Ilanga

Abefundisi nezinhlelo zokuxosha indlala

Bathi yinqwaba yabantu abaya enkonzweni bengenakho ukudla

- SKHOSIPHI MTHEMBU

BAHLABE ikhwelo lokulwa nendlala abefundisi bamabandla ahlukene angaphansi kukaMasipa­la weTheku, abebehlang­ene neziphathi­mandla zikahulume­ni izolo ngoLwesith­athu KwaMashu.

Bebehlange­ne nezikhulu zikamasipa­la weTheku nezoMnyang­o wezoLimo KwaZulu-Natal, beyocijwa ngohlelo lokuphakel­wa kwabantu ukudla ezindaweni abahlala kuzona.

Laba befundisi abaqhamuka ezindaweni okubalwa iKwaMashu, eNtuzuma, eVerulam kuze kuyoshaya oThongathi, bafuna ukuba yingxenye yohlelo lokuphakel­wa kwabantu njengoba umasipala ukwenza ezindaweni ezahlukene.

UMfu Sibusiso Mtakati, utshele ILANGA ukuthi okwenza bameme iziphathim­andla, wukuthi baningi abantu abahlwempu abayaye baye ezinkonzwe­ni bengenakho ukudla emakhaya. Uthi lokhu kubaphatha kabi, yingakho bebone kungcono ukuba basukume basondele kumasipala ukuze balekelele nabo ekulweni nendlala.

“Thina singaphans­i kweNorthen Cluster ehlanganis­a izindawo okubalwa kuzona iNewlands, KwaMashu, eNtuzuma, iNanda, ePhoenix, eVerulam sihlangani­le ngoba sikhathaze­kile ngabantu esibasonti­sayo ngoba sifuna ukuba bangangcin­i nje ngokusonta, kodwa baphinde bathole nokuya ngasethunj­ini.

"Sibone ukuthi masixhuman­e noMasipala weTheku njengoba zonke lezi zindawo engizibali­le zingaphans­i kwawo. Sibe sesiwu- nxenxa ukuba uzosichaze­la ngohlelo lokuphakel­wa kwabantu ngoba inhloso yethu wukuba siphakele abantu abasuke beswele emasontwen­i ethu.

"Lokhu sikusho ngoba izingane ziyaphakel­wa ezikoleni kodwa ezinye uthole ukuthi zigoduka zifike ekhaya kungekho ukudla kwasebusuk­u. Lolu hlelo lungasiza lapho ukuze zizokwazi izingane ukuba nantambama zize esontweni zizophaka ukudla, kungabi yinto yangeSonto kuphela.

"Konke lokhu sizokwenza ngosizo lukamasipa­la nezinye izinhlaka zikahulume­ni ngoba siyazi ukuthi banazo izinhlelo ezinjena ezindaweni zabantu,” kusho uMfu Mtakati.

UNkk Dudu Mkhwanazi, ovela emnyangwen­i wezoLimo nokuThuthu­kiswa kwezindawo zasemakhay­a, uveze ukuthi okwabo wukuba bachazele abefundisi ngokulima emasontwen­i ukuze bezokwazi ukusiza labo abaswele ngokuba bazikhiqiz­ele ukudla kwabo. Uthi kubaluleki­le ukuba abantu bazi ukuthi ukulima izingadi emasontwen­i nasemakhay­a kungabasiz­a kakhulu ukuze banganciki kakhulu ekuphakelw­eni ukudla kodwa bakwazi ukuzitshal­ela okwabo abazokuphe­ka, bakudayise.

“Sifundisa abantu ukuba bakwazi ukutshala, bangagcini nje ngokuzidle­la, kodwa badayise lokho abasuke bekutshali­le. Uma luqala uhlelo lokudla lapha emasontwen­i, kuhle ukuba bacijwe ngokulima ukuze bezokwazi ukuzikhiqi­zela ukudla kwabo, okungasiza ukuxosha ikati eziko,” kusho yena. UMnu Lungelo Makhathini, oqhamuka kuMasipala weTheku ngaphansi kwehhovisi iStakehold­ers Participat­ion, uthe umasipala unohlelo lokuphakel­a abantu kanti nabefundis­i bangena ngaphansi kwalo.

“Okwamanje sinezindaw­o ezingu-56 eziphakela abantu lapha eThekwini. Inhloso kamasipala wukuba lezi zindawo zibe khona kuwona wonke ama- ward. Ngokujwaye­lekile kulolu hlelo siyaye sisebenzis­ane namakhanse­la okuyiwona axhumana nemiphakat­hi uma kunesiding­o sokuba kube nendawo okuzophake­lwa kuyona abantu.

Nakhona lapha sibone kukuhle ukuba sihlangane nabefundis­i, singakheth­i nkolo ngoba isonto yilapho uthola khona abantu abaningi behlangene,” kusho yena.

Lo mhlangano uzoze uphele kusasa ngoLwesihl­anu lapho kuzobe kulindelek­e ukuba kufike zonke izinkolo okubalwa amaKristu, amaMuslim namaRasta.

 ?? ISITHOMBE NGU:SABELO MASUKU ?? LAPHA kungesikha­thi abefundisi behlangene bedingida ngohlelo abazoxosha ngalo indlala emabandlen­i ahlukene.
ISITHOMBE NGU:SABELO MASUKU LAPHA kungesikha­thi abefundisi behlangene bedingida ngohlelo abazoxosha ngalo indlala emabandlen­i ahlukene.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa