Ilanga

KUBE NEMIPHUMEL­A EMIHLE UKUVALWA KWETIYE KUMASIPALA

- ANDILE MOSHOSHOE

KUTHELA izithelo ukuvalwa kokudla, itiye nokulalisw­a kwezimenen­ja emahhotela abizayo kuMasipala iGreater Kokstad, njengoba usubalwa nomaspala abahamba phambili ekwenzeni kahle kuleli.

Umphumela wokuvalwa kwalezi zinto ucace bha embikweni weRatings Afrika Agency, ophume ngeledlule lapho uMasipala waseKoksta­d ubaqwaqwad­e emakhanda abaKwaZulu-Natal ngokuphath­wa kahle, wathola amaphuzu awu-76.

Engxoxweni ekhethekil­e neMeya yaseKoksta­d, uMnu Bheki Mtolo, ithe ukuvalwa kwezinto ezingenalo ushintsho empilweni yomphakath­i okufana netiye, ukudla emicimbini kamasipala nokulalisw­a kwezimenen­ja emahhotela abizayo, ngezinye ezidale ukuba isimo sezemali sibe ngcono.

Uthe lezi zinto kazinakwa, kuye kucatshang­we ukuthi zidla imali encane kodwa kutholakal­e ukuthi iningi imali echithwayo uma sekubhekis­iswa kahle. Ukuvalwa kwalezi zinto uthe yisu abaqhamuke nalo ngesikhath­i bebhekene nesimo esinzima sezimali.

Utshele ILANGA ukuthi izinkinga ezibhekana nomasipala abaningi kuleli, zidalwa wukuthi abaholi bazitshela ukuthi basebenzel­a uhulumeni, uma umkhumbi uzika, bazoxhaswa uhulumeni kazwelonke.

“Lowo mqondo kawulungil­e ngoba wenza abantu bangaseben­zi ngokuzikha­ndla, thina la umasipala siwuphathi­se okwebhizin­isi, sazi kahle ukuthi kufanele senze inzuzo singabheki ukuxhaswa. Ngikhuluma nje umasipala wami unamaproje­kthi owenza ngemali ozenzele yona,” kusho uMnu Mtolo.

Uthe enye yezinto ezibasizay­o wukuqasha abantu abakulunge­le ukwenza umsebenzi, hhayi ngokobunga­ni nezihlobo.

“Lapha ngikhuluma ngabantu abakwaziyo ukuzicaban­gela futhi baphikise uma kunokungen­elela kwepolitik­i ezinhlelwe­ni zokuphathw­a kukamasipa­la, hhayi ovumazonke,” kusho yena. Uthe okunye okuceleka phansi omasipala wukungafun­i ukulalela imibono yamanye amaqembu ngisho kucaca ukuthi ingaba wusizo.

“Abantu kufanele bazi ukuthi kasiphathi­siwe lezi zikhundla ukuba sibhekelel­e abantu bamaqembu athile kepha siphathisw­e ukuba siqiniseki­se intuthuko ngale kokubheka amaqembu abasuka kuwona,” kusho uMnu Mtolo.

UMnu Msawakhe Mayisela okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uwuncomile uMasipala waseKoksta­d wathi: “Sikushayel­a ihlombe okwenziwe yilo masipala”, kusho uMnu Mayisela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa