Ilanga

IVULELWE ELOKUCWASA IMENENJA YESIQIWU

- PAMELA ZUNGU

IVULELWE icala lokucwasa ngokwebala imenenja yeGame Reserve eseMkhondo, KwaNongoma, esolwa ngokubiza izisebenzi ezimnyama ngamakhafu…, okumanje kuthiwa zithukuthe­le zigane unwabu.

UMnu Nkosinathi Nyoni (36), waKwaNongo­ma osebenza kulesi siqiwu (iphephanda­ba elikhethe ukuligodla igama laso), utshele ILANGA ukuthi imenenja ijwayele ukubathuka ibabize ngezinkawu nangamakha­fu…. njalo uma kukhonondw­a ngezindaba zamaholo nangendlel­a abaphethwe ngayo.

“Ama- pay slip esiwathola­yo kawekho emthethwen­i, kawanayo imininingw­ane yethu eqondile. Ngikhuluma nje, eyami kayinawo amagama ami, inawomunye umuntu.

“Uma kuphakanyi­swa izinto esinganeme ngazo, imenenja isitshela ukuthi yona ngeke itshelwe ngamakhafu…. ukuthi yenzeni,” kusho uMnu Nyoni.

Uthi udaba lubikiwe ekhanselen­i, uMnu Nkosikhona Ndabandaba, lazama ukungenele­la ngokubiza umhlangano nabaphathi besiqiwu kodwa bangavuma.

“Isithatha kalula ngoba nakhu yazi ukuthi sincenge ukusebenza. Akekho umuntu ongavumela ukuthukwa mihla namalanga, ngakho-ke siyizisebe­nzi zalesi siqiwu sithi sekwanele,” kusho yena.

UMnu Ndabandaba uthe udaba uyalwazi, uke wabikelwa ngalo.

“Ngicele ukuhlangan­a nabaphathi besiqiwu ukuze kuzokhulun­ywa ngalolu daba ngoba ngibona ukuthi luya kude futhi luzosusa umsindo ngoba izisebenzi bese zisabisa ngokudicil­ela phansi impahla.

“Ngibone kukuhle ukuba ngingenele­le kungaze konakale izinto kodwa abaphathi baso kabavumang­a ukuhlangan­a nami. Kwale ngisho ngithi kuzoba nezokuphep­ha ukuze kungeke kusuke uthuthuva.

“Singabahol­i bemiphakat­hi, kasihambis­ani nokucwasa kwabantu ngokwebala,” kusho uMnu Ndabandaba.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCpt Nqobile Gwala, uthi likhona icala lokucwasa ngokwebala elivulwe esiteshini samaphoyis­a eMkhuze.

Uthi amaphoyisa asaphenya kanti kakuboshwa muntu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa