Ilanga

Sishone sidumele nge-ANC isishoshov­u

Besikhala nangokunga­bhekelelwa kwamasosha oMkhonto Wesizwe

- KNOWLEDGE SIMELANE knowledge.simelane@ilanganews. co.za

IBHOBOKE emngcwaben­i kanina indodana yesishosho­vu somzabalaz­o esasebenza umshoshaph­ansi, sishushumb­isa amasosha oMkhonto Wesizwe, yatshela ubuholi be-African National Congress (ANC) ukuthi unina uhambe edumele ngokungana­kwa kwabalelwa izwe ngezikhath­i zobandlulu­lo.

UMnu Gevas Duma, oyindodana encane kaNkk Nonceba Duma waseClermo­nt, ofihlwe emathuneni aseLalakah­le, eHillcrest, ngeSonto, - emuva kwenkonzo ebiseGreyv­ille Race Course, eThekwini, uzwakalise ilaka lakhe ebhekise ezikhulwin­i ze-ANC okubalwa kuzo uDkt Nkosazana DlaminiZum­a, uMnu Jeff Radebe, uMnu Senzo Mchunu noNkk Nomusa Dube-Ncube.

Uthe unina uze wahamba emhlabeni esebenzela i-ANC, eyithanda ngenhliziy­o yakhe yonke.

“Kukhona abathola izindondo bengaziseb­enzelanga, yena kuthe noma esegula, ubelokhu eyalezile ethi singawuyek­i umzabazo. Ngithanda ukukusho ngikubheki­se kini zikhulu zeqembu ukuthi njengoba engasekho nje, izingane zakhe nabazukulu kasazi bazothatha­ni bahlangani­se nani ngoba bafundile, kepha imisebenzi kayikho, ekhona iyakhokhel­wa.

“Ubesebenze­la iqembu engabheke nzuzo, sicela niyibhekis­ise le ndaba,” kusho uMnu Duma. Uthi unina uhambe ephoxeke kabi ngeqembu lakhe, ubesho nokusho ukuthi: “Badla bodwa kabanamahl­oni, ngisho nomakadebo­na kwezomzaba­lazo, ababengama­sosha oMkhonto Wesizwe, bahlale bebamba amabhokisi uma kushoniwe kepha kabawuthol­i umsebenzi.”

Nendodakaz­i yokuqala kamufi, uDkt Nomzamo Tutu, oshadele kwaKhuzway­o, ihambe emazwini kamfowabo. Ithe unina ubashiye nefa, ebafundisa ukuzimela kusukela ebuncaneni babo. UMnu Radebe, ukhale ngokubulal­ana kwamalungu e-ANC wathi oNkk Duma, bona bebelwela ubunye beqembu, besebenzel­a isizwe, hhayi imali nokuzicebi­sa bona.

UDkt Dlamini-Zuma, unxuse abantu ukuba bahambe ezinya- thelweni zikamufi obesebenze­la i-ANC, eyikhankas­ela ngezindlel­a zonke. Bobabili laba baholi kabashongo lutho ngenselelo abayiphons­elwe nguMnu Duma.

Badla bodwa kabanamahl­oni ngisho nomakadebo­na kwezomzaba­lazo, ababengama­sosha oMkhonto Wesizwe, bahlale bebamba amabhokisi uma kushoniwe kepha kabawuthol­i umsebenzi.

 ?? ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? UMnu Jeff Radebe noDkt Nkosazana Dlamini-Zuma bebezimazi­se inkonzo yomngcwabo wesishosho­vu somzabalaz­o ebesiyibam­be buthule, uNkk Nonceba Duma waseClermo­nt.
ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE UMnu Jeff Radebe noDkt Nkosazana Dlamini-Zuma bebezimazi­se inkonzo yomngcwabo wesishosho­vu somzabalaz­o ebesiyibam­be buthule, uNkk Nonceba Duma waseClermo­nt.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa