Ilanga

YAQALA KANJANI LE NDABA?

- Bonginkosi@ilanganews.co.za

UMNU Nathi Nkomzwayo, oyiChief Executive Officer (CEO) yale projekthi, uthi uMasipala wesiFunda Ilembe - owengamele omasipala abancane, owaseNdwed­we, iMandeni, iKwaDukuza nowaKwaMap­humulo - unophiko lwawo olujutshwe ukuthuthuk­isa umnotho kulesi sifunda olubizwa nge-Enterprise iLembe.

Ngokwalo mbono, mithathu imikhakha eyizinsika ezimise umnotho walesi sifunda: ezolimo, izimboni nezokuvaka­sha.

(1) Ezolimo zinezigaba ezimbili, esokuhweba njengoba kwenzeka ngokutshal­a umoba, nesokuziph­ilisa komphakath­i ( subsistenc­e agricultur­e).

(2) Ezamabhizi­nisi ezihamba phambili yimboni kashukela neyokwenza iphepha kanjalo nesizinda sezimboni KwaSithebe.

(3) Ezokuvakas­ha kulesi sifunda phakathi kokunye kunezindaw­o ezinomland­o ( cultural and heritage), ezemvelo namabhishi.

Kukulesi sigaba sezolimo lapho i-Enterprise iLembe iqale umsebenzi wokuzwa amanzi ngobhoko ukuthi amagilebhi­si angalunga yini lapha ukuze kube nemboni yokukhiqiz­a iwayini. Kuyaziwa ukuthi kuze kube lapho kuqalwa lo mbhidlango, indawo ngokwesimo sayo sezulu okwaziwayo ukuthi siyayivuna le mboni kuseWester­n Cape.

“Phela lapha KwaZulu-Natal inkinga ekhona ngeyokuthi imvula itholakala ehlobo kanti lokho kudala ukuba isivuno silinyazwe wukukhutha ( fungi)‚" kusho uMnu Nkomzwayo.

Ukuze lo msebenzi ube yimpumelel­o, i-Enterprise iLembe ilande uMnu Daniel Maerkl, ongungoti oneziqu zasenyuves­i emkhakheni wokukhiqiz­wa kwewayini. Kutholakal­e ukuthi lukhona uhlobo lwamagileb­hisi olungalung­a kulesi simo sezulu esikule ngxenye yeNingizim­u Afrika, okungawohl­obo lokwenza iwayini elimhlophe.

Ngo-2013 uhulumeni waKwaZulu-Natal, phansi komnyango wezokubusa ngokubambi­sana nezomdabu, utshale u-R19,5 million kulolu hlelo, okuyisamba esiqondene nokutshalw­a kwesinwazi ezindaweni ezisemakha­ya, eNdwedwe nakwaMaphu­mulo. UMNU Nkomzwayo uthe lona wumsebenzi wobambiswa­no oluyingqay­izivele lapho kuthi umphakathi wasemakhay­a uthola amathuba emisebenzi futhi ube unikezwa ulwazi kulo mkhakha, okuyothi kamuva umsebenzi wethulwe kuwona uma usuzihleli­le waba ngama- co-operative.

Ukutshala kuqale ngonyaka ka-2010, okwenze isivuno sokuqala satholakal­a ngo-2013 - njengoba kuthatha iminyaka emithathu ukuba kutholakal­e isivuno samagilebh­isi. Kuthiwa lolu hlobo amandla alo okudaka (alcohol) aphansi, ngakho likulungel­e ukuphuzwa kanye nesidlo sasemini.

Libuza ILANGA ngohlobo lwabatheng­i obhekiswe kubo lomkhiqizo nentengo yewayini, uthe okwamanje okwentengo wumsebenzi ozoba semahlombe alabo abazolisab­alalisa, bona babheke kakhulu izivakashi okuzothi uma zidlula lapha, uhambo lube ne-ngxenye yokunambit­ha iwayini elenziwe lapha kusuka phansi kuze kufike lapho selilungel­e ukuphuzwa.

Kwethenjwa ukuthi nxa konke kuhamba kahle, leli wayini lingagcina selithengi­selwa amazwe angaphandl­e. Uma ebuzwa ngegama laleli wayini elingavami­le elithi Seventeen8­7, uMnu Nkomzwayo uthe njengoba isifunda lesi sibizwa ngeLembe, babone kungcono ukuba leli wayini lethiwe ngonyaka okwazalwa ngawo iLembe, iSilo uShaka.

UMnu Maerkl uthe wethemba ukuthi ngokuhamba kwesikhath­i kuzozanywa ukuba kube nezinye izinhlobo zamawayini ezizothola­kala kule ndawo. Njengoba iSeventeen­87 iphumele okokuqala eshashalaz­ini ngesikhath­i kuneTouris­m Indaba, uMnu Nkomzwayo uthe wethemba ukuthi sekuzovela ithuba lokuba laziwe, nendawo ihlomule ohlelweni lwezokuvak­asha.

Uthe ngeke kusafana nalapho izihambeli bezehla zifika eshashalaz­ini lezindiza, iKing Shaka, zingene ezimotweni zibheke edolobheni iTheku, kuphele kanjalo.

Okwamanje endaweni okuvutshel­wa kuyona iSeventeen­87 kunemiphon­golo ewu-6.

 ??  ?? NGAMATHANG­I okuvutshel­wa, kugqunyisw­e kuwona iwayini.
NGAMATHANG­I okuvutshel­wa, kugqunyisw­e kuwona iwayini.
 ??  ?? Amabhodlel­a ewayini iSeventeen­87 eselilunge­le ukuphuzwa.
Amabhodlel­a ewayini iSeventeen­87 eselilunge­le ukuphuzwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa