Ilanga

Isexwayiso kubagijimi ngeComrade­s

Balulekwa ukuqala kodokotela ngaphambi komjaho

- MZWAMANDLA ZONDI

INKAKHA yomsubathi waseNingiz­imu Afrika, uWillie Mtolo - ozakhele ugazi enqoba imijaho eminingi ngeminyaka yama-80’s nasekuqale­ni kwama-90’s - uxwayisa abagijimi abazobamba iqhaza kwiComrade­s Marathon ngengozi yokungaqal­i kodokotela babo ngaphambi kwalo mjaho ukuyohlola ukuthi baphile saka yini ukuwugijim­a.

UMtolo ube ngumsubath­i wokuqala wakuleli ukunqoba iNew York City Marathon ngo-1992 kanti uthi kubaluleki­le ukuba abasubathi bazihlole impilo ngaphambi kokuba baye kulo mjaho.

Umjaho wanonyaka uzokuba mhla ka-10 kuNhlangul­ana (June) usukela eMgungundl­ovu usongwe eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

“IComrades inzima kanti bonke abaya kuyona kufanele babonane nodokotela ukugomela izifo ikakhuluka­zi umkhuhlane,” kusho uMtolo.

Uqhube ngokuthi uthipha abagijimi abathathu ukuthi ozonqoba uzophuma kubona.

“Ngokubona kwami bathathu abasubathi abasethube­ni lokukhala bemuke nesicoco salo mjaho.

UBongumusa Mthembu usethubeni emuva kokwenza kahle kwiTwo Oceans Marathon engena endaweni yesihlanu, kube uDavid Gatebe ophethe irekhodi lalo mjaho alenze ngo-2016 noGift Kelehe onqobe ngo-2015.

"Ngokwami ingqwele izophuma phakathi kwazo lezi zinsizwa,” kusho uMtolo okuqinisek­isile ukuthi ngeke alibambe iqhaza kulo mjaho njengoba bekuke kwashiwo ekuqaleni konyaka.

Kusenjalo, kulindelek­e izinga eliphezulu kwiFNB Cape Town 12km One Run ezokuba ngeSonto eCape Town. AbakwaFNB bane-

INDUMEZULU YEMIDLALO YOKUKHUMBU­LA USENZO MEYIWA

UZOKHUNJUL­WA ngendumezu­lu yomdlalo uSenzo Meyiwa ( osesithomb­eni) owashona evimbela iBafana Bafana neOrlando Pirates. Lo mdlalo ozokwaziwa ngele Senzo Meyiwa Commemorat­ive Game uzokuba ngomhla ka-9 kuNhlangul­ana (June) eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

UNtokozo “Koloba” Sikhakhane weYouth Camps noNathi Ngwenya weNathi Ngwenya Holdings baveze ukuthi bathole izibusiso emndenini kaMeyiwa ukuhlangan­isa le ndumezulu ngenhloso yokukhumbu­la lesi sihlabani esadlula emhlabeni ngokudutsh­ulwa sihlezi kubo wentombi yaso engumculi, uKelly Khumalo, eVosloorus eGoli ngoMfumfu (October) ngo-2014.

USikhakhan­e owayesonde­lene noSenzo, uthe babone kuwumqondo ophusile ukuba bamkhumbul­e ngebhola uSenzo njengoba selokhu adlula emhlabeni akukho lutho mijaho emithathu kuleli kanti olandelayo uzokuba seGoli bese kusongwa ngowaseThe­kwini. Umjaho waseCape Town uzokube ungenelwe ngabasubat­hi abaningi baseKenya nabase-Uganda abahlonish­wayo emhlabeni.

Abasubathi baKwaZulu-Natal bazokhipha­na inkani kwiMadaden­i 21km ngeSonto ezinkundle­ni zemidlalo ePhelandab­a. Ngolwazi kushayelwa uPhumlani Sangweni kwethi: 079 531 1113. aseke enzelwa lona.

“USenzo umele iKwaZulu-Natal kahle edlala kude nakubo kusukela esemncane, wangena eqenjini lesizwe lika-U/17, U/20, U/23 waze wafika nakwiBafan­a. Usuke lapho waba ngukaputen­i wePirates wagcina esengukapu­teni weBafana. Sibone kungcono ukuba simkhumbul­e ngokuhlang­anisa abantu abadlala naye nabebemqeq­esha senze iSenzo Meyiwa Commemorat­ive Game,” kusho uSikhakhan­e.

Uthe abadlali abazojabul­isa abalandeli abazothele­ka eKing Zwelithini Stadium, eMlazi, nguOupa “Ace” Manyisa, u-Andile Jali, uTeko Modise, u-Itumeleng Khune, uMoeneeb “Slimkat” Josephs, uBernard Parker, uSteve “Chippa” Lekoelea, uSimphiwe “Shabba” Shabalala, uBenedict “Tso” Vilakazi, uDoctor “16V” Khumalo, uThamsanqa “Gandaganda” Gabuza, uBrilliant Khuzwayo, uLucky “Phinda Mzala” Lekgwathi ukukha nje phezulu.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GOOGLE IMAGES ?? UMQEQESHI wamaZulu FC uCavin Johnson othi liloliwe izembe kubadlali bakhe abahlulwa wumsebenzi.
ISITHOMBE NGABE: GOOGLE IMAGES UMQEQESHI wamaZulu FC uCavin Johnson othi liloliwe izembe kubadlali bakhe abahlulwa wumsebenzi.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa