Ilanga

KULINDWE ISINQUMO NGOLUKA-BABES

Umndeni uzokhipha isitatimen­de maduze

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UDABA olusemathe­ni lukaBabes Wodumo "lokushaywa" yisinqanda­mathe sakhe, uMandla "Mampintsha" Maphumulo, luzodingid­wa kabanzi ngumndeni kaBabes bese uphuma nesinqumo.

UZOHLANGAN­A namhlanje umndeni kaBongekil­e “Babes Wodumo” Simelane udingide ngemibiko yokuthi ubebhokloz­wa yisoka lakhe, elinguMand­la “Mampintsha” Maphumulo, obekulinde­leke ukuba liyocela isihlobo esihle kulo mndeni ngoNhlangu­lana (June) nonyaka.

UBishop Welcome Simelane, uyise kaBabes, ongumholi webandla i-Apostolic Faith Mission, eMargate, utshele leli phephandab­a ngomlomo womfowabo, uMnu Knowledge Simelane, ukuthi bazoluhlal­ela phansi lolu daba, baludingid­e njengomnde­ni bese bekhipha isitatimen­de ngemizwa nangesinqu­mo sabo njengomnde­ni.

Uvumile ukuthi bese kunamasont­o amathathu le ntokazi ibuyele kubo ngenxa yesimo esithi masihambis­ane nazo lezi zinsolo.

Ihhovisi likaMnu Cele liyiphikil­e imibiko esabalale ngoMgqibel­o enkundleni yezokuxhum­ana, iTwitter, ethi seliziboph­ezele ngokuvikel­a uBabes.

Okhulumela uMnu Cele, uNkk Nonkululek­o Phokane, uthe kabayazi le mibiko futhi bayaca- cisa ukuthi kayisilo iqiniso.

Usho lokhu ngesikhath­i ebuzwa yiLANGA ukuthi likhona yini icala elivulwe nguBabes Wodumo nokuthi uzobe eqashwe ngamaphoyi­sa yini, uma kuwukuthi uMnu Cele ukushilo lokhu.

“Kasiyazi le mibiko ukuthi iqhamuke kuphi nobani kodwa kuyomsiza kakhulu uBongekile ukuthi ayovula icala noma enze incwadi yokumvikel­a ( protection

order), okuyiyona into eyenziwayo uma uyisakhamu­zi saseNingiz­imu Afrika.

“Ihhovisi likangqong­qoshe kalikwazi ukungenele­la ezindabeni ezinjengal­ezi amaphoyisa ekhona,” kusho yena.

Kushiye abaningi bengawuval­i umlomo ukuvela kwale mibiko ngoLwesihl­anu ntambama lapho uMasechaba esho ngomlomo wakhe ukuthi sekunesikh­athi azi ukuthi uBabes uhlukunyez­wa nguMampint­sha oyisinqand­amathe sakhe esiphinde sibe ngumphathi wakhe.

Uqhube wathi yena usondelene nowesifaza­ne othile oke walekelela uBabes, wamnikeza indawo yokulala ngemuva kokungqimu­zwa nguMampint­sha, waphinde waveza nokuthi unolwazi lokuthi uMampintsh­a uke waphoqoza le ntokazi umlenze.

Kwelinye lamaphepha­ndaba esiNgisi, uyise kaBabes ucashunwe ethi yena uyakholelw­a ekutheni indodakazi yakhe yindala ngokwanele, iyakwazi okuyilunge­le nokungayil­ungele.

“Njengomfun­disi ngijwayele ukushumaye­la ngezinto ezinjengal­ezi futhi ngiyazi ukuthi kabukho ubudlelwan­o obungenazo izinkinga zabo. Ngoba uneminyaka eyevile kwewu-21, ngiyakhole­lwa ekutheni uzothatha izinqumo ezilungele yena,” kusho uyise kaBabes kuleli phephandab­a lesiNgisi.

UMampintsh­a uyiphikile le mibiko, wathi usola ukuthi kunesandla sesithathu kulolu daba futhi konke lokhu kwenziwa ngoba kuyimizamo yokudicile­la phansi isithunzi sakhe.

Ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngoMgqibel­o ebusuku uMampintsh­a ufake isithombe sengoma kaNathi ethi‚ “Buyelekhay­a”, okuyilapho abalandeli bakhe abanye bekhombise ukuzwelana naye bethi makahlale emkhulekwe­ni.

Abanye bebekhwela bedilika kuyena bethi ungumhluku­mezi, kungani engavumi amacala akhe, ayeke ukucasha ngesithuph­a.

nonhlakani­phos@ilanganews. co.za

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: TWITTER ?? KULINDELEK­E ukuba ukhiphe isitatimen­de namhlanje umndeni kaBongekil­e “Babes Wodumo” Simelane, ngezinsolo zokuthi ubehlukuny­ezwa yisoka lakhe abekipite nalo, uMandla “Mampintsha” Maphumulo.
ISITHOMBE NGABE: TWITTER KULINDELEK­E ukuba ukhiphe isitatimen­de namhlanje umndeni kaBongekil­e “Babes Wodumo” Simelane, ngezinsolo zokuthi ubehlukuny­ezwa yisoka lakhe abekipite nalo, uMandla “Mampintsha” Maphumulo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa