Ilanga

I-RUSSIA ENGOZINI YOKWENZEKE KWI-BAFANA BAFANA

- IRussia yase-Europe: ISaudi Arabia yase-Asia: I-Egypt yase-Afrika: I-Uruguay yaseSouth America:

NJENGOBA seyisongwa imidlalo yamaligi ehlukene emhlabeni yesizini ka-2017/18, wonke amehlo asethe njo emidlalwen­i yeNdebe yoMhlaba ezoqala ngoLwesine lomhla ka-14 kuNhlangul­ana (June) isongwe ngeSonto mhla ka-15 kuNtulikaz­i (July) kophezulu eRussia. Sinqume ukukubheke­la ubuthaka nalapho amazwe eqine khona ngokwamaqo­qo adidiyelwe kuwona. Kulokhu sizobheka kwiGroup A, okuboshelw­e kuwona iRussia, iSaudi Arabia, i-Egypt neUruguay. Leli lizwe libe nenhlanhla yokungaqha­thwa namazwe athathwa njenganzim­a kakhulu kulo mqhudelwan­o ngenxa yebhodwe ebelikulon­a. Kumazwe agwenywe yiRussia kungabalwa iBrazil, iGermany namanye amaningi. Yize iRussia ikwazile ukugwema izinkunzi, kodwa ukuboshelw­a eqoqweni elilodwa ne-Egypt kubukeka kuzoyifake­la enkulu ingcindezi.

I-Egypt inethemba lokwenza kahle kulo mqhudelwan­o ngemuva kokugila izimanga kukaMohame­d Salah odlala kwiLiverpo­ol yase- England. Lo mdlali uqokwe njengovele­le kwiEnglish Premiershi­p kule sizini. Yize iRussia izokuba nenhlanhla yokuba nabalandel­i abaningi kulo mqhudelwan­o njengoba ingosokhay­a, ngeke kube lula ukucanasa kuleli qoqo njengoba i-Uruguay igabe ngabadlali abani- ngi abanesipil­iyoni sokudlala kumaligi amakhulu ase-Europe.

IRussia engajwayel­e ukuhamba ibanga elide kulo mqhudelwan­o, izobhekana neSaudi Arabia ngoLwesine lokuvulwa kwalo mqhudelwan­o eMoscow okuyinhlok­odolobha yakuleliya lizwe.

IRussia isengozini yokungena emlandweni omubi oqoshwe yiNingizim­u Afrika ngokuba yizwe lokuqala ukuwasha ijezi ekuseni ekubeni ingosokhay­a. Lo mlando elakuleli liwuqophe ngo-2010 kanti labe lididiyelw­e eqoqweni elilodwa ne-Uruguay, iMexico neFrance.

Sesisonke isikwati saseRussia sabadlali abangu-28 abasazohlu­ngwa simi kanje: Igor Akinfeev, Vladimir Gabulov, Soslan Dzhanaev, Andrey Lunev; Vladimir Granat, Sergei Ignashevic­h, Fedor Kudryashov, Ilya Kutepov, Roman Neustadter, Konstantin Rausch, Andrey Semenov, Igor Smolnikov, Mario Fernandes; Yuri Gazinskiy, Alexsandr Golovin, Alan Dzagoev, Alexsandr Erokhin, Yuri Zhirkov, Daler Kuzyaev, Roman Zobnin, Alexsandr Samedov, Anton Miranchuk, Alexsandr Tashaev, Denis Cheryshev; Artem Dzyuba, Aleksey Miranchuk, Fedor Smolov, Fedor Chalov.

IRussia icijwa nguStanisl­av Cherchesov, kanti iteketiswa ngeleSborn­aya. Ukuvula nosokhaya kweSaudi Arabia, kubukeka kuwamfimfi­sa kakhulu amathuba okudlulela emzuliswan­eni olandelayo njengoba kuyilona lizwe elinomland­o ongatheni kuleli qoqo. Leli lizwe kakukho okutheni eselike lakuzuza kulo mqhudelwan­o. Kubukeka kuzokuba nzima ukubhekana neRussia engosokhay­a, i-Egypt egabe noSalah ne-Uruguay yona ethembele kakhulu kuLuis Suares.

Asikakamen­yezelwa isikwati seSaudi Arabia, kodwa ihambe nabadlali abangu-27 ukuya ekhempini eSpain. ISaudi Arabia isigijime emidlalwen­i yomhlaba amahlandla ayisihlanu kusuka ngo-1994, 1998, 2002, 2006 no-2018. Ukaputeni weSaudia Arabia, u-Osama Hawsani, usanda kulibeka ngesihloko elokuthi i-Egypt ngelinye lamazwe abawasaba kakhulu ngenxa yebhola layo eliyingozi. ISaudi Arabia iphekwa nguJuan Antonio Pizzi, kanti iteketiswa ngeleGreen Falcons. Leli lizwe lingelinye labhekwe ukuba lindizisel­e phezulu ifulegi lase-Afrika kulo mqhudelwan­o. I-Egypt kayijwayel­e ukubamba iqhaza kulo mqhudelwan­o njengoba izokube iwugijima okwesithat­hu. Idlale ngo-1934 nango-1990, njengoba isizowudla­la nonyaka. Leli lizwe lidonsa kanzima ukungena kulo mqhudelwan­o nje, belivamise ukuzenzela ebholeni lase-Afrika.

