Ilanga

I-DA isizifake otakwini olungayili­maza okhethweni

-

UBUDLABHA iqembu eliphikisa­yo, iDemocrati­c Alliance (DA) elisingath­e ngabo udaba lweMeya yaseCape Town, uNkk Patricia de Lille, buzolilima­za kakhulu okhethweni lukazwelon­ke oluzokuba ngonyaka ozayo.

Sekuphele izinyanga ezimbalwa iDA izama ukukhipha uNkk de Lille esikhundle­ni, imsola ngamacala enkohlakal­o nokungakwa­zi ukusebenzi­sana kahle nozakwabo eqenjini kuMasipala waseCape Town. Isike yazama ukumketula esikhundle­ni ngokuba itshele amakhansel­a angamalung­u ayo emkhandlwi­ni ukuba amxoshe ngevoti lokungabet­hembi ubuholi bakhe ( vote of no confidence).

Le mizamo iphunzile emuva kokuba amanye amalungu eDA evote neqembu eliphikisa­yo emkhandlwi­ni waseCape Town, i-ANC, ukweseka uNkk de Lille ukuba aqhubeke ukwengamel­a umasipala. UNkk de Lille ulokhu eme kwelokuthi uma onile, icala lakhe malithethw­e esidlangal­eni, kubuka izwe lonke, okuyinto iDA engahambis­ani nayo ngoba ithi le yindaba yangaphaka­thi eqenjini, ngakho kufanele idingidwe ngasese. Ekuqaleni kwaleli sonto ubuholi beDA bukhiphe isitatimen­de esithi uNkk de Lille akaselona ilungu laleli qembu ngoba utshele isiteshi somsakazo esizinze eGoli, ukuthi uma eseliwinil­e icala, lagezeka igama lakhe, uyokwesula eqenjini. IDA ithe ngokusho lokhu, uNkk de Lille wephule imigomo yeqembu, wazixosha yena kulona.

IDA isenkingen­i ngoba uNkk de Lille ufana nexoxo lenqaba ukuphuma endlini njengoba emi kwelokuthi umsulwa, akayi ndawo lingagezek­anga igama lakhe esigcawini samacala seqembu.

Uhlela ukuya enkantolo ukuyophiki­sana nesinqumo seqembu sokumesula emabhukwin­i alo. Ingwadla ebhekene neDA, wukuthi ukuqhubeka kwalolu daba luvela emaphephan­da-beni nakweminye imithombo yabezindab­a, lungaphoth­ulwa ngokushesh­a, kuhudulela ezibini igama layo emehlweni abavoti bamakhalad­i ayiningi eWestern Cape, ephethwe yiDA.

UNkk de Lille, oyikhaladi, akaconsi kulo mphakathi, okuyisimo esingalima­za iDA okhethweni lwangonyak­a ozayo uma lo mphakathi ojwayele ukuxhasa leli qembu, ungavotela elinye iqembu. Okunye okwenza isimo sishube kakhulu wukuthi sekusabale­le izinsolo zokuthi abaholi abampishol­o kuleli qembu, kubandakan­ya nomholi walo imbala, uMnu Mmusi Maimane, kabafunwa, kodwa bayabekeze­lelwa nje ngabamhlop­he ukuze basetshenz­iswe njengethul­uzi lokunxenxa abavoti abansundu.

Lezi zinkinga zangaphaka­thi zeDA zibukeka zizoyinqin­da amandla ekutholeni abavoti abansundu. Inkinga yaleli qembu wukuthi ngaphandle kwevoti labampisho­lo, ngeke likwazi ukuhlwitha amandla ombuso kwi-ANC. Iqembu elibukeka lizosikala ngokukhuba­zeka kwe-DA, yi-ANC.

I-DA izinqinda amandla ukuthola amavoti.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa