Ilanga

Uzoqashwa ngelokhozi oweNatu

UMnu Thompson uhlaselwe ngeledlule

- MTHOBISI SITHOLE

ISIDELE konke iNational Teachers' Union (Natu) yaqinisa ezokupheph­a kwesekela likamengam­eli wayo, uMnu Allen Thompson ( osesithomb­eni), emuva kokuhlasel­wa kwakhe ngoLwesihl­anu, ntambama ngabesilis­a abangaziwa, bemdubula.

UMengameli weNatu, uMnu Sphosethu Ngcobo, uthi ikhathazek­ile inyunyana ngemizamo yokusocong­wa kukaMnu Thompson, yingakho sekuqashwe inkampani ezimele yonogada esezingeni eliphezulu, ezokwenza okusemandl­eni ukuthi uphephile.

Utshele ILANGA ukuthi njengoba uMnu Thompson, esesibhedl­ela, nakhona ugadiwe. Uthi onogada bazotshalw­a emzini wakhe ubusuku nemini, emsebenzin­i ngisho esemgwaqwe­ni akasophind­e ahambe yedwa. Uthi okubavule amehlo kakhulu wukuthi ngisho ubuholi bukazwelon­ke bamaqembu ezepolitik­i, bumvule amehlo bathi makagadwe kakhulu.

“Isimo sakhe siyathembi­sa nakuba ebedubulek­e kabi kodwa uzophuma maduze esibhedlel­a. Ezokupheph­a kwakhe zizoqinisw­a kakhulu, akukho okungahlul­a inyunyana,” kusho uMnu Ngcobo.

Utshele ILANGA ukuthi ngoLwesine oluzayo kuhlelwe umthandazo omkhulu wamalungu enyunyana eMbizo Hall, eMpangeni lapho uMnu Thompson, ezobe eyo- bikela amalungu ngokumehle­le.

Uthi ziyakhula kakhulu izinsolo zokuthi uMnu Thompson, bebezama ukumbulala ngenxa yokuthi iNatu yiyona evundulule amahlazo nezinsolo zenkohlaka­lo eMnyangwen­i wezeMfundo KwaZulu-Natal, yacela uphenyo olunzulu kuzwelonke ngokuseben­za kwemali nokungaqas­heki kothisha.

“Ngesikhath­i kwenzeka lesi si- gameko ngoLwesihl­anu, ngokuphazi­ma kweso ngifonelwe wumnyango wezemfundo kuzwelonke, ngugqongqo­she, ngumqondis­i wawo ne-Education Portfolio Committee kodwa uNgqongqos­he uDlungwana yena waze wangifonel­a ngoMgqibel­o ebusuku ethi ubona ezindabeni kumabonaku­de ukuthi kulimale uMnu Thompson.

“Inhloko uDkt Enoch Nzama, ingithinte emini ngoMgqibel­o. Lokhu kushiya imibuzo ethi kungaze kuyokwazi uzwelonke kodwa abantu abaseduze kwethu bona bethi bebengazi,” kusho uMnu Ngcobo.

UMnu Kwazi Mthethwa okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe: “Kusiphethe kabi ukuthi kulimele umuntu esisebenzi­sana naye futhi kasikaze sibone izitha zethu uma sibona iNatu. Ungqongqos­he ngenxa yokuthi umatasa ezindaweni eziningi, kungenzeka ukuthi lesi sigameko usibone ngaleso sikhathi.

“Siyazwelan­a noMnu Thompson noma ngabe inyunyana isola thina,” kusho uMnu Mthethwa. UMnu Thompson uhlaselwe emgwaqweni u-N2 ngaseMhlan­ga, eThekwini, esuka eMpangeni, elibangise eThekwini.

Uvinjezelw­e yimoto erobhothin­i ebelivalil­e abebephaka­thi badedela inhlamvu, wabe esebaleka khona livalile wa-shintsha umzila akabange esabheka ngalapho ebeya ngakhona, wangena ku-M14 nokuphoqe ukuba le moto yezinkabi iyothola indawo yokujika yabe isimhubha.

Kuthiwa uMnu Thompson ubaleke waze wangena kwesinye sezibhedle­la eziseduze. Lezi zinkabi zimhubhe zaze zangena nezibhamu esibhedlel­a kwabaleka kwasani, okuyilapho eduke khona uMnu Thompson, zangakwazi ukumthola.

Kubikwa ukuthi uMnu Thompson, imoto uyishiye esangweni lesibhedle­la nezikhiye zabe seziyivula izinkabi zathatha ama- laptop abequkethe imininingw­ane ebalulekil­e yeNatu, nemali engadaluli­we.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa