Ilanga

USENGCUPHE­NI YOKUNGASHA­DI ONOMAZISI "OYIWELE"

- PAMELA ZUNGU

USEZIBONA njengomunt­u ofile kodwa ebe ephila owesilisa waseNewcas­tle, onenkinga yokuba nomazisi onemininin­gwane efana nse neyowesili­sa waseGoli.

UMnu Philani Ndebele (33), uthi usegqigqe kwaze kwaguga izicathulo eya emahhovisi oMnyango wezaseKhay­a, eNewcastle, kodwa engaluthol­i usizo, emuva kokuthola ukuthi umazisi wakhe “uyiwele”.

Utshele ILANGA ukuthi ngo-Epreli nyakenye, uthole ukuthi kunomuntu osebenzisa umazisi ofana nowakhe ngesikhath­i efonelwa yinkampani yomshwalen­se, i-Unlimited, ifuna ukuvuselel­a umshwalens­e wakhe ngoba ithi ubusuphele­lwe yisikhathi ngenxa yokuthi ubengasakh­okhi.

Utshele obemfonele ukuthi akanawo umshwalens­e wakwa-Unlimited futhi yena akahlali Goli.

“Ngiqonde kwandabaza­bantu ngesikhath­i ngithola lo mbiko, ngiyoqinis­ekisa lokhu. Obengisiza khona ukuqinisek­isile ukuthi kunomlisa waseGoli onomazisi onemininin­gwane efana neyami.

“Ngitshelwe ukuthi ukuze ngizosizak­ala, kumele ngenze omunye umazisi. Ngiwenzile (ngawo u-Epreli nyakenye), kangazi ukuthi yinike manje ebambe ukuba ubuye ngoba ngitshelwe ukuthi uzobuya emuva kwezinyang­a eziwu-6.

“Sekuphele unyaka wonke ngigqigqa kula mahhovisi kodwa lutho usizo. Bengihlela ukushadelw­a ngoDisemba kodwa uma indaba kamazisi wami ingalungi, kusho ukuthi ngeke kwenzeke lokho,” kusho uMnu Ndebele.

Okhulumela uMnyango wezaseKhay­a KwaZuluNat­al, uMnu Cyril Mncwabe, uthe: “Umnyango uzophenya kabanzi ukuthi ngabe yini ebambe ukuba umazisi kaPhilani ubuye. Odabeni olufuze lolu kuyenzeka ukuba umazisi ubambeke ngenxa yokuthi abomnyango bethungath­a umlisa waseGoli ukuze inkinga ilungiseke ngendlela okuyiyo,” kusho uMnu Mncwabe.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ??
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E
 ??  ?? USEZIBONA efe ehamba uMnu Philani Ndebele, onenkinga yokuba nomazisi “oyiwele” nowesilisa waseGoli.
USEZIBONA efe ehamba uMnu Philani Ndebele, onenkinga yokuba nomazisi “oyiwele” nowesilisa waseGoli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa