LUCHIZELWE UMQEQESHI UTHONGATHI FC
LUPENSELWE ngumqeqeshi owazakhela igama kwiNedbank Cup uThongathi FC obelumfuna uthuli ukuzocija le kilabhu ngesizini ezayo ngemuva kokusinda kukubi ezembeni leNational First Division (NFD) kulena esanda kuphela.
UThongathi FC, oluqede endaweni ka-11, belufuna uthuli uSello Chokoe ( osesithombeni), owaduma kwiBaroka FC eyawashisa ijezi iKaizer Chiefs neMoroka Swallows kumasizini adlule, onqabe ngoba ubenethemba lokuthi iqembu lakhe, iTshakhuma Tsha Madzivhandila FC izongena kuma-Play Offs.
UThongathi belufuna uChokoe nje, yingoba beselunqume lwaqeda ngekusasa likaSammy Troughton olumchithile luzeseka ngokuthi kalugculisekanga ngomsebenzi wakhe ngoba vele walufica lukunombolo 11, lwagcina luqede kuyo le ndawo.
UTroughton wayelandwe ukuzovala isikhala sikaRonnie Gabriel othole kunzima ukuzimazisa umkhumbi maphakathi nesizini edlule.
UGabriel nguye obesuse le kilabhu eyaziwa ngamaCrane Cutters kwiSafa KZN ABC Motsepe League.
UJohnny Ferreira nguye ozoqhoqhobala izintambo kanti kubuyiswe noPitso Dladla uku- zomlekelela.
Lezi zindaba ziqinisekiswe ngusihlalo woThongathi FC, uNkosinathi Chili, oncome kakhulu amagalelo kamakadebona womgadli uDiyo Sibisi noPhilani Shange wodumo kwiLamontville Golden Arrows ngokusiza abafana bakhe abancane athe bebebuye bangenwe yitwetwe uma sekushubile.
UChili ubuye waveza ukuthi kunabadlali baseNdwedwe abane abazohlolwa yiqembu elincane lamaZulu FC elidlala kwiMultiChoice Diski Challenge.