UFADLU UQINISE IDOLO ABE-PMB UNITED
UMQEQESHI weMaritzburg United, uFadlu Davids, uqinise idolo abalandeli bale kilabhu eqinisekisa ukuthi ngeke ayishiye emuva kokusabalala kwamahlebezi okuthi ucathanyelwa ngamakilabhu acebile kwiPremier Soccer League (PSL).
UDavids usematheni njengoba ezakhele umlando efaka iTeam of Choice kowamanqamu weNedbank Cup ozogijinywa yile kilabhu neFree State Stars ngoMgqibelo ngo-19h00 eCape Town Stadium, eCape Town.
Ubuye wenza obekungalindelekile ehola le kilabhu iqeda kwi-top 4 kwi-Absa Premiership okokuqala ngqa emlandweni wayo.
UDavids utshele ILANGA ukuthi usazoqhubeka nokubonakala ebhentshini leTeam of Choice kumasizini azayo. Uthi akakakulungeli ukuyoqala impilo entsha kwenye ikilabhu.
Uthi unethemba lokuthi uzokwazi ukuhola iMaritzburg inqobe iNedbank okuzoyifaka kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo. Uthi kowamanqamu uthembele kakhulu kwisipiliyoni sikaBokang Tlhone, uBevan Fransman noSiyanda Xulu.
“Lona ngumdlalo wethu wokuqala sikowamanqamu. Kumele silisebenzise leli thuba elingandile. Sizodlala ngaphandle kukaBrian Onyango noWilliam Thwala abalimele. UPogiso Sanoka usazobhekwa yithimba lodokotela,” kusho uDavids.
Uthi unethemba lokuthi bazothola okukhulu ukwesekwa eCape Town njengoba bebaningi kwiTeam of Choice abaqhamuka eWestern Cape ebala yena, uFransman, uGerhard Burger van der Merwe obhucabhuca abadlali noMahier Davids ongumfowabo.
Uthi emuva komdlalo weNedbank uzokuba matasa ethungatha abadlali abazovala izikhala ezivuleke kushiya uKurt Lentjies noEvans Rusike.
UFarook “Ntshebe” Kadodia ongumnikazi weTeam of Choice, uthi abadlali bazohlukaniselana u-R3,5 million uma benqobe le nkomishi ephethe umklomelo ka-R7 million.