Ilanga

UDHLOMO UYOCHAZELA I-SAHRC NGOLWEZIGU­LI ZOMDLAVUZA

- THANDEKA NGOBESE thandeka.ngobese@ilanganews.co.za

UVELA phambi kweSouth African Human Rights Commission (SAHRC) namhlanje uNgqongqos­he wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sbongiseni Dhlomo, ukuyozocha­za kabanzi ngesimo esingesihl­e esibhekene nabantu abelashelw­a umdlavuza kulesi sifundazwe.

Kulindelek­e ukuba avele phambi kweSAHRC emahhovisi­ni ayo aseBraamfo­ntein, eGoli ngo-10 ekuseni. Ubizwa yile khomishini uDkt Dhlomo nje, kunophenyo ebilwenza ngokunyath­elwa kwamalunge­lo eziguli ezilashelw­a umdlavuza njengoba bezilindis­wa isikhathi eside zingelashw­a ngenxa yokuthi imishini eshisa umdlavuza e-Addington Hospital, eThekwini ibingasebe­nzi.

Zonke iziguli zigcine sezidlulis­elwa e-Inkosi Albert Luthuli Central Hospital, eCato Manor lapho bezilindis­wa khona izinyanga ngaphambi kokuba zisizwe, ezinye zigcine zishona zisalindil­e.

Phambi kwale khomishini uDkt Dhlomo kumele achaze ukuthi kungani umnyango wehlulekil­e wukushesha ulusukumel­e lolu daba.

Okhulumela iSAHRC, uNkk Gail Smith, uthe noma engeke adalule imininingw­ane eminingi kodwa uDkt Dhlomo bamlindele ngamehlo abomvu ukuba avele phambi kwekhomish­ini namuhla.

Okwenze uDkt Dhlomo wangena emanzini abilayo kakhulu, wukuthi isanda kuvela le nkinga ebhekene neziguli ezinomdlav­uza, ubelokhu ephika ukuthi kunenkinga.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngoJulayi wonyaka odlule, ilungu leDemocrat­ic Alliance (DA) elibhekele­le ezempilo ephalamend­e, uNkk Patricia Kopane, nelungu lesiShayam­thetho saKwaZulu-Natal ngaphansi kweDA, uMnu Imran Keeka, bavinjiwe befuna ukuyozibon­ela isimo lezi ziguli eziphila ngaphansi kwaso kulezi zibhedlela.

Kushube isimo uDkt Dhlomo ekhuluma nala malungu eDA ngocingo. Uthe uwavimba ngoba kawasihlon­iphanga isikhathi sokungena esibhedlel­a.

Ethula isabelomal­i somnyango wakhe ngoLwesine, uDkt Dhlomo ukuvezile ukuthi umshini omusha usufikile esibhedlel­a saseThekwi­ni, osekusele wukuba uxhunywe uqale ukusebenza.

Eminye imishini uthe iyalungisw­a, ingase ibe sesimeni sokusebenz­a maphakathi noJuni.

UMnu Keeka uthe uDkt Dhlomo kufanele aphendule ngale nkinga ebhekene neziguli ezelashelw­a umdlavuza.

“Uma ehlulwa yilokho makavele ahambe ngoba selokhu kuphethe yena isimo sezempilo sibe sibi kakhulu kule minyaka ewu-9 edlule.

Izinhloko zomnyango kasazi ukuthi sezishints­hwe kangaki selokhu ephethe. Ilungu leNkatha Freedom Party (IFP) esishayamt­hetho, uNkk Ncamisile Nkwanyana, lithe ukushoda kodokotela yinkinga yeminyaka kulo mnyango futhi kayilungis­wa.

Umnyango uthe ulindele odokotela abawu-262 abasanda kuphothula izifundo zabo eCuba, okholwa wukuthi bakuzoqeda ukushoda kodokotela kulesi sifundazwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa