Ilanga

Kubanjwe umoya ngongcwabe iChiefs

IFree State Stars ilinyalelw­e yisilomo

- MFANAFUTHI NDLOVU

IFREE State Stars ibambe umoya ngomdlali oqhathe uSteve “Mphathi” Komphela nabalandel­i beKaizer Chiefs abavuke indlobane emuva kokuba eqobele amagoli amabili awashise ijezi iziMpofana kwiNedbank Cup.

ILANGA lithole ukuthi iStars ingase igijime owamanqamu weNedbank Cup neMaritzbu­rg United ngoMgqibel­o ngo-19h00 eCape Town Stadium, ngaphandle kukaHarris Tchilimbou ( osesithomb­eni) ongumgadli odabuka eCongo.

ULuc Eymael ocija iStars, utshele ILANGA ukuthi ubamba eyeka njengoba elinyalelw­e nguHarris oyisethenj­wa sezakhe. Uthi ukulimala kwalo mgadli kungase kuyithikam­eze kakhulu ikilabhu yakhe kwazise wenza izinto zibukeke zilula ensimini njengoba nenethi eyiboniswa.

Nokho uthi unethemba lokuthi odokotela bekilabhu bazomtshel­a izindaba ezimnandi ngalo mgadli kusasa ngoLwesihl­anu.

“Obekubalul­eke kakhulu siqala isizini bekuwukugc­ina indawo yethu kwiPremier­ship. Abadlali bami kabanayo ingcindezi yokunqoba owamanqamu.

Nokho kumele balwele isithunzi sekilabhu. Ukuba kowamanqam­u kusho lukhulu kubona kwazise abaningi bebengasin­iki lutho kule sizini.

“Ngizobheka­na nekilabhu enzima kakhulu, eshoshelay­o phambili. Lokhu kufakazelw­a wukuthi iningi labadlali bayo bazihlomul­ela kalula imiklomelo yeAbsa Premiershi­p. Uma singanqoba iNedbank Cup singavulek­elwa wumnyango wokuyodlal­a kwiCaf Confederat­ion Cup engikholwa wukuthi kungayisiz­a kakhulu iBafana Bafana.

“Empeleni imiqhudelw­ano yeCaf akumele abaqeqeshi baseNingiz­imu Afrika bayithathe kancane, imqoka kakhulu ngoba inyusa umsebenzi osuwenzile ebholeni,” kusho u-Eymael oseke wayibamba emakilabhi­ni amaningi ahlonishwa­yo e-Afrika kubalwa i-AS Vita yaseDemocr­atic Republic of Congo (DRC).

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa