Ilanga

OwePirates uzanyelwa umsebenzi e-Europe

Kuthiwa akaseneme kumaBhakab­haka

- SENZO SOKHELA

UZANYELWA umsebenzi e-Europe umdlali weOrlando Pirates okuvela ukuthi akaseneme ngokuhlala kule kilabhu.

IBucs ijabulise abalandeli bayo imemezela ukuthi isayinise u-Abbubaker Mobara odlala emuva obegijima kwi-Ajax Cape Town.

Nokho lo mdlali selokhu efikile kwiBucs akakayibam­bi indawo njengoba engena ephuma eqenjini. Ubuye amiswe kabi wukulimala.

Ubesebhent­shini iBucs yehlula iFree State Stars ngo-2-1 kowe- Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ntambama e-Orlando Stadium, eSoweto.

ILANGA lithole ukuthi lo mdlali angase alibhekise e-Europe ukuyozama inhlanhla emakilabhi­ni akhona. Kuthiwa uLance Davids ongumphath­i wakhe ozinze eBelgium, umzamela emakilabhi­ni akhona futhi akhombisa ukumuthand­a.

“UMobara kungenzeka aye e-Europe ngoba vele yiphupho lakhe ukuyodlala khona. UDavids uke wakhuluma naye, wamazisa ukuthi kukhona okuhlangan­ayo, kungenzeka bambize maduzane. Kunamakila­bhu aseSweden nawaseBelg­ium akhombisa uku- mthanda.

"Nokho yonke indlela izodlula kwiPirates ngoba usanenkont­ileka nayo.

“Kodwa akaboni iPirates imuvimba ukuya phesheya ngoba kwinkontil­eka yakhe kunesivume­lwano sokuthi uma kukhona ikilabhu emfunayo phesheya (iPirates) izomdedela kodwa kufanele ikhiphe imali ethile,” kusho umthombo.

Ethintwa uMobara, uthe makubuzwe imenenja yakhe ngalolu daba ngoba yiyona eyazi kangcono ngezindaba zakhe. Nokho imizamo yokuthola uDavids kayiphumel­elanga njengoba ucingo lwasehhovi­si lakhe eBelgium belungange­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa