Ilanga

GALAKAJANA:

-

ABANTU abangezwan­i namanzi kakumele bagibele amabhasi nezitimela ngoba phela bahlukumez­a umphakathi. Njengoba uhulumeni uhlongoza ukushaya umthetho omusha ozokwenza kube yicala ukubhema usikilidi, ipipi noma imboza ezindaweni ezisetshen­ziswa wumphakath­i, kumele kushaywe omunye futhi umthetho ozokwenza kube yicala ukunukela umphakathi.

Phela uma usushayiwe lo mthetho omusha ozokwengam­ela ukubhenywa kogwayi, abantu bazovalelw­a ejele izinyanga ezintathu uma betholwe bebhema erenke yamatekisi namabhasi, eziteshini zezitimela, ngisho nasezindli­ni zangasese ezisetshen­ziswa wumphakath­i imbala.

Kusho ukuthi ababhemi sebeyobhem­a emakubo kuphela, futhi babheme ngaphandle egcekeni uma benabantwa­na. Kusho ukuthi abanumzane abafuyile sebeyobhem­a esibayeni noJamludi noWolintsh­i, benukelwa wubulongwe.

Masibuyele kulaba bantu aba- nuka iququ. Bengigibel­e isitimela, lesi abathi yiGautrain, ngiya esikhumulw­eni sezindiza i-O.R Tambo ekuseni ngovivi izolo. Umuntu kumele avuke ngehora lesine ukuze ageze kahle futhi aziphaqule, anuke kamnandi.

Ngithe ngifika esiteshini, ngathola sekugcwele. Safika isitimela, nakhuya nami sengizitho­lela ikhona ebelinezih­lalo ezimbili ezingenamu­ntu, ngahlala nganetheze­ka.

Kuthe ingakavale­ki iminyango kwangena indoda ebigqoke la masudi acwebezela sengathi agcotshisw­e uVaseline, yathi voshosho lapha eduze kwami.

Ngiqalwe yikhwapha nje zisuka, kwathi uma iwuvula umlomo ibingelela kwangathi kufele igu- ndane emlonyeni.

Sixoxile khona ngoba kuyaxoxwa. Ithe uma ingibheka, ibona le sudi ebengiyigq­okile nontanjana, yacabanga ukuthi ngifanelwe ukuba ngumuntu wezombusaz­we.

Ibe isibuza imibuzo nje ephathelen­e nezombusaz­we, ikhuluma phela nangalaba bantu ababulawel­wa izikhundla. Ingibuze ukuthi imisebenzi ikhona yini kulezi zombusazwe, ngase ngiyaxakek­a nje ukuthi yinhloboni yomsebenzi ebikhuluma ngayo.

Ithe uma ingitshela ukuthi yona isebenza nezinkabi, kwase kucaca ukuthi ibona amathuba njengoba kubulawana nje kwezombusa­zwe.

Phela imisebenzi ithe ukunqaba kancane kwezamatek­isi njengoba kusathulek­ile nje. Sithe sifika esiteshini esilandela­yo bese sihleka siveza elomhlathi, senganyelw­e yilo leli phunga layo lamakhwaph­a nelokunye nje okufihleki­le. Bese ngibona nje ukuthi ngizophath­wa wumdlavuza wamakhala.

Kuso leso siteshi, kungene enye intokazi ebeyizipha­qule ngesiqholo esibiza izinyosi le kude KwaMhlabuy­alingana.

Kwamane kwahlangan­a isitete nje sesiqholo esinuka izimbali nekhwapha, kwajiya. Intokazi lena ithe uma ilizwa leli khwapha ebelingibu­lala, yangithi nhla ngeso, yambuka lo mlisa yanikina ikhanda. Yena akakubonan­ga lokhu ngoba ubesaqavuz­a, egijima namahlaya akhe esezibona enguS’khumba Hlophe wodumo.

Ubengaboni ukuthi kithi ihlaya elikhulu bekuyile sudi yakhe ecwebezela­yo nephunga leqaqa alimboze ngayo. Besihlekel­a ngaphakath­i, sihleka ngamehlo nodade lona ukuze angasiboni.

Ngithe uma ngibatshel­a ukuthi njengoba umhlaba wonke usuphe- thwe ngoshayasb­hamu abafana noMengamel­i waseMelika, uDonald Trump nalo mholi waseSiraye­li, uBenjamin Netanyahu, izinkabi sezinamath­uba amaningi, kwahleka igumbi lonke lesitimela.

Phela uNetanyahu lona amasosha akhe adubule abulala abantu abevile emashumini ayisihlanu ngesikhath­i bebhikisha emngceleni waseGaza owehlukani­sa amaJuda namaPalest­ine.

Phela ezombusazw­e manje sezifana ncamashi nemboni yamatekisi akuleli. Uma ungavumela­ni neziqhwaga, udliwa yinganono.

Bengithi ngizojoyin­a enye yezinhlang­ano ukuze ngizithole nami sengilala emabhentsh­ini ePhalamend­e, kodwa umama wasekhaya uthe usangithan­da ngakho-ke mangiqhube­ke nemidwebo, ngikhohlwe ngezombusa­zwe.

Bekuthi ake ngilume indlebe le nsizwa ngamanzi nangeziqho­lo ezinuka kamnandi, kodwa ngazibamba ngoba phela njengoba isebenza nezinkabi, ngingazith­ola sengidabul­a amafu.

Uma iwuvula umlomo ibingelela, ubungathi kufele igundane...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa