IVULELWE ELOKUCWASA IMENENJA YESIQIWU
IVULELWE icala lokucwasa ngokwebala imenenja yeGame Reserve eseMkhondo, KwaNongoma, esolwa ngokubiza izisebenzi ezimnyama ngamakhafu…, okumanje kuthiwa zithukuthele zigane unwabu.
UMnu Nkosinathi Nyoni (36), waKwaNongoma osebenza kulesi siqiwu (iphephandaba elikhethe ukuligodla igama laso), utshele ILANGA ukuthi imenenja ijwayele ukubathuka ibabize ngezinkawu nangamakhafu…. njalo uma kukhonondwa ngezindaba zamaholo nangendlela abaphethwe ngayo.
“Ama- pay slip esiwatholayo kawekho emthethweni, kawanayo imininingwane yethu eqondile. Ngikhuluma nje, eyami kayinawo amagama ami, inawomunye umuntu.
“Uma kuphakanyiswa izinto esinganeme ngazo, imenenja isitshela ukuthi yona ngeke itshelwe ngamakhafu…. ukuthi yenzeni,” kusho uMnu Nyoni.
Uthi udaba lubikiwe ekhanseleni, uMnu Nkosikhona Ndabandaba, lazama ukungenelela ngokubiza umhlangano nabaphathi besiqiwu kodwa bangavuma.
“Isithatha kalula ngoba nakhu yazi ukuthi sincenge ukusebenza. Akekho umuntu ongavumela ukuthukwa mihla namalanga, ngakho-ke siyizisebenzi zalesi siqiwu sithi sekwanele,” kusho yena.
UMnu Ndabandaba uthe udaba uyalwazi, uke wabikelwa ngalo.
“Ngicele ukuhlangana nabaphathi besiqiwu ukuze kuzokhulunywa ngalolu daba ngoba ngibona ukuthi luya kude futhi luzosusa umsindo ngoba izisebenzi bese zisabisa ngokudicilela phansi impahla.
“Ngibone kukuhle ukuba ngingenelele kungaze konakale izinto kodwa abaphathi baso kabavumanga ukuhlangana nami. Kwale ngisho ngithi kuzoba nezokuphepha ukuze kungeke kusuke uthuthuva.
“Singabaholi bemiphakathi, kasihambisani nokucwasa kwabantu ngokwebala,” kusho uMnu Ndabandaba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCpt Nqobile Gwala, uthi likhona icala lokucwasa ngokwebala elivulwe esiteshini samaphoyisa eMkhuze.
Uthi amaphoyisa asaphenya kanti kakuboshwa muntu.