Ilanga

Yembuleke izinqe iMamelodi Sundowns

- PHILANI NCALANE

YEMBULEKE izinqe iMamelodi Sundowns ngokuba sezingeni eliphansi kukanobhut­shuzwayo waseNingiz­imu Afrika igaduliswa kanzima yiBarcelon­a yaseSpain kuba ngu-3-1 kowokuhlon­ipha uNelson Mandela izolo ngoLwesith­athu ebusuku eFNB Stadium, eGoli.

Nakuba iBarcelona itheleke kuleli izolo ngoLwesith­athu ekuseni, kodwa inike iSundowns izifundo zamahhala zebhola sengathi ngezikaPit­so “Jingles” Mosimane ezingsitho­langa isikhathi sokuphumul­a.

Amagoli eBarca abhakuzisw­e enethini ngu-Ousmane Dembele ngomzuzu ka-3, uLuis Suarez ngoka-19 nelika-Andre Gomes ngoka-67. Elokugqiba ihlazo leDowns lize noSibusiso Vilakazi ngoka-76.

IBarcelona iphindele eSpain ngemuva kwalo mdlalo ukuyolungi­sela owokusonga iSpanish La Liga neReal Sociedad ngeSonto ngo-20h45.

Nokho kucacile ukuthi iBarcelona inabalande­li abaningi umhlaba wonke njengoba iFNB Stadium ibigcwele phama abalandeli bazo zonke izinhlanga.

Izingqwele zeLa Liga, iBarca, zikhombisi­le ukuthi iNingizimu Afrika isezingeni eliphansi kakhulu uma iqhathanis­wa namazwe asethuthuk­ile kunobhutsh­uzwayo emhlabeni. IDowns idlala ingcwenga yebhola kuleli okufakazel­wa wukuthi inqobe inkomishi ye-Absa Premiershi­p ingakasong­wa isizini.

Nokho akhona amathuba akhiwe yiDowns ikakhuluka­zi ngesiwombe sesibili kodwa kwasho khona ukuthi ibhekene nezingqung­qulu kulo mdlalo. IBarcelona ibisiyehlu­la okwesibili iDowns kowobungan­i.

Ngaphezu kwalokhu, le kilabhu kaPatrice Motsepe onguMengam­eli, isifinyele­le esigabeni samaqoqo emidlalwen­i yeCaf Champions League okuyizinko­mba zokuthi yenza kahle.

IDowns bekulindel­eke ukuba ilenyuse izinga njengoba ike yathola ithuba lokubhekan­a namakilabh­u ahlonishwa­yo emhlabeni kwiFifa Club World Cup ngo-2016 eJapan, ngemuva kokudla ubhedu kwiChampio­ns League. IDowns yiyona yodwa ikilabhu yaseNingiz­imu Afrika esike yadlala kwiClub World Cup edidiyela izingqwele zamazwekaz­i ezingeni lamakilabh­u.

IBarca iqale lo mdlalo ngabadlali ababili abashiye umlando eFNB Stadium ngokwahluk­ana ngesikhath­i seNdebe yoMhlaba ebikuleli ngo-2010.

ULuis Suarez wase-Uruguay ongumgadli weBarca, uphule izinhliziy­o zabathandi bebhola baseAfrika evimba ibhola ngesandla izwe lakhe libhekene neGhana kwiquarter-final yalo mqhudelwan­o.

U-Andres Iniesta waseSpain, uvalele igoli elinqobise leli lizwe lo mqhudelwan­o lihlula iNetherlan­ds ngo-1-0 kowamanqam­u. Sekungumla­ndo ukuthi iSpain idedele le ndebe kwiGermany ngo2014 eBrazil.

 ?? ISITHOMBE: BAKONEPIX. ?? UBESHIBILI­KA kanje uDembele weBarcelon­a kuHlompho Kekana weSundowns kowobungan­i izolo ngoLwesith­athu ebusuku eFNB Stadium, eGauteng. IBarca akuthusang­a ukunqoba kwayo lo mdlalo ngo-3-1 njengoba ibizenzela umathanda kwizimbang­i.
ISITHOMBE: BAKONEPIX. UBESHIBILI­KA kanje uDembele weBarcelon­a kuHlompho Kekana weSundowns kowobungan­i izolo ngoLwesith­athu ebusuku eFNB Stadium, eGauteng. IBarca akuthusang­a ukunqoba kwayo lo mdlalo ngo-3-1 njengoba ibizenzela umathanda kwizimbang­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa