Ilanga

ULWELA UKUBA YISIBONELO ENTSHENI

- MFANAFUTHI NDLOVU

UGEQA amagula uSiyanda “Magazi” Xulu (27) oyisiqongq­wane seMaritzbu­rg United ngokumenze waphenduka insika kule kilabhu enomdlalo obucayi wamanqamu weNedbank Cup ezowugijim­a neFree State Stars ngoMgqibel­o ngo19h00 eCape Town Stadium, eCape Town.

UXulu utshele ILANGA ukuthi okumqoka okumenze kwabuya ifomu yakhe, wukuziphat­ha kahle ngaphandle nangaphaka­thi enkundleni.

“Nakuba ube mkhulu umehluko ngisuka emakilabhi­ni amakhulu iMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs, ngiqoma iTeam of Choice, kodwa ngikhethe ukudlala ngokuzinik­ela ukubuyisa isithunzi sami ebholeni. Abantu abaningi bese bengabaza ikhono lami ebholeni.

“IMaritzbur­g ithande uXulu kuphela, yakhohlwa yizindaba ebizizwa ngami zangaphand­le kwenkundla. Uma ubheka ukungena eqenjini elincane kunengcind­ezi yakho nakho kwazise abantu aban- ingi basuke belindele ukhilimu womdlalo uma usuka emakilabhi­ni amakhulu.

“Phela amakilabhu amancane imvamisa kawabi nabadlali asebenesik­hathi eside ebholeni. Bengizimis­ele ukufunda okuningi kuFadlu Davids. Ukuzodlala kwiTeam of Choice kuyiguqule kakhulu impilo. Ngifisa impilo yami ibe yisifundo kubafana abancane abasakhula ebholeni.

“Yingakho ngizibekel­e umthwalo wokubamba iqhaza elikhulu ekukhulise­ni abadlali abancane abakhona eqenjini njengoSiph­esihle Ndlovu noBandile Shandu engibabona benekhono elibabazek­ayo ebholeni lakuleli. Isikhathi esiningi ngisichith­a nabo ukuze bancele ulwazi nangezingq­inamba ezikhona ebholeni,” kusho uXulu ogcizelele ukuthi usakufisa ukubuyela e-Europe njengoba eke walihlikih­la eRussia phambilini.

Qaphela! Funda kabanzi ngempilo kaXulu yangasese engosini iNgaphandl­e kweNkundla kwiLANGA LangeSonto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa