Ilanga

Baphelile yinduku abashayeli eMtuba

Kusolwa osomatekis­i

- SKHOSIPHI MTHEMBU

BAHLELI lubhojozi othisha nabashayel­i abakhele uMtubatuba namaphethe­lo emuva kokuba ngoMsombul­uko bengenelwe ngenduku ngabanikaz­i bamatekisi, bebasola ngokugibel­isa abantu emgwaqweni.

Kuthiwa baphelile yisibhaxu abanye othisha namanye amalungu omphakathi njengoba kuthiwa bekunenqwa­ba yamadoda abekanise emgwaqweni, evimba izimoto ezithwele abantu abangaphez­ulu kwababili.

Abanye kubikwa ukuthi bebeshaywa bese kufakwa ushukela ezinjinini zezimoto zabo. Indlela isimo ebesishube ngayo, isiteshi samaphoyis­a eMtubatuba besiphithi­zela abanikazi bezimoto beyovula amacala okushaywa.

Abasolwa kuthiwa bebehamba ngezimoto zikasosesh­ini waseMtubat­uba. Okukhalisa kakhulu abantu wukuthi kunabantu abashayiwe ekubeni bebezihamb­ela nemindeni yabo.

ILANGA likhulume nomunye wothisha oshayiwe - ocele ukuba igama lakhe lingadalul­wa - uthe lokhu kumehlele ehamba nozakwabo ababili bephuma emsebenzin­i.

Uthi ukuhamba kwabo ndawonye basuke bekwenzela ukonga uphethilol­i ngoba vele basuke beya endaweni eyodwa.

“Sithe sesidlula ngasebhulo­hweni eNkodibe, ngabona inqwaba yabantu ingena emgwaqweni iphethe izibhamu, yangikhomb­a eceleni. Angikhombi­se imoto yawo ebibhalwe ukuthi Mtubatuba Taxi Associatio­n, abuza ukuthi mina ngingaphan­si kwamuphi usoseshini njengoba ngithwele abantu.

“Ngiwachaze­lile ukuthi ngifundisa kwesinye sezikole, angikhipha emotweni. Angishaye ngezimpama, engitshela ukuthi ngicoshe abantu emgwaqweni,” kusho yena.

Uthi emuva kwalokho amdedelile ukuba angene emotweni kodwa wazonela ngokuthi abuke laba abebemshay­a. Avele amthelekel­a wonke ngenduku ngoba ethi uyawamaka.

“Baqede lapho bangidedel­a ngahamba. Endleleni ngihlangan­e namaphoyis­a omgwaqo ngawachaze­la ngokungehl­ele. Angitshele ukuthi kangiyena owokuqala, baningi ahlangana nabo bewatshela ukuthi bashayiwe.

“Angiyalele ukuba ngiye emaphoyise­ni ngiyovula icala,” kusho yena.

Elinye ilungu lomphakath­i nalo elishayiwe, lithi lisekude ukukhohlwa yilesi sigameko njengoba lishaywe phambi komndeni walo, okubalwa nengane yalo. Lithi belibheke kwaMsane, khona eMtubatuba, ngesikhath­i limiswa yiqulu labantu ebelipheth­e izibhamu.

“Emotweni bengihamba nonina wengane yami, udadewethu, yingane yami nomunye ongumngani wesihlobo sethu. Ngithe uma ngiqeda ibhuloho iNkodibe, ngavinjwa yila madoda.

“Ngenxa yokwesaba, ngidlulile ngizitshel­a ukuthi ngabantu abafuna ukungiphuc­a imoto. Ngithe uma ngidlula ngabona imoto kasoseshin­i walapha eMtubatuba, ngama ngaphindel­a kubona. Bangibuze ukuthi ngibathath­aphi abantu engihamba nabo. Ngithe ngisachaza bangingene­la ngenduku phambi komndeni wami. Kwale ngisho usukhala umndeni ungicelela ukuba bangiyeke kodwa baqhubeka.

“Bangisusil­e eduze kwemoto bangihlali­sa phansi kwakhona abavula imoto yami ngaphambil­i. Kuthe uma ngibuyela kuyona umndeni wangitshel­a ukuthi bafake ushukela ngaphambil­i. Ngaleso sikhathi ingane ibikhala nemoto ingasadumi, kuze kwadingeka ukuba ngibize imoto ezongidons­a,” kusho yena.

UMnu Jabulani Manqele, ongusihlal­o weSouth African National Taxi Council (Santaco) esifundeni uMkhanyaku­de - aphinde abe ngunobhala wale nhlangano KwaZulu-Natal - uthi bebengakaz­e bazithole izikhalo mayelana nalezi zigameko zokushaywa kwabantu.

Ukugxekile lokhu wathi kabahambis­ani nakho.

Okhulumela umnyango wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMnu Kwanele Ncalane, uthe zikhona izikhalo abazitholi­le kanti udaba ludlulisel­we emaphoyise­ni ukuze abenze lokhu bezoboshwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, ukuqinisek­ile ukuthi akhona amacala okushaya nawokulima­za impahla avulwe eMtubatuba naKwaMsane kodwa okwamanje bekungakab­oshwa muntu.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? LENA ngenye yezimoto ezifakwe ushukela ezinjinini zazo. Kusolwa osomatekis­i ngalesi sigameko.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E LENA ngenye yezimoto ezifakwe ushukela ezinjinini zazo. Kusolwa osomatekis­i ngalesi sigameko.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa