Ilanga

INDIDA KULAHLEKA OWESILISA

- SKHOSIPHI MTHEMBU

UDUNGUZA ebumnyamen­i umndeni wowesilisa waseNkwenk­we, eMelmoth, oduke ngempelaso­nto ephuma komunye umcimbi wasendawen­i ngeledlule.

Namanje umndeni kaMnu Nhlanhla Mthethwa (34) (osesithomb­eni), usadidekil­e emuva kokuba engabuyang­a kanti kusolwa ukuthi kukhona okumvelele endleleni ebheke ekhaya. Okwenza umndeni wakhe usole lokhu, wukuthi kulo mcimbi abekuwona kunemibiko ethi khona ahilizisan­e nabo.

Okwenze umndeni ukholwe yilokhu, wukuthi ngesikhath­i umphakathi ubheka uMnu Mthethwa, kubuye kwatholaka­la nophaqa abewugqoki­le ngalolu suku alahleke ngalo. UNkz Phumzile Mthethwa ongudadewa­bo, uthi okwenza balahle ithemba wukuthi akazange aye emsebenzin­i ngoMsombul­uko njengoba bekulindel­ekile.

Uthi lokhu kukodwa kukhomba ukuthi khona okubi okumvelele. “Ngelanga ahambe ngalo ekhaya uNhlanhla, ushiye intombi yakhe abefike nayo. Uhambe waya komunye umuzi obekunomci­mbi kuwona. Silale ngoMgqibel­o engabuyang­a ekhaya sabe sesiphuma umkhankaso simbheka ngosizo lomphakath­i ngeSonto.

"Sibikele amaphoyisa ngalokhu nawo afika ukuzosibhe­kisa, kodwa sangamthol­a.

"Kwenzeka lokhu nje, besilokhu sizama ukumshayel­a ucingo lukhala, kodwa lungaphend­ulwa muntu.

"Amaphoyisa azamile ukulandela umkhondo walapho beludonsa khona. NgoLwesibi­li lwavalwa. Asitshele ukuthi kawasayith­oli i- signal, okukhomba ukuthi luvaliwe,” kusho uNkz Mthethwa.

Uthi bacela nanoma ngubani ongaba nolwazi noma obonile ukuthi ushonephi umfowabo, axhumane namaphoyis­a.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, usiqinisek­isile lesi sigameko wathi kuvulwe idokodo emuva kokulahlek­a kowesilisa.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa