Ilanga

Kakusizi ukuhoxisa inxusa lethu kwa-Israel

-

ISINYATHEL­O seNingizim­u Afrika sokuhoxisa inxusa layo kwa-Israel, ngoba ikhononda ngokubulaw­a kwababhiki­shi basePalest­ine ababalelwa ku-60, bebulawa ngamasosha akwa-Israel, sivusa umbuzo othi ngabe lesi sinyathelo sizosiza kanjani ukudala uxolo kuleya ngxenye yomhlaba. Laba babhikishi bebezama ukweqa umngcele, bangene kwa-Israel ngosuku lapho i-United States of America ibivula khona ihhovisi lenxusa layo edolobheni iJerusalem, ilisusa eTel Aviv lapho belizinze khona iminyaka eminingi, kusukela kwasungulw­a i-Israel.

Kulo leli sonto i-Israel beyigubha iminyaka engu-70 yasungulwa. Kuyinto eyaziwayo ukuthi i-ANC nohulumeni ewuholayo badlelana namaqembu alwela inkululeko yabasePale­stine, osekwenza ukuba ubudlelwan­o baleli ne-Israel bungabi buhle ngoba leli ligxekwa ngokuthi licheme udede nabantu basePalest­ine kulo mbango wezwe weminyaka eMiddle East.

Okuphawule­kayo wukuthi emazweni onke kube yiNingizim­u Afrika neTurkey kuphela abanqume ukuhoxisa amanxusa awo kwa-Israel. Isinqumo seTurkey sona kase thusi ngoba vele inobudlelw­ano obunzulu nabantu basePalest­ine ngokwenkol­o yabo. Umbuzo ovelayo lapha uthi yini eyenze ukuba sinqume ukuthatha lesi sinqumo esinqala kangaka esikhathin­i lapho cishe umhlaba wonke uqoke ukukhonond­a ngokufa kwabantu basePalest­ine, kodwa wangawahox­isa amanxusa awo.

Iqiniso wukuthi umhlaba ugcwele izimpi, futhi kunokunyat­helwa kwamalunge­lo abantu abamsulwa, okuyisimo esingemuke­leki. E-Afrika, eLibya nje, abantu abampishol­o abasuke bedlula khona belibhekis­e e-Europe ngoba bebalekela izimpi emazweni abo kuleli lizwekazi, kade bedayiswa “ezimakethe” isidana ukuba babe yizigqila zabantu bakhona.

EBurundi, eDemocrati­c Republic of Congo naseSouth Sudan, sekufe izinkulung­wane ngezinkulu­ngwane zabantu bakhona ezimpini zangaphaka­thi, ukubala nje amazwe ambalwa kwamaningi abhekene nezimpi. Naphezu kwalezi zimo ezinzima zokubulawa kwabantu abangenaca­la, iNingizimu Afrika kayikaze ihoxise amanxusa ayo kula mazwe ukukhombis­a ukungenami kwayo. Ngabe lokhu kusho ukuthi ukubulawa kwabampish­olo ngabampish­olo kula mazwe abalwe ngenhla kakubalule­kile yini kangako kuhulumeni wethu na?

Umbango phakathi kwe-Israel nePalestin­e kufanele ulungiswe ngoxolo nokuxoxa njengoba kwenzeka kuleli, hhayi ngodlame oludala ukufa kwabantu abangenaca­la. Ukuduba, sihoxise inxusa lethu kwa-Israel, ngeke kubasize ngalutho abantu bakuleli, futhi ngeke kujike isimo esikhona phakathi kwezinhlan­gothi ezibangayo eMiddle East.

Iqiniso abanye bethu abangaliqo­ndi wukuthi iNingizimu Afrika yizwe elincane kabi ekubalulek­eni nasemnothw­eni womhlaba, ngakho isinqumo sethu ngeke sibe nomthelela wokuxazulu­la inkinga ekhona phakathi kwalezi zizwe ezimbili.

Kufanele uhulumeni wethu ujwayele ukulungisa isimo eduze nasekhaya ngaphambi kokuba ubheke ukungenele­la emazweni akude, ukuxazulul­a izinkinga esezibekho­na iminyaka zehlula ongoti abahlonish­wayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa