Ngqongqoshe awuyibhekisise eyomtholampilo waseDondotha
MHLELI: Ngiyazi njengoba ngibhala lana sengizidonsela inzondo kodwa kayikho into engizoyenza nami ngoba siyayifuna intuthuko nathi ngakithi. Sinenkinga nomtholampilo waseDondotha, izinto kawuzihleli, kangazi noma ngumphathi wawo yini ohlulekayo noma wuhulumeni uqobo.
Mhla ka-12 kuyona le nyanga, kuyiSabatha (ngoMgqibelo), ngigulelwe yingane kabi nje impela, ikhwehlela, ibuyisa, ngathi unina makayiphuthumise emtholampilo waseDondotha, ukuze ithole umjovo nemithi ezoyisiza ibe ngcono. Nempela ugibelile unina waya emtholampilo, uma efika kwathiwa kayikho imithi yezingane, mabahambe bayozithengela edolobheni kwaLink noma kwa-Edward.
Ngivele ngaphoxeka uma sengifonelwa ngitshelwa ngokushiwo emtholampilo omdala kangaka. Kuyamangalisa ukuthi kungathiwa lo mtholampilo ushoda ngemithi yezingane. Uma kuwuhulumeni owenza iphutha, ngiyawucela uyilungise ngokushesha le nkinga, imitholampilo yangasemakhaya yiyona esithembela kuyona, uma sesizojikiswa ngenxa yephutha likahulumeni kakukuhle lokho.
Ngicela nakuNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal (uDkt Sibongiseni Dhlomo) ayibhekisise indaba yasemtholampilo waseDondotha, kwesaKwaMthethwa, eMpangeni, baningi abantu abathembele kuwona.
Kwabazofunda le ndaba bangizonde, ngizocela bangixolele, kodwa uma ngisaphila ngeke ngithule ngibona konakala.
Maningi amanesi angasangikhulumisi ngenxa yokukhala ngobudedengu abenza kumama ethi imijovo kayikho, ekubeni emazi ukuthi uyilanda inyanga nenyanga nosuku lwakhe lubhalwa yiwona.