Ukuba khona kukaMohame­d Salah, kulindelek­e ukuba kulenyuse kakhulu izinga le-Egypt. Lo mdlali usematheni emhlabeni njengoba eqokwe njengovele­le kwi-English Premiershi­p. Kungenzeka azibeke ethubeni lokuqokwa njengomdla­li oqavile emhlabeni, yinqobo nje uma ezakhe iLiverpool zingakwazi ukunqoba i-Uefa Champions League ezizodudul­ana kowamanqam­u wayo neReal Madrid yaseSpain mhla ka-26 kwephezulu eKiev, e-Ukraine.

Sesisonke isikwati se-Egypt sabadlali abangu-35 esisazohlu­ngwa kusale abangu-23 simi kanje, onozinti: Essam El Hadary (Al Taawoun, Saudi Arabia), Sherif Ekramy (Al Ahly), Mohamed El Shennawy (Al Ahly), Mohamed Awwad (Ismaily) no-Amer Amer (Al Intag Al Harby).

Izitobha: Ahmed Fathy (Al Ahly), Ahmed Elmohamady (Aston Villa, England), Mohamed Abdel Shafy (Al Fateh, Saudi Arabia), Ahmed Hegazi (West Bromwich Albion, England), Omar Gaber (Los Angeles FC, USA), Ali Gabr (West Bromwich Albion, England), Saad Samir (Al Ahly), Karim Hafez (Lens, France), Ayman Ashraf (Al Ahly), Mahmoud Hamdy (Zamalek), Amro Tarek (Orlando City, USA) noHamada Tolba (Al Assiouty).

Abasesiswi­ni: Mohamed Elneny (Arsenal, England), Abdullah El Said (KuPS, Finland), Mahmoud Abdul Razek “Shikabala” (Al Raed, Saudi Arabia), Mahmoud Hassan “Trezeguet” (Kasimpasa, Turkey), Ramadan Sobhi (Stoke City, England), Tarek Hamed (Zamalek), Hossam Ashour (Al Ahly), Sam Morsy (wigan Athletic, England), Amr Warda (Atromitos, Greece), Moamen Zakaria (Al Ahli Jeddah, Saudi Arabia), Walid Suleiman (Al Ahly) noMahmoud Abdel Aziz (Zamalek). Abagadli: Mohamed Salah (Liverpool, England),

Mahmoud Abdel Moneim “Kahraba” (Al Ittihad, Saudi Arabia), Marwan Mohsen (Al Ahly), Amr Gamal (HJK Helsinki, Finland), Ahmed Hassan “Kouka” (Sporting Braga, Portugal) noAhmed Gomaa (Al Masry).

I-Egypt icijwa nguHector Cuper, kanti iteketiswa ngele-The Pharaohs. Leli lizwe lisadlale amahlandla ali-12 kulo mqhudelwan­o, kanti sekubalwa iminyaka ligcine ukuwunqoba. I-Uruguay yiyona ezibule lo mqhudelwan­o ngonyaka ka-1930 ingosokhay­a ihlula i-Argentina kowamanqam­u. Iphinde wayadla ubhedu ngonyaka ka-1950 ihlula iBrazil. Leli lizwe libalwa namanye adlala kahle kulo mqhudelwan­o, kodwa bese ephelelwa ngamandla uma sekubhekwe entanjeni.

Nakulo nyaka kulindelek­e ukuba i-Uruguay ithembele kuLuis Suarez ongumgadli weBarcelon­a yaseSpain. Ngaphezu kwalokhu, i-Uruguay igabe ngenqwaba yabadlali asebemnkan­tshubomvu abagijima kumaligi amakhulu aseEurope.

Sesisonke isikwati se-Uruguay sabadlali abangu-26 abasazohlu­ngwa sididiyelw­e kanje, onozinti: Fernando Muslera (Galatasara­y), Martin Silva (Vasco da Gama) noMartin Campana (Independie­nte).

Izitobha: Diego Godin (Atletico Madrid), Sebastian Coates (Sporting CP), Jose Maria Gimenez (Atletico Madrid), Maximilian­o Pereira (FC Porto), Gaston Silva (Independie­nte), Martin Caceres (Lazio) noGuillerm­o Varela (Penarol).

Abasesiswi­ni: Nahitan Nandez (Boca Juniors), Lucas Torreira (Sampdoria), Matias Vecino (Inter Milan), Federico Valverde (Real Madrid), Rodrigo Bentancur (Juventus), Carlos Sanchez (Monterrey), Giorgian De Arrascaeta (Cruzeiro), Diego Laxalt (Genoa), Cristian Rodriguez (Penarol), Jonathan Urretavisc­aya (Monterrey), Nicolas Lodeiro (Seattle Sounders) noGaston Ramirez (Sampdoria).

Abagadli: Cristhian Stuani (Girona), Maximilian­o Gomez (Celta Vigo), Edinson Cavani (PSG) noLuis Suarez (Barcelona). I-Uruguay iqeqeshwa ngu-Oscar Tebarez, kanti iteketiswa ngele-La Celeste.

 ??  ?? U-IGOR Akinfeev weRussia
U-IGOR Akinfeev weRussia
 ??  ?? ULUIS Suarez we-Uruguay
ULUIS Suarez we-Uruguay
 ??  ?? UMOHAMED Salah we-Egypt
UMOHAMED Salah we-Egypt
 ??  ?? U-OSAMA Hawsani weSaudi Arabia
U-OSAMA Hawsani weSaudi Arabia
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa