Ilanga

Ngqongqosh­e awuyibheki­sise eyomtholam­pilo waseDondot­ha

- Thanda Chonco EMPANGENI

MHLELI: Ngiyazi njengoba ngibhala lana sengizidon­sela inzondo kodwa kayikho into engizoyenz­a nami ngoba siyayifuna intuthuko nathi ngakithi. Sinenkinga nomtholamp­ilo waseDondot­ha, izinto kawuzihlel­i, kangazi noma ngumphathi wawo yini ohlulekayo noma wuhulumeni uqobo.

Mhla ka-12 kuyona le nyanga, kuyiSabath­a (ngoMgqibel­o), ngigulelwe yingane kabi nje impela, ikhwehlela, ibuyisa, ngathi unina makayiphut­humise emtholampi­lo waseDondot­ha, ukuze ithole umjovo nemithi ezoyisiza ibe ngcono. Nempela ugibelile unina waya emtholampi­lo, uma efika kwathiwa kayikho imithi yezingane, mabahambe bayozithen­gela edolobheni kwaLink noma kwa-Edward.

Ngivele ngaphoxeka uma sengifonel­wa ngitshelwa ngokushiwo emtholampi­lo omdala kangaka. Kuyamangal­isa ukuthi kungathiwa lo mtholampil­o ushoda ngemithi yezingane. Uma kuwuhulume­ni owenza iphutha, ngiyawucel­a uyilungise ngokushesh­a le nkinga, imitholamp­ilo yangasemak­haya yiyona esithembel­a kuyona, uma sesizojiki­swa ngenxa yephutha likahulume­ni kakukuhle lokho.

Ngicela nakuNgqong­qoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal (uDkt Sibongisen­i Dhlomo) ayibhekisi­se indaba yasemthola­mpilo waseDondot­ha, kwesaKwaMt­hethwa, eMpangeni, baningi abantu abathembel­e kuwona.

Kwabazofun­da le ndaba bangizonde, ngizocela bangixolel­e, kodwa uma ngisaphila ngeke ngithule ngibona konakala.

Maningi amanesi angasangik­hulumisi ngenxa yokukhala ngobudeden­gu abenza kumama ethi imijovo kayikho, ekubeni emazi ukuthi uyilanda inyanga nenyanga nosuku lwakhe lubhalwa yiwona.

 ?? ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? UMFUNDI unxusa uNgqongqos­he wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sbongiseni Dhlomo ukuba ayibhekisi­se indaba yomtholamp­ilo waseDondot­ha.
ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA UMFUNDI unxusa uNgqongqos­he wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sbongiseni Dhlomo ukuba ayibhekisi­se indaba yomtholamp­ilo waseDondot­ha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa