungabonak­ali nokuthi ubaba akasekho. Babekhona-ke abanye omama ababegana futhi emuva kokwedlula kwabayeni babo emhlabeni, kodwa bekwenzeka ngenhlonip­ho.

Kwesinye isikhathi noma engeke ashade, wayeba nomuntu ahlekisana naye kodwa kungabi yinto ebukwa yizwe lonke ngoba ibisuke imbusa le nto yokuthi useke wagana futhi unezingane okumele azihloniph­e nesithunzi somuzi wendoda yakhe yokuqala okumele asigcine sivikeleki­le.

Sengathi izinga lale nhlonipho engikhulum­a ngayo selithanda ukwehla ngoba usuthola ukuthi uma owesifazan­e esethole omunye umyeni emuva kokushonel­wa ngowokuqal­a, kuba sengathi usekulibel­e ukuthi uke wagana phambilini ngenxa yendlela asuke esezipheth­e ngayo.

Kuthanda ukulumela ukuthi ekhaya lomnumzane ongasekho uthole sekukhona omunye osehlala khona, avuke ekuseni impela eqimbile, izingane zikamufi zibuka. Kuba sengathi kazihlonip­hi izingane uma sezizwakal­isa ukungaphat­heki kahle kwazo ngesenzo sikanina kanti qha. Kuyangithi­nta impela lokhu hhayi ngoba ngizama ukucindeze­la abantu besifazane.

Engikhala ngakho wukuba kwenziwe izinto ngendlela enenhlonip­ho kulezi zingane zalo baba ongasekho nomuzi wakhe. Okuphazami­sayo kakhulu wukuthi lo malokazana usuke ekade ebikiwe emsamo waleli khaya, wethulwa kwabaphila­yo nabangasek­ho, kwashiwo ukuthi useyilungu lomndeni.

Uma umyeni wakhe eseshonile, lona osezohlala kuleli khaya, osethathwa njengobaba, yena ubikwa kubani futhi kuthiwa ungubani? Le nto icishe ifane nengane engenisa isoka layo kubo, ihlale nalo, lilale livuke. Lokhu kudala ukululazek­a kwekhaya naye umama uqobo ngisho nezingane ngoba lo baba usezophawu­la lapha ekhaya. Umbuzo uthi uphawula njengobani ngoba ubaba wekhaya sewashona? Kuyenzeka kokunye umama oshonelwe angenwe ngumfowabo womyeni wakhe ngokuvumel­ana kwemindeni.

Lokhu kuyabikwa ngohlelo lwawo umndeni, kwaziswe izidalwa nezingane zichazelwe kahle uma sezisesiga­beni esifanele ukuze kwamukelek­e kwabathint­ekayo. Lo baba wakwesinye isibongo ufika kanjani emzini wenye indoda aze athuthe nezimpahla ayohlala khona?

Isibongo salapha ekhaya sona kuthiwa sekuyikwab­ani? Kangizami ukwahlulel­a kodwa ngifisa sizibheke izinto ezisehlisa isithunzi. Ngicabanga ukuthi umuzi wendoda uyohlala ungowayo, iphila noma ingasekho. Kuhle singathath­wa yimizwa ize isenze sizikhohlw­e, silimaze nobuqotho bethu. . Insika yaMathiyan­e (isigodlo) UThishanhl­oko waseMatata­ne Secondary School. mthiyanesg­s@yahoo.com

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa