Abefundisi nezinhlelo zokuxosha indlala
Bathi yinqwaba yabantu abaya enkonzweni bengenakho ukudla
BAHLABE ikhwelo lokulwa nendlala abefundisi bamabandla ahlukene angaphansi kukaMasipala weTheku, abebehlangene neziphathimandla zikahulumeni izolo ngoLwesithathu KwaMashu.
Bebehlangene nezikhulu zikamasipala weTheku nezoMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal, beyocijwa ngohlelo lokuphakelwa kwabantu ukudla ezindaweni abahlala kuzona.
Laba befundisi abaqhamuka ezindaweni okubalwa iKwaMashu, eNtuzuma, eVerulam kuze kuyoshaya oThongathi, bafuna ukuba yingxenye yohlelo lokuphakelwa kwabantu njengoba umasipala ukwenza ezindaweni ezahlukene.
UMfu Sibusiso Mtakati, utshele ILANGA ukuthi okwenza bameme iziphathimandla, wukuthi baningi abantu abahlwempu abayaye baye ezinkonzweni bengenakho ukudla emakhaya. Uthi lokhu kubaphatha kabi, yingakho bebone kungcono ukuba basukume basondele kumasipala ukuze balekelele nabo ekulweni nendlala.
“Thina singaphansi kweNorthen Cluster ehlanganisa izindawo okubalwa kuzona iNewlands, KwaMashu, eNtuzuma, iNanda, ePhoenix, eVerulam sihlanganile ngoba sikhathazekile ngabantu esibasontisayo ngoba sifuna ukuba bangangcini nje ngokusonta, kodwa baphinde bathole nokuya ngasethunjini.
"Sibone ukuthi masixhumane noMasipala weTheku njengoba zonke lezi zindawo engizibalile zingaphansi kwawo. Sibe sesiwu- nxenxa ukuba uzosichazela ngohlelo lokuphakelwa kwabantu ngoba inhloso yethu wukuba siphakele abantu abasuke beswele emasontweni ethu.
"Lokhu sikusho ngoba izingane ziyaphakelwa ezikoleni kodwa ezinye uthole ukuthi zigoduka zifike ekhaya kungekho ukudla kwasebusuku. Lolu hlelo lungasiza lapho ukuze zizokwazi izingane ukuba nantambama zize esontweni zizophaka ukudla, kungabi yinto yangeSonto kuphela.
"Konke lokhu sizokwenza ngosizo lukamasipala nezinye izinhlaka zikahulumeni ngoba siyazi ukuthi banazo izinhlelo ezinjena ezindaweni zabantu,” kusho uMfu Mtakati.
UNkk Dudu Mkhwanazi, ovela emnyangweni wezoLimo nokuThuthukiswa kwezindawo zasemakhaya, uveze ukuthi okwabo wukuba bachazele abefundisi ngokulima emasontweni ukuze bezokwazi ukusiza labo abaswele ngokuba bazikhiqizele ukudla kwabo. Uthi kubalulekile ukuba abantu bazi ukuthi ukulima izingadi emasontweni nasemakhaya kungabasiza kakhulu ukuze banganciki kakhulu ekuphakelweni ukudla kodwa bakwazi ukuzitshalela okwabo abazokupheka, bakudayise.
“Sifundisa abantu ukuba bakwazi ukutshala, bangagcini nje ngokuzidlela, kodwa badayise lokho abasuke bekutshalile. Uma luqala uhlelo lokudla lapha emasontweni, kuhle ukuba bacijwe ngokulima ukuze bezokwazi ukuzikhiqizela ukudla kwabo, okungasiza ukuxosha ikati eziko,” kusho yena. UMnu Lungelo Makhathini, oqhamuka kuMasipala weTheku ngaphansi kwehhovisi iStakeholders Participation, uthe umasipala unohlelo lokuphakela abantu kanti nabefundisi bangena ngaphansi kwalo.
“Okwamanje sinezindawo ezingu-56 eziphakela abantu lapha eThekwini. Inhloso kamasipala wukuba lezi zindawo zibe khona kuwona wonke ama- ward. Ngokujwayelekile kulolu hlelo siyaye sisebenzisane namakhansela okuyiwona axhumana nemiphakathi uma kunesidingo sokuba kube nendawo okuzophakelwa kuyona abantu.
Nakhona lapha sibone kukuhle ukuba sihlangane nabefundisi, singakhethi nkolo ngoba isonto yilapho uthola khona abantu abaningi behlangene,” kusho yena.
Lo mhlangano uzoze uphele kusasa ngoLwesihlanu lapho kuzobe kulindeleke ukuba kufike zonke izinkolo okubalwa amaKristu, amaMuslim namaRasta.