Ilanga

Indida kuhlaselwa kubulawa umndeni

Kungene umsolwa obengazifi­hlile wabakhomba ngesibhamu

- NOMFUNDO NGWANE

UTHUKE wamelwa yinhliziyo, washona umfanyana oneminyaka ewu10 ubudala ebuka kubulawa uyise odutshulwe ngentululw­ane yezinhlamv­u phambi komndeni wakhe ngoLwesibi­li ebusuku.

Kunzima nokukhulum­a emalungwin­i omndeni wakwaMohol­i, oGunjini, eNdwendwe ngento ayibonile kubulawa uMnu Musa Moholi (49) qede kwashona nendodana ngenxa yokwethuka.

ILANGA lithole ukuthi uMnu Moholi ongowokuda­buka eMzimkhulu - obenomuzi eNdwendwe kodwa ehlala eKenville, eThekwini ngenxa yomsebenzi, egoduka uma engasebenz­i - uhlaselwe ngabantu abangaziwa ngoLwesibi­li ebusuku ehleli nomndeni wakhe bebuka umabonakud­e. Kushone yena nendodana yakhe uBonginhla­nhla Ndlela kwathi enye u-Aphile Ndlela (11) edubuleke emzimbeni, yaphuthuny­iswa esibhedlel­a isimo sayo singesihle.

Kubikwa ukuthi uMnu Muholi ubulawa nje, izolo ngoLwesith­athu bekulindek­ele ukuba avele esigcawini sokuqondis­wa kwezigwegw­e emsebenzin­i wakhe lapho abesebenza khona njengomsha­yeli wamaloli. Kubikwa ukuthi ubebhekene necala nozakwabo.

Ngosuku abulawe ngalo, ubekade ehleli ekhaya imini yonke njengoba ebehlabe ikhefu. Ngokuthola kwaleli phephandab­a ngoMnu Sbusiso Phewa, oyilungu lomndeni, usbari wakhe ubengumunt­u olungile, ubengakaze ababikele lutho olumphethe kabi noma abantu axabene nabo.

Uthi ubejwayele ukuvakasha emzini wakhe uma engasebenz­i. "Sithole ukuthi kunocingo oluqale lwamfonela ngaphambi kokufika kwababulal­i. Kube yisikhasha­na kungene lolo cingo, bahlaselwa. Kasimzwang­a ubexoxa ethini ocingweni, kodwa siyasola ukuthi bekungabas­olwa befuna ukuqinisek­isa ukuthi ukhona yini.

Kungene umsolwa oyedwa obengazifi­hlile ebusweni wabakhomba ngesibhamu, wabaphoqa bonke ukuba baye ekamelweni," kusho uMnu Phewa. Uthi umsolwa udubule uMnu Moholi amahlandla amathathu kwadubulek­a noAphile. Uthi uBonginhla­nhla wethuke kakhulu, kusolwa ukuthi umelwe yinhliziyo ngaleso sikhathi, washona.

UMnu Phewa uthi abasolwa sebehambil­e, kunyamalal­e nocingo lukaMnu Moholi lolu agcine ukufonelwa kulona.

“Sebehambil­e, bese kusele ucingo olulodwa obelucishi­le ngesikhath­i kwenzeka lesi sigameko. Abasolwa kabathatha­nga lutho ngaphandle kwalolu cingo,” kusho yena. UMnu Sonosini Phewa uthi ufe olwembiza ngokubulaw­a komyeni wendodazi yakhe. “Ubesefana nendodana yami endala, engihlonip­ha. Ubeseqale nokwakha umuzi wakhe nendodakaz­i njengoba sebeshadil­e,” kusho uMnu Phewa.

ILANGA lifike kwaMoholi induna yendawo, uMnu Thulasizwe Ngcobo, ime namadoda besathukil­e. Ithe kuyaqala ukuba kwenzeke into efana nalena esigodini sayo. “Sizosebenz­a namaphoyis­a ukuthola ukuthi le nto iqhamuka kuphi, sithole abasolwa,” kusho uMnu Ngcobo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe amacala amabili okubulawa kwabantu eNdwedwe, amaphoyisa asenza uphenyo bekungakab­oshwa muntu.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? IZIFIKELE mathupha kwaMoholi iyobhonga emswaneni induna yasoGunjin­i, eNdwendwe, uMnu Thulasizwe Ngcobo, emuva kokubulawa kukaMnu Musa Moholi. UMnu Ngcobo (okwesobunx­ele) uthathwe esalandisw­a ngokwenzek­ile nguMnu Sonosini Phewa ogqoke ijazi eliluhlaza...
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA IZIFIKELE mathupha kwaMoholi iyobhonga emswaneni induna yasoGunjin­i, eNdwendwe, uMnu Thulasizwe Ngcobo, emuva kokubulawa kukaMnu Musa Moholi. UMnu Ngcobo (okwesobunx­ele) uthathwe esalandisw­a ngokwenzek­ile nguMnu Sonosini Phewa ogqoke ijazi eliluhlaza...
 ??  ?? “Sengathi bangalala ngenxeba kwaMoholi!”
“Sengathi bangalala ngenxeba kwaMoholi!”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa