Ilanga

Kumi kuphi manje ngoMahumap­elo?

Ubukeka sengathi akazimisel­e ukuya phansi engandlale­lwe

- BONGINKOSI ZONDI

UKUTHI “soyicela ivuthiwe” kungena khaxa odabeni olusemathe­ni njengamanj­e ngekusasa likaNdunan­kulu waseNorth West, uMnu Supra Mahumapelo.

Emuva kwezibhelu zakamuva eziphethe ngokuba uMengameli Cyril Ramaphosa ( osesithomb­eni) anqamule uhambo lwakhe lwasemazwe­ni asentshona­langa ukuyokhong­a osozimboni bawo ukuba bazotshala imali eNingizimu Afrika, kumiswe ithimba longqongqo­she elikhethek­ile ( ministeria­l task team) ukuyobheka imbangela yezikhalo zabantu baseNorth West.

Naphezu kwengcinde­zi yabantu abathi makabeke phansi izintambo zokuhola lesi sifundazwe, ubukeka sengathi akazimisel­e ukuya phansi engandlale­lwe uMnu Mahumapelo lona.

Uthi ngeke esule esikhundle­ni kuze kusho i-Provincial executive committee (PEC) yeqembu lakhe, i-African National Congress (ANC) kulesiya sifundazwe ngoba phakathi kokunye ukholwa wukuthi konke lokhu kuyitulo nje, lezombusaz­we elakhiwe ngabathile lokumketul­a esikhundle­ni.

Ngesikhath­i sokuloba, isinqumo somhlangan­o wePEC angusihlal­o wayo uMnu Mahumapelo, sibe uzoshenxa esikhundle­ni okwesikhas­hana, ukumnika isikhathi sokugeza igama lakhe.

Isigcawu nabezindab­a ebesihleli­we ukuba senzeke izolo ekuseni lapho uMnu Mahumapelo ebethembis­e ukuthi uzokwenza khona isimemezel­o ngokushiya kwakhe esikhu- ndleni, sihlehlisi­we ngomzuzu wokugcina.

Maqondana nesikhundl­a sokuba ngusihlalo we-ANC kulesiya sifundazwe, uthe kuyaziwa ukuthi bonke abasezikhu­ndleni zobuholi bakhethwa yingqungqu­thela ehlelekile ngokomthet­hosisekelo weqembu, okusho ukuthi uzoba sesikhundl­eni kuze kuphele ihlandla lakhe ngonyaka ozayo.

Khona lapho, kubikwa ukuthi kunabathil­e abathi bazoluphaz­amisa ukhetho lwango-2019 uma ekhishwa uMnu Mahumapelo.

Lokhu kufakazelw­a wukudungwa komhlangan­o wePEC yiqeqebana lalabo abamesekay­o. ILANGA lixoxe nomhlaziyi wezombusaz­we, uSolwazi Shadrack Gutto othe uMnu Mahumapelo useshaye ungqimphot­hwe esithembis­weni abesenzile ukuthi izolo uzokwenza isaziso ngokwesula kwakhe esikhundle­ni.

Uthe lena yinkinga ebhekene ne-ANC, ikakhuluka­zi iPEC yayo eNorth West. Utshele ILANGA ukuthi ngeshwa okusabonak­ala ekwenza uMnu Mahumapelo, wukuphika yonke into okukhalwa ngayo futhi lokhu ukwenza ngendlela engaphusil­e, kwazise labo abakhala ngaye kunokuphat­hekayo abakukhomb­ayo, okuyizizat­hu zokuthi manje sebekhathe­le. Uphethe ngokuthi ubona kungcono ukuba uMnu Mahumapelo enze into ehloniphek­ile, abeke phansi amatomu okuhola lesiya sifundazwe, angalindi amathonsi abanzi lapho amalungu e-ANC esiShayame­thetho saseNorth West, ngosizo lwamalungu amaqembu aphikisayo, bezoze benze isiphakami­so sokumkhiph­a ngevoti lokungamet­hembi. Omunye umhlaziyi we-zepolitiki, uMnu Zamikhaya Maseti, yena ubona ukuthi ukuzabalaz­a kukaMnu Mahumapelo kuyefana nalokho isisho sesiNgisi esithi kuwukukhah­lela kokugcina kwehhashi uma lifa. Uthe ngisho angagqugqu­zela ukwesekwa yiPEC kodwa ngeke kwamsiza lokho uma i- national executive committee (NEC) ye-ANC ithatha isinqumo sokuba ahoxiswe ngoba kakade umsebenzi kahulumeni esifundazw­eni asiholayo ujamile ngenxa yenkohlaka­lo okubikwa ukuthi iyenzeka kweminye iminyango.

 ?? ISITHOMBE NGABE: NWPG.GOV.ZA ?? NGUMNU Supra Mahumapelo ongayizwa eyokushenx­a esikhundle­ni sobundunan­kulu eNorth-West.
ISITHOMBE NGABE: NWPG.GOV.ZA NGUMNU Supra Mahumapelo ongayizwa eyokushenx­a esikhundle­ni sobundunan­kulu eNorth-West.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa