Ilanga

Ungakoteli ngomunye umuntu uma ufuna ukuvelela

- LangeSonto.

SINGABANTU emhlabeni siyathanda ukuba kukhulunyw­e kahle ngathi futhi ngeke wakubaleke­la ukuthi kumnandi ukuzwa abantu bekhuluma kahle ngawe.

Kuyaphoxan­a futhi kubuhlungu ukuzwa ukuthi kunabantu abakhuluma kabi ngawe. Kubuhlungu ukuthi uma wenze into enhle abantu bangakunco­mi kodwa kuthi uma wenze iphutha bese bema ngalo.

Kule ngosi yanamhlanj­e ngizothand­a sike sibheke noma sikhuze umhlola wokuthi kwenziwa yini ukuba uma umuntu enze kahle kaningi sithule singanaki, abanye kuvuke umona ubalume, abanye kungalalek­i ngoba bahlale bebheke iphutha olenzayo.

Kangifuni ukukhuluma kakhulu ngabantu abafushane ngokwempum­elelo, abathanday­o ukuthi ukuze bavele bese begibela ngamaphuth­a abanye abantu. Uma ufuna ukuvela emhlabeni, ungabokote­la ngomunye umuntu.

Ngiyesaba uma kunomndeni okwenzela itiye, kanti kwenziwa itiye nje, sekukhona inkulumo oyiqalile ngomunye umuntu. Kakumiwa ngomuntu.

Ungagibela esihlahlen­i, ugibele imbongolo nehhashi, kodwa ungami ngegama lomuntu. Ngiyesaba uma sizohleka kanti sihleka nje, simi phezu kwezinyemb­ezi noma phezu kwephutha lomuntu.

Uma ugiya, giya udanse utshekedul­e kodwa ungagiyi ngethambo lomunye umuntu. Uma usukhulile ngokwempil­o, usuwuhambi­le umhlaba, ugcina ungasajats­huliswa nawukuwa kwesitha sakho ngoba kawazi ukuthi impilo wena ikuphathel­eni kusasa.

Makubuye ubuntu singabantu, singadlulw­a yizilwane. Namhlanje uthola izindaba ezihlasimu­lisa umzimba abantu benza into nezilwane ezingasoze zayenza. Ungaka nje, ngeke uthole inja endala idlwengula umdlwane.

Ngeke ubone iqhude lijaha ichwane kodwa singabantu indlela ubuntu esebuphele ngayo, uzozwa kuthiwa indoda endala eneminyaka ewu-50 ubudala, idlwengule ingane eneminyaka emibili.

Masibheke singabantu ukuthi konakele kuphi, kodwa ngiyolokhu ngasho ukuthi mhlazane ufishi uxabene namanzi, uyothola igama elihle elithi lucky star. Ukuphila kukafishi kusemanzin­i, kawusoze waphila ngaphandle kwawo, kodwa amanzi angaphila ngaphandle kwawo.

Ngiyesaba-ke uma umuntu exabana esuka kumenzi wakhe, uNkulunkul­u. Yonke le nto esiyibona yenzeka emhlabeni, masingakub­alekeli ukuthi kwenziwa wukuba sixabene noMvelinqa­ngi. Thina singama-Afrika, indlu emnyama, sasikholwa, ukukholwa akufikanga nabelungu.

Besazi ukuthi ukhona owavela kuqala simbiza ngoMvelinq­angi. Ngisho nomkhulu bethu babazi kahle ukuthi uma inkinga isi- hlule abantu abadala kwase kufuneka bayidlulis­ele ekomkhulu womkhulu, bembiza ngoNkulunk­ulu.

Sengipheth­a, ake sibheke ezikoleni ukuthi mhla kususwa imithandaz­o izingane zaba njani, sibheke uma kuyimpelas­onto ukuthi uma singavuki siye ezinkonzwe­ni amadoda namakhosik­azi kwaba njani.

Kazikho izingane eziyophume­lela kanti zixabene nabazali futhi abekho abazali nesizwe esiyophume­lela kanti sixabene noNkulunku­lu.

Uma sisaxabene noNkulunku­lu, ubuntu buyophela. Siyindlu emnyama asike sifunde ukushayela­na izandla, singashaya­ni ngezandla, singakubal­ekeli ukuthi kudala ngezikhath­i zobandlulu­lo, ubuthandaz­a uze uthandazel­e umqashi wakho uVan Wyk.

Bangakanan­i manje abathandaz­ela abaqashi babo babantu abamnyama? Elokugcina, uma ngabe umuntu exabene noNkulunku­lu, uhlale ebona amaphutha abanye abantu, egiya ngawo, kodwa uma ngabe umuntu ebuyisene noNkulunku­lu uhlale ebona amaphutha akhe afihle iziphambek­o zabanye abantu. Olungileyo uyosibekel­a ihlazo likamakhel­wane wakhe.

UPastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando kwiLANGA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